 Cov 199:

ISITUPHA YESIHLANU

UMHLANGANO WOKUQALA NOWESITHATHU	OJWAWELEKILE	MHLAKA 10, 23, 24, 25 KU NHLOLANJA NANGOMHLAKA 16 KU NDASA 1999


UMQULU 1

 Vol 199:

Isikhulumi:  Siyabonga.  Sengizobiza ilunga elihloniphekileyo uMnumzane  M A Tarr  ozokhuluma  eight   minutes .  Mnumzane  Tarr is not umugqa ?  Sizoqhubeka ngoba nakhu ngibona sengathi ilunga alikho elihloniphekileyo.  Ngizonikeza ilunga elihloniphekileyo  I C Meer  ozokhuluma u-20.  minutes .
[ ikhasi 29 umugqa  11-15]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba Somlomo, okokuqala angilungise leyandawo okuke kwakhulunywa ngayo engicabanga ukuthi mhlawumbe izolunga uma abantu besenabo ubulungiswa.  Kukhona indawo lana ethintwe uMhlonishwa laphaya uBheki Cele, la ekhuluma khona ngokuthi laba  bama-special   branch  bathinte igama leNkosi, negama lami, negama  lika-Powell .

Ngicabanga ukuthi uBheki Cele uzokuqonda lokhu ukuthi ilekwangena  loHulumeni  okuthiwa ubumbano  likaHulumeni  kwadaleka. angizukuphazanyiswa inina.  [UHLEKO]

Ngicabanga ukuthi iyo kanye inkinga esifake enkathazweni  kule-Province , ngoba kulandwe abantu ababesekudingisweni okuthiwa bawuMkhonto bazofakwa kuzona zonke  iziteshi  lezi.  Manje okusho ukuthi labobantu bafakelwe ukuthi bakwazi ukubhubhisa amanye amaqembu aphikisana  no-ANC .

Iloko engicabanga ukuthi ileyonto okufanele mayibhekwe futhi ngicabanga ukuthi Baba Somlomo.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba Somlomo, ngicabanga ukuthi kuyangihlupha mina  David  Ntombela ukuthi kungani namhlanje uma kukhulunywa ngendaba  yase-Richmond  kususwe umsindo omkhulu kangaka.  Ngoba ngicabanga ukuthi wonke umuntu okulendlu ukhathazekile ngezinto ezenzeka  e-Richmond .

Baba Somlomo, ngicabanga ukuthi nendlu ehloniphekile - iqiniso elingephikwe ukuthi uzakwethu lapha ngaphesheya owuSihlalo  kule-Portfolio   Committee   yakwa-Safety   and   Security  uMhlonishwa uBheki Cele wakusho kwagcwala umlomo ukuthi abasoze bayihlonipha Inkosi uNgubane.  Noma ngabe benzani abasoze bayibikela Inkosi uNgubane.  

Nizokhumbula ukuthi kubulawe uNyoka eMatimatolo  u-ANC  akazange aphawule ngalutho ngokufa kukaNyoka nendodana yakhe, akukho ake akuphawula  u-ANC .   U-ANC  akazange aphawule lutho ngokukhathazeka ngokufa kukaNkabinde kodwa esikhundleni salokho  u-ANC  ukhulume into eyilumbo ukuthi ngabagadi  baka-ANC  okungenzeka ukuthi bambulele.

Bakhuluma ukuthi kukhona isandla sesithathu esingenzeka ukuba siyathinteka ekufeni kukaNkabinde.  Mangisho Baba Somlomo, ukuthi mina  David  Ntombela nabazwelana nokufa kwanoma imuphi umuntu,  i-IFP  ikhiphe amalunga ayo ayohlonipha mhla kufe ilunga elalikulendlu uBheki Mthembu, baya bayomgcwaba.

Uma sekufa uSifiso  u-ANC  akazange enze lutho, akazange enze lutho esikhundleni salokho wagwemisa ukuthi ubulewe ubani uSifiso.  Ngidabuka kakhulu ukusho ukuthi ngelanga lomgcwabo uzakwethu lapha owuSihlalo   wale-Portfolio   yezokuPhepha wayekhona  e-Richmond  ehleli phansi kwesihlahla nabafana angazi ukuthi wayegadeni.  Isimanga ewuSihlalo angimazi ukuthi wayefunani lapho.

Mangishoke Sihlalo ukuthi ukufa kwabantu into edabukisayo ngoba ukungahlonishwa  kuka-Minister   we-Province  Inkosi uNgubane kukhombisa ngokusobala ukuthi  u-ANC  ufihle induku emqubeni, ngoba uma kwenzeke into  kwi-Province  isho uMhlonishwa  i-Minister  uMafumadi uvele ahlise  amaphoyisa  ngaphandle ngokuxhumana neNkosi uNgubane azogidagida la, awazi ukuthi asuke ethweleni.  Asuke ezokwenzani?

Okwesibili njengoba ezinye izikhulumi sezikhulumile ukuthi afikile  amaphoyisa   -  uHulumeni   omkhulu wawakhipha  amaphoyisa   e-Richmond  wabanika ojolisaka wathi awaphume wafaka awakhe.  Kodwa kuyadabukisa ukuthi uSifiso Nkabinde ufe emini ilanga libalele emgwaqeni omkhulu ukuthi ayekuphi  lawomaphoyisa .

Mangisho ukuthi namhlanje sikhuluma udaba olubi engicabanga ukuthi  u-ANC   no-IFP  laba abaholwa  u-Premier  wala, noBaba uNyambose, noMhlonishwa uNxamalala laphaya kwakhiwe izinhlaka zokuba kube khona ukuthula phakathi kwalamaqembu omabili kwaze kwafakwa  i-National   Party ,  o-DP , nawonke amaqembu ngoba kwakhiwa ukuthi akube khona ukuthula.  Kuyamangalisa ukuthi sikhuluma namhlanje ngendaba embi  yase-Richmond .

Bengithanda ukubuza Baba Somlomo, ukuthi uphi umkhwenyana wakwami uMhlonishwa uMkhize sizokhuluma izindaba ezijule kangaka, kungabe uyagula, kungabe uvakashile, kungabe uyephi?  Kuyangihlupha mina  David  Ntombela lokho isimanga leso.

Ngicabanga ukuthi Baba Somlomo, ukukhipha kwakhe  u-ANC  enza lezizinto kuyangihlupha ukuthi walelana  u-ANC  ukuba akhulume nenhlangano  ye-UDM ?  Ngoba wayibiza ngokuthi izigebengu.

Angazi Baba Somlomo, ukuthi amanye amaqembu  anjengo-National   Party ,  no-DP ,  no-PAC   no-IFP  babekhuluma kanjani ngoba uSifiso  eku-ANC  ubulawe abantu abangaphezu  kwe-thousand  lapha  e-Richmond  amalunga   e-IFP  .  USifiso ufa nje useshilo ukuthi sengizohlanza wonke amaqiniso.

Umndeni wakwaNzimande wabulawa uyena uSifiso enamalunga  ka-ANC  wawasho amalunga  ka-ANC  ukuthi obani ababekhona lapho.  Umuntu  odiliva  izibhamu Ezingolweni wamusho uSifiso.  Umuntu  odiliva  izibhamu la  kule-Province  wamusho uSifiso.  Uma kubonakala ukuthi lelithumba liyaqhuma, kuyasimangaza uma eseqhumisa okwekhowe uSifiso afe.  Isimanga into emangalisayo leyo.

Ngicabanga ukuthi akufanele sithi uma sikhuluma loludaba kubekhona izinto ezizofihlwa.  Aziphumele obala ngoba indaba yaseZingolweni siyayazi, siyayazi ukuthi ubani  odiliva  izibhamu laphayana.   Kwi-Province  siyazi ukuthi ubani  odiliva  izibhamu, siyakwazi lokho.

Kuyangihluphake mina ukuthi sikhulume ngokuthi kubekhona izinto esizozifaka ngaphansi  kwekhaphethi  ngoba inhloso yethu sisonke la eyokuphephisa imiphefumulo yabantu bakaNkulunkulu.  Uma namhlanje sizokhuluma ukuthula ngala, sizokhuluma ukuthula ngala,   uHulumeni   oholwa  u-Premier   w e-IFP   akhiphe  imali  yokuthi akubekhona  ikomiti  lokuthula aze akhiphe  izimoto  zakhe, akhiphele  izimoto  zokuthwala izibhamu?   izimoto  zokuthwala izibhamu zokuthi ziyotshalwa ukuthi akubulwe abantu?

ISIKHULUMI:  Ilunga elihloniphekile  lineminithi  elilodwa qwaba elisele.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Baba Somlomo, ngidabuka kakhulu ngoba igama leNkosi uNgubane, likhona igama lokuthi...

MNUMZANE B H CELE:  Iphuzu lokunhlanhlatha Baba.  

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Uhlatshwa yini hlala phansi, hlala phansi. Uhlatshwa zibhamu lezi engikhuluma ngazo, ziyakuluma izibhamu. [UHLEKO]  

ISIKHULUMI:   Order   please ,  ilunga elihloniphekileyo uMnumzane uCele.  

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Somlomo, ngivikele Baba ngoba kufunakala akuqonde ukuthi uyena  o-out of order  manje.  Futhi kuyangihlupha mina ukuthi uSihlalo  wale-Portfolio  yezokuPhepha kube uyena emshisayo lento imhlabe.  Angimazi ukuthi uhlatshwa yini, angimazi ukuthi uhlatshwa yini?

Ngoba izibhamu esikhuluma ngazo zigcwele yonke indawo, zigcwele Ezingolweni angazi ukuthi uhlushwa yini?  Siyafuna ukuthi uNkabinde ubulawe ubani?  Labantu abawu-11 babulewe ubani sifuna ukubazi ukuthi labobantu babulewe ubani?

Yini ngempela ekulumayo wena mfana wami, ulunywa yini?  Yini lento ekuhluphayo?  Ngiyabuza ngithi mina namhlanje kufanele nikuqonde ukuthi ayikho into eyoba senfihlakalweni kuze kube ingunaphakade ibhayibheli liyakusho lokho.  Yonke into iyohlala ithi bha okwempahla yembuzi, kunjalo.  Ngiyathokoza. [UHLEKO]
[ ikhasi 55 umugqa 28 - ikhasi 59 umugqa 29]

 THE SECRETARY :  Umphakathi osivakashele uyacelwa ukuthi uma usuka lapha ushone ngaseNingizimu lapho uzothola khona ukudla okuya ethunjini.  Abantwana baseNdlunkulu, namaKhosi,  namaKhansela  akhona bayacelwa ukuba baye  eholo   elise-B South  lapho bezothola khona ukudla.  Ngiyabonga.   Our guests, I believe are all aware where they are supposed to go after the House adjourns .   Thank you .
ikhasi 81 umugqa 17-22]

MNUMZANE M MABUYAKHULU:  Ngiyabonga Baba Somlomo.  Okokuqala nje ngifisa ukubongela uMhlonishwa uNxamalala noMnyango wakhe ekuwubekeni phambi kwaleNdlu yesiShayamthetho, umthethosivivinywa obaluleke njengalo.

Okokuqala nje kuyiqiniso ukuthi sesihambe isikhathi eside selokhu yaqala sabalelwe  uHulumeni   waKwaZulu-Natali  ngo-1994, lakhona sikhuluma njalo umasihlangene sibhekane nokwabiwa  kwezimali  ukuthi asiphuthumise indaba yokuthi silethe uguquko enhlanganweni lena  u-KFC .

Usemqokake lomthethosivivinywa ophambi kwethu namhlanje. Ubumqoka bawo Baba Somlomo, kusukela ekuthenini siyazi njengoba ekhulumile uMhlonishwa uNgqongqoshe ophethe lomnyango ukuthi kube nemibono eminingi yokusebenza kwenhlangano lena  u-KFC .

Isebenze kahle kwakhona lapho bekhala khona, kodwa ngaphezu kwakho konke lokho kuke kwatholakala futhi ukuthi inkinga enkulu ebhekene nayo igunya layo langokomthetho ebelenza ukuthi lingaphumeleli ekwenzeni imisebenzi yawo ebihlelelwe ukuba iwenze ngendlela efanelekileyo.

Okuyikona okukhulu Baba Somlomo, ukuthi lomthethosivivinyo oletha uguquko uwumthethosivivinyo okuzothi uma usuphasile usungumthetho.  Sinethemba lokuthi phezu kwenzinto okuzona ezizodinga ukuba zibhekelelwe kakhulu eyokuqala nje ile:- okuzodinga ukuba kubekwe phambili lezonhlelo ezizokwenza ukuthi lusheshe lubonakale uguquko ezimpilweni zabantu bakulesiSifunda  saKwaZulu-Natali .

Lokho kuyahambisana nosomqulu lo uMhlonishwa ophethe loMnyango akade ekhuluma ngawo ogunyaza ukuthi  ibhodi  entsha izobe ibekiwe ibhekele lezonhlelo ezizoba nomthelela ozokwazi ukubonakala kalula ekwenzeni kwawo uguquko ezimpilweni zabantu abaningi kulesiSifunda.

Ngaphezu kwalokhu Baba Somlomo, okunye okuyikona okusemqoka ukuthi  ibhodi  entsha lena uma isibekiwe okuzodinga ukuthi isibhekele kakhulu isimo esimayelana nokuthi inhlangano lena entsha Ithala ikwazi ukuzimela  ngokwezezimali .

Ikwazi ukusebenza ingathembele ukuthi kukhona ezobuye ikuthole emthombeni  kaHulumeni .  Njengoba sazi phela ukuthi isabelo  sezimali  esinaso asanele ukufeza yonke imisebenzi yentuthuko yomphakathi.

Ngakho-ke siyakholelwa ukuthi  lebhodi  ezobe isibekiwe eminye yemisebenzi yawo ukuba isinikeze thina njengeSishayamthetho kanye nezinhlaka zesiShayamthetho uhlelo olucacile ukuthi kuzokwenziwa kanjani ukuthi Ithala ikwazi ukuzimela  ngokwezezimali  inganciki  kuHulumeni .

Okunye engicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi Ithala njengenhlangano ezobe isisebenza ingasangqindi amandla, isisebenza ngaphansi kwesimo esisha lapho sekunamathuba khona amasha.

Sizodinga futhi nokubona ezinhlalweni zokuphatha kwalo Ithala.  Sibona abantu bebala bekhuphuka kuwona wonke amazinga bekwazi ukuphatha babesezihlalweni zokuphatha.

Ikakhulukazi laba ababekade vele bencishwe amathuba ngaphambili, benikezwa lawomathuba okuba babesezikhundleni zokuphatha.  Loluguquko esidinga ukuba silibone lwenzeka. 

 ibhodi  entsha silindele ukuthi uma isikhethiwe ibe nohlelo futhi nalapho ezokwazi ukulibeka kithina njengeshayamthetho,  njengoHulumeni  ukuthi hlelo luni abanalo lokuqinisekisa ukuthi ngempela uguquko lapho kulesosigaba nakhona luyenzeka.

Phezu kwalawomazwi Baba Somlomo, ngifisa ukuba ngithi siyawamukela lomthetho, siwusekela ngaphezu kokuthi sikholwe ukuthi uzokwenza ubungcono kodwa uma kuwukuthi kukhona lapho kusala khona, uguquko into engamiyo, luhlale lwenzeka ngasosonke isikhathi.  Baba Somlomo.
[ ikhasi 111 umugqa  23- ikhasi 113 umugqa 24]

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Somlomo Baba, ngithokoza kakhulu ukuba ungiphe lelithuba noma lilifushane, umntomdala kangaka umnike imizuzu emihlanu.

Kodwa-ke nokho ngoba ngizokhuluma nje, ngikhuluma odabeni olubaluleke kakhulu lapha kulomthetho esikhuluma ngawo kukhona izikhiye zalokuhlangana kwethu layindlini.  Emagameni amane, esontweni ngikholwa emagameni amathathu.

Lapha emagameni amane ngifisa sizwe kahle igama  elithi-Development   Finance   Corporation   Investment  lezinto ziphelele kulomthetho zonke.  Lokhu kuphelelisa ukuhlangana kwethu layindlini.

Noma ngesinye isikhathi kuye kudabukise.  Ungivumele kancane nje Somlomo ngike ngibabhedele kancane nje ngizogcina namhlanje.  Ngoba phela mina ngakhulela esithenjini, uyabona esithenjini kukhona ukuthi umuntu ake asukele ekuseni lize liyoshona ethi uyakhuluma epikla.

Ukulalele layindlini kuthiwa kuyakhulunywa kupiklwa.  Manje ngithi uma sibhekela ngalezinto engathi umpiklo awubeseceleni ezingqondweni zethu kungene lokhu.

 I-development  uma bekungadivelophwa thina lapha  ema-upstairs  bekuyosiza ukuba sikwazi  ukudivelopha  lelizwe. [UHLEKO]  Uyabona Dumsani Makhaye, lalela weMakhaye ngiqondene nani nina abampisholo.

Uyabona njengoba  uHulumeni  wabampisholo, angikhathali noma ngabe iliphi iqembu elibusayo kodwa uma lehlulekile kwehluleke wonke umuntu ompisholo okhona lapha emhlabeni.  Manje umsindo lo kufanele siwenze lena ebhaleni ngoba sisendlini ehloniphekile.  Lapha uyabona nibobuza lapha  ko-United   Party .  [UHLEKO]

Ngibekezeleleni ngiyaqeda khona manje isikhathi sami sifushane bengizokhuluma.  Uyabona laba abamhlophe abekho abantu uNkulunkulu ake wabahlonipha wabanika ulwazi lonke olukhona emhlabeni, ayikho into abangakwazi ukuyenza ngezandla nangezingqondo zabo.  Kodwa wayesebancisha ukuhlakanipha.  [UHLEKO]

Uyabona phela ukuba wayebaphe nokuhlakanipha ngabe abahlulekanga ukuphatha lelizwe.  Manje into eyenza ukuba bahluleke ukuthi uNkulunkulu emfihlakalweni yakhe wabafihlela ukuhlakanipha.  Ulwazi wabanika lonke olukhona.

Thina elwazini, asikakakwazi nokukhanda isondo  lebhayisikile .  Kodwa ukuhlakanipha siyabehlula.  Manje ngithi mina kufuneka ukuba sizwane kahle babuye nalolulwazi kuhlalwe lapha phansi silethe ukuhlakanipha kuhlanganiswe lezinto siyoliphatha lelizwe.

Nina ngoba niyizingane nithi  i-democracy ,  i-democracy , behluleke nayo yafika nabo intanta la phezulu.  Kufuneka ukuba nifunde ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ikhona nizokwazi ukuthuthukisa izwe leli nesizwe sethu.  Sibe isizwe esiphilayo, lokhu okuthiwa  i-Rainbow   Nation  kube iyo ngempela. 

Kodwa uma nihamba kanje nizodala  i-Angola  ngiyanitshela.  Manje ngithi kufuneka ukuthi umthetho onjengalo iwona wodwa umthetho wentuthuko eninawo wokuthuthukisa izwe uqobo ilo, okufuneke niphume nawo layindlini, uhlale unkenteza njalo ezingqondweni zethu ukuthi ngalomthetho njengoba inhloso yethu nesikukhethelwe ukuba sithuthukise lelizwe, sizokwenzenjani.

Singaphumi lapha silingise abamhlophe.  Uyazi uNkulunkulu wabapha ulwazi bakhanda izindiza, bakhanda imikhumbi, bakhanda izibhamu,  nemali  ikubo, nenyama yakubo, nempuphu ikubo, wabanika thina sabasebenzela mahala, behluleka.  [UHLEKO]

Aningitshele yini ababeyiswele, babengaswele lutho.  Kodwa behluleka ngoba abazanga ukuthi baswele into eyodwa ukuhlakanipha kuphela.  Thina sahlala  nokhiye -ke babesathe sabona ukuthi onkabi laba bazosidubula basibulale babesathe sathi " Yes Baas ".  [UHLEKO]

Bagxuma bashona la sathi " Yes Baas ".  Sazi ukuthi ngoba uNkulunkulu usaphila ngelinye ilanga uyophendula.  Manje uma sizokhohlwa nathi silibale, silibalwe ukukhipha izisu sixabane noNkulunkulu uzosilahla ngelinye ilanga asilingise bona, bhasobhani.

Nansi into okufuneka ukuba siyibambe sithuthukise izwe lethu, sithuthukise  ama-upstairs .  Uma sikhuluma sikhulume singapikli.  Ngiyabonga Somlomo.  [KUSHAWA IZANDLA]
[ ikhasi  117 UMUGQA 25- ikhasi 120 UMUGQA  2]


ISIKHULUMI:  Cha,  order please , kuvela isiko elisha lapha lokushaya izandla, ngicabanga ukuthi isiko elisha.  Bengizothi mina lelisiko lizoba ingozi, isiko elihle lokubonga ileli elithi " Hear ,  Hear " ukushaya izandla sike silibone lena ayilana  KwaZulu-Natali .

Angiqhubeke, sengizocela ilunga elihloniphekileyo uBaba uMkhwanazi uzokhuluma imizuzu emibili
[ ikhasi 120 UMUGQA 4-12]

ISIKHULUMI:  Malunga ahloniphekileyo ngifisa ukusho ukuthi lapha izolo ntambama emva kokuguqa kweNdlu, ngithole incwadi engibhalelwe yona amaqembu ezombusazwe  okuyi-ACDP ,  PAC ,  National   Party ,  ANC ,  Democratic   Party  ebicela ibika ukuthi amalunga lawa ahloniphekileyo awezukubabikho namhlanje.

Ngiyafisa ukusho ukuthi ngibonge kulamalunga akhona engiwabonayo abanye bawo babhale lezincwadi.  Ngisho ukuthi  ngokwe-rule  17  of rule of procedure  achaza ngokungabibikho kwamalunga  le-rule  ibeka ukuthi ilunga uma - alikhulumi ngeqembu likhuluma ngelunga, ngifisa kucace la uma kukhona izixoliso kungakuhle kube izixoliso ezenziwa ilunga ayi amaqembu.

Okwesibili engifisa ukukuchaza lapha ukuthi  u-rule  10  kuma-rules   of procedure  ukubeka kucace ukuthi ubani onelungelo lokunquma ngokuhlala  kwePhalamende , nangesikhathi  iPhalamende  lingahlala.

 u-rule  80 uchaza ngendlela umsebenzi weNdlu ongenziwa ngayo, wenziwa obani.  Ngakhoke ngifisa kucace ukuthi ngebhadi elikhulu lencwadi ifike vele sengisenzile isinqumo sokuthi iNdlu izohlala namhlanje njengoba ihleli.

Ngithanda ukudabuka ukuthi amalunga noma amaqembu ezombusazwe aphathe leNdlu ngalendlela ayiphathe ngayo.  Ngisho ukuthi kuyoba kubi kubantu esibaholayo, nabantu ababheke okuthize kithina ukuba amaqembu ezombusazwe aziphathe ngalendlela.

Ngicabanga ukuthi ilunga nelunga liqashiwe ukuba lisebenzele isizwe ngaleyondlela kungakuhle lapho ukuthi amalunga akuqonde lokhu azi ukuthi okufika kuqala ukusebenzela isizwe.  Bese emva kwalokho abese ebuka ukuthi amaqembu abo athini.

Kuyangihluphake uma amalunga ezombusazwe noma amaqembu ezombusazwe ezokwenza lokhu okuthiwa  i-political   boycott   yePhalamende  kuyoba ingozi enkulu lokho.  Ngithi angikusho lokhu ngoba kuyangihlupha ukuba kwenzelokhu. 

Ngithanda ukudlulisa ukuthi angazi noma lencwadi ibhalwe ngaphambi kokuba ngithathe isinqumo kodwa ngiyicoshe ngemuva kokuba iNdlu isiguqile.  Bekuyilokho ebengifisa ukukusho ngenze ukuthi kusasa singayenzi lento noma senzele iNdlu  isekisi  kepha sazi ukuthi sithunywe abantu futhi simelele abantu.

 Let us move on .   So -ke ngiyafisa ukubonga kulamaqembu akhona  i-The New National Party  emelelekile,  PAC , ngokuba babekhona njengoba kungumsebenzi wabo ukuthi babekhona ngoba bayingxenye yokubhalwa kwalencwadi.   Now we will move on to Item No 5 on the Order Paper .
[ ikhasi 126 umugqa 20- ikhasi 127 umugqa 33]

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Ngidlule lapho ngiye kuBaba uMantshinga.  Inkulumo yakho Baba Ndunankulu  weProvince , yayinkulumo eqondile nje. Ekhuluma ngezinto ezifuna ukwenziwa, ofuna ukuzenza, ezinhle futhi.  Ngakho-ke thina  bakwa-PAC  sizithola sisebunzimeni ukuthi singathola  ukuyingayi-criticisa  kakhulu inkulumo yakho.  Ngaphandle kokuthi sifuna ukubeka libelinye nje, lokuthi asethembe ukuthi  you will practice what you preached . Nakho nje esifisa ukuthi kwenzeke.

Uphathe izinto eziningi.  Wakhuluma ngezinto ezibulala  leProvince , ezibulala nalelizwe lakithi.  Indaba yobugebengu,  i-crime  ngesiLungu, esingumbubhisazwe.   I-crime  eseyenza izigebengu kube yizona esezibusa lelizwe, hayi abantu laba abalulungile ababusa lelizwe.

Asethembe ukuthi vele wena neNkosi uNgubane nizoqinisa  namaphoyisa  enu, nibambisane   noHulumeni   oMkhulu njengokusho kwakho.  Uyasho lapho enkulumeni yakho uthi uzobambisana   noHulumeni   oMkhulu, ngoba ezinye izinto ezenza ukuthi izinto zingalungi lapha ekhaya ukungabambisani  koHulumeni   we-Province    noHulumeni   oMkhulu.  Asethembeke ukuthi kuzoba njalo.  

Uphathe indaba yokuthi wena  you will bring the suggestions and  kuhlalwe phansi zixoxwe izinto, iziphakamiso ozilethileyo.   Awu! kuyabongeka lokho.  Sengathi kungaba njalo ukuthi uma uletha imibono, kuhlalwe phansi ixoxwe imibono.  Noma kambeke njengomuntu ohamba phambili awubophelekile ukuthi imibono yonke uyemukele. Kodwa asethembe ukuthi uzokwenzenjalo njengoba lishilo elinye ilungu elihloniphekile ukuthi akube njengoba ukhulumile Mantshinga. 

 You have talked about flexibility in accommodating legitimate interests and expectations .   Le-Province  le inabantu bonke abakhona emhlabeni owadalwa uNkulunkulu

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekileyo isikhathi salo sesiphelile


MNUMZANE MKHWANAZI:  Ngiyabonga Baba Somlomo.  

ISIKHULUMI:  Siyathokoza kakhulu.  

UKhilani izolo uthe kimina sengabalana  nezimali   zalePhalamende  ngaze ngafakwa izibuko.  OKhilani bayathanda ukuzikhulumela nje.  Thinake ikakhulukazi esingakwazi ukukhuluma bese sithula siyizimvu thina.  [UHLEKO]
[ ikhasi 170 umugqa 3-7]

 all of them from  Magalela agasele njengeNgonyama, uHlabangani, uMantshinga abafokazana abaxoshe. Siya kuBaba uNxamalala, uMsholozi nabanye oNgqongqoshe, bavelile  kwikomiti  noMntwana waKwa-Minya uvelile  kulekomiti .
[ ikhasi 180 umugqa 15-19]

Angiyikhulume ngesiZulu lena ngithi qaphu qaphu.  Umhlaba thina  bakwa-PAC  sithi awabiwe ngokwendlela.  Sithi umhlaba awungenziwa  ikhomodithi . Kakhulukazi umhlaba oseMakhosini, ngoba umhlaba oseMakhosini owabantu iyo lendaba abantu uma uthatha umhlaba eMakhosini sewuthengiswa sewusetshenziswa  njengekhomodithi  ukhomishelayizwa.

Iyo lendaba ebanga ukuthi abantu bazogcwala lapha emjondolo babaleke ezindaweni njengoba kwenza abelungu uma befika bathi uma abantu bengayi emgodini babulala izinkomo emakhaya, babaphuca nomhlaba.  Ngiyabonga Somlomo.
[ ikhasi 208 umugqa 8-19]

INKOSI K W MATHABA:  Somlomo Baba, angibonge lelithuba engilitholayo ngokungihlonipha ukuthi nami ngiphefumule kuleNdlu.

Okokuqala ngithi angibonge ingcacisho ekahle ebekwe uMhlonishwa lapha uBaba  u-Peter   Miller   ngokwezimali .  Nami ngihambisana kunye nawowonke amalunga asekhulumile ngaphambili ukuthi isabelo  sezimali  namuhla singconywangconywana, kukhona esiyokwenza kwenzeke.

Okokuqala nje Somlomo Baba, ngithi akengiphendule inkulumo ebekwe uMhlonishwa lapha uBaba uManzankosi ngokuthi isikhathi esingaka  uHulumeni  waKwaZulu ubonakala engazange enze lutho.

Ngithi akusilona iqiniso lokho nginofakazi abalapha endlini, ukuthi  uHulumeni  waKwaZulu obuphethwe uMntwana u-M G Buthelezi usebenze umsebenzi omkhulu.  Ngoba wakhe  izikole  engikholwa ukuthi namuhla  sinoDokotela  esinabo ngale ngaphesheya uMhlonishwa uBaba  u-Doctor  Zweli Mkhize obefunda eDlangezwa  High School   ezikoleni  ezakhiwe  uHulumeni  waKwaZulu, unamaqhuzu namuhla.

Ngedlule lapho.   uHulumeni  wakithi wakhe  amaklinikhi , abantu bakithi bakwazi ukuthi bathole ukusizakala.  Namuhla sinoNgqongqoshe ophethe  lamaklinikhi  ongaleya akhiwa  uHulumeni  wakithi waKwaZulu.  Ngokunjalo futhi  lawomaklinikhi  akhiwa  uHulumeni  omdala avulwa futhi uyena.

Baningi engingababala abaHlonishwa abafowethu oGcabashe.  Sinezigebedu lapha zamadoda ngaleya oBaba oMadondo abaphile  kuloHulumeni  ziqethevu zamadoda alapha namuhla.  Ephethwe ngaMakhosi esebenza edla oBaba uMagubane lapha bayeka izikhwama le njengoba benza umshwanguzo yabantu.  [UHLEKO]  Ngenxa  kaHulumeni  wakithi waKwaZulu angedlule lapho.

Bengithi angiphendule lokhu kwaBaba uManzankosi kungezwakali kambi esengathithi  uHulumeni  omdala wakithi awuzange enze lutho.  Inkosi yami ehloniphekile leya sasifunda nayo  esikoleni  saMakhosi eBhekuzulu nansi lapha iqeqeshwe khona,  esikoleni  esenziwe  uHulumeni  waKwaZulu. 

Kunjalo Nkosi yesiZwe Mhlonishwa sasifunda nayo Inkosi, ngakhoke  uHulumeni  wakithi waKwaZulu omdala usebenzile kakhulu.   uHulumeni  wakithi waKwaZulu usebenzile kakhulu ngoba uze waqasha nezingane zezinkedama ezigcwele lapha eLundi.  Waqasha  othisha  abangakaze baze baxoshwe, sithole isimanga namuhla uma  othisha  uma sebexoshwa, angikho kodwa lapho ningixolele.

 uHulumeni  wakithi waKwaZulu ulethe  amfemu  koSithebe, koMadadeni indaba enkulu kwafika oMabuyakhulu, ayi lona olayindlini. [UHLEKO]  Kwafika oMabuyakhulu koSithebe nakoMadadeni bayifaka unyawo lento, bafaka  u-COSATU  baxoshwa abantu, balamba abantu.

Ngakhoke Baba ngithi kuliqiniso ukuthi eminyakeni lena emihlanu kusukela ngo-1994 siye sakubona ukuthula umangabe siya okhethweni.  Kodwa njengoba sesiya futhi okhethweni lesibili sesiyaqala sesiyabona futhi manje ukuthi kunodlame oseluqala lubakhona

Siyawafunda nathi Mhlonishwa  amaphepha  ukuthi kunamadoda esinawo, amanye sinawo khona lapha endlini kuyoyona leNdlu ahamba eshushumbisa izikhali ngoba kufuneka makubulawe amalunga  e-IFP .  Siyakuzwa nathi  ngamaphepha  ayasitshela nathi.
[ ikhasi 224 UMUGQA 10- ikhasi 226 UMUGQA 2]

Bengithi ngifisa ukusho ukuthi lenkohlakalo yamanga ekhona egcwele kulelizwe iyona ezodala ukuthi sibukane ngeziqu zamehlo, sishayane.

Njengoba udadewethu, uMame loya ohloniphekile ongaphezulu ekhuluma ngendaba yaseNyoni kuliqiniso ngoba abomsakazo bake basho bathi endaweni yakwaMathaba namanye aMakhosi u-alibhadwa.  Kodwa ngicabanga ukuthi namalunga esinawo  kaKhongolose  sisebenza ngokuhle.

Ngakhoke nginesikhalazo esikhulu sokuthi uma kuthintwa umuntu - ngicela ukulekelelwa.

INKOSI K W MATHABA:  Uma kunjalo Baba Somlomo, ngithi uma kukhona onolwazi lwalokho ukuthi kukhona amalunga  ka-ANC  aye aphazanyiswa, ngithi amacala pho awavulwe ngani?  Umangabe uMathaba ophethe izibhamu, pho uMathaba akaboshwa ngani umangabe kunjalo?

Ngakhoke ngithi isexwayiso lesi engisibeka nabomsakazo wezindaba nalabo abaphehla udlame kulelizwe.  Angeke thina ngakulelicala sikumele ukuthi - sikhathele bakithi udlame, udlame siyalwazi singaMakhosi nje nanisilalisa ngezisu nisidubula.  Ngakhoke asisazimisele ukuthi sibuyele endaweni enjengaleyo.

Ngakhoke ngithi ukuthula kungumsebenzi waMakhosi.  Amakhosi...

INKOSI K W MATHABA:  Ngiyacabanga Baba Somlomo, ukuthi ngiyoyithola  i-injury   time  yami sengiphazamiseke kakhulu.  [UHLEKO]

Baba Somlomo, ngicela ukuthi sikhulumeni ngokuthula njengamanje, ukuthula into eyenziwa Amakhosi.    Amakhansela   nakho konke lokhu kuyafika zolo lokhu akukwazi ukuthula.

Amakhosi iwona ebephethe abantu, ithi laba Amakhosi ebesiphethe oGcabashe, yithi laba ebesiphethe oCele ezindaweni zethu.  Ngoba uMhlonishwa uCele nje esuka  e-Port Shepstone  ebesuka ngaphansi kophatho lwaMakhosi, uyindoda namuhla engaka usuke ngaphansi kophahla lwaMakhosi eShobashobane.

INKOSI K W MATHABA:  Ngithi-ke sizalwele khona ukuthi masiniphathe uma kukhulunywa ngenhlalakahle yomphakathi kufanele mayibuzakale lana kithini eMakhosini.

Ngaphandle kwemithetho nemitheshwana eniyenzayo, eyenziwa  uHulumeni  Omkhulu kulelizwe ukuthi asixabanise nemiphakathi yethu.  Esithi thina ngisho noma angiyishaya  uHulumeni  Omkhulu afike lapho afika khona sithi thina asisoze sakwazi ukuthi siyihloniphe uma ingakwazi ukuhlonipha isithunzi sethu thina njengaMakhosi.

Kuzobe kungakhona okokuqala lokhu ngisho nabamhlophe sakwenza futhi lokho singaMakhosi sancamela ukuthi Amakhosi ethu ahambe eyohlala emajele, ahamba ayohlala ekudingisweni.  Kodwa ngiyacabanga  njengaloHulumeni  engingene nami kuyena ukuthi ngicele ukuthi makubekhona ukubambisana.

Inkulumo ekhulunywe uMagalela la ibe yinhle kakhulu ngoba lokho kwakuyizinhloso abevese uMntwana wakwaPhindangene owayenguMholi waKwaZulu la.  Namanje futhi yikho lokhu esisaqhubeka nakho.

Ngicela ukwenza esinye isibonelo esenziwa  uHulumeni  Omkhulu lana kithina.  Kulezinsuku lezi kade ngivakashele eMpumalanga la sesizuze khona umphakathi, alive licebile izwe laseMpumalanga.

 I-IFP  iyabutha nje, iyabutha manje  i-IFP , kodwa inkinga engibenayo ukuthi lapha kwaMahlalela eMbuzini Inkosi yakhona iye yaxoshwa amalunga  ka-ANC .

Amakhosi akabhekelekile kodwa sithola ukuthi lapha  e-Maritzburg  umuntu nje phaqa... 

ISIKHULUMI:  Ngicela kube khona ukuziphatha okuhle, ilunga elihloniphekileyo uMnumzane uCele, noMnumzane uMakhaye.   Thank you .


INKOSI K W MATHABA:  Niyohlala nisinda.  Ngithi ebengithi ngiyakubeka lana eNkosini yami uMahlalela ayikho ayihleli nesizwe sayo siyayifuna.

Ngakho ngibuza  uHulumeni  Omkhulu umangabe ewathanda Amakhosi ebuthanda ubuKhosi ukuthi wenziwa yini ukungayisizi Inkosi.  Kwenziwa yini  uHulumeni  ngasosonke isikhathi kube uyena ofaka unyawo.

Umbuzo wami futhi wesibili, ayiboshwa ngani, umbuzo wami futhi wesibili ngithi uma uMhlonishwa  uDokptela  uMandela kade eya kosonta eyogida lapha  amaNazaretha  atshele uMntwana waKwaPhindangene ukuthi uyahamba useyobeka Inkosi, uyoyifihla Inkosi esho umuntu.

UMhlonishwa lona olapha phambi kwami uBaba uNdosi ngingaphansi  kwekomiti  lakhe sixoxile naye lendaba ukuthi abangabizi uBhekuyise ngokuthi uyiNkosi ngoba akasiyo.  UBhekuyise  Ephraim  Ngwane osesishiyile namuhla.  Okuthe ngomhlaka 27  ku-February  wahamba  uDokptela  Mandela wayakofihla umuntu ethe Inkosi.

Ngifisa ukuthi ngazise  leliPhalamende , ngazise leNdlu ukuthi...
[ ikhasi 226 umugqa 18- ikhasi 229 umugqa 23]

INKOSI K W MATHABA:  Uma sengiqedile eminithini elilodwa Gcabashe.  Bengifisa ukusho lapha ngo-1996  uHulumeni  waKwaZulu ngaphansi kwaBameli  u-Friedman   and   Falconer  incwadi yanikezwa Inkosi ephethe njengamanje wehlulwa icala lowomuntu ukuthi uyiNkosi, akazange abe Inkosi.

Kubukeka uMhlonishwa esesikhundleni esikhulu exoxa ebuKhosini.  Ngakhoke ubuKhosi angikholwa ukuthi nina enihleli ngapho niyabuthanda, kodwa siyoba ngaMakhosi koze kubuye uJesu  Krestu  ezulwini.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 229 umugqa 31- ikhasi  230 umugqa 5]

MNUMZANE W U  NEL :  Baba Somlomo, sizwe ukuthi Inkosi uMathaba ulapha eMpumalanga  ne-IFP  bayabutha nje.  Sifuna ukumkhumbuza ukuthi aqaphele phela kungabachithekeli lapha eduze kwasekhaya
[ ikhasi 230 umugqa 13-17]

MS M XULU: ( WHIP ):  Ngiyabonga Mhlonishwa Somlomo, Mhlonishwa Ndunankulu, neNdlu ehloniphekileyo.  Ngiyayincoma  ibhajethi  kaBaba uMhlonishwa  u-Miller  nemisebenzi yakhe.

Baba Somlomo, ngizwa nginokwesaba ngesabela thina besifazane nezingane zethu.  Lokhu kwesaba kusuka ezinkulumeni engizizwa imihla nayizolo ikakhulukazi ezisivusa ekuseni eziqhamuka kubaHoli abakhona layiNdlini ngaphesheya engizibona zingakhi, engizibona lezinkulumo zibasela umlilo wamazwi.

Bese ngizibuza Somlomo, ukuthi kukhona yini ukuthula okuzobakhona kulelizwe lakithi, uma abaHoli bethu bekhuluma ngaloluhlobo lwamazwi.  Ngibe sengifikelwa ukwesabake ukuthi lolukhetho esiyakulo luzoba ukhetho olukhululekile noma luzoba ukhetho okuzogijima wonke umuntu na?

Okubi ikho lokhu ebengikuzwa uMhlonishwa ingane yomfundisi ikusho la phambi kwethu uMhlonishwa uManzankosi kubi ngoba nangu akasekho,  umzalwane wakithi eLuthela lo kodwa amazwi aphumayo ayangesabisa.  Akusontwa  kusepolitikini  vele ngiyakwazi lokho.

UMhlonishwa uthi  ikhomishani  yabo iyona  khomishani  yangempela ezophenya.  Le okuthiwa ayiphenya izibhamu okukade kukhulunywa  ngazo ayi kusho ukuthi akuyona ngoba ayikhethiwe  u-State   President .

Kuyangesabisa ukuthi usasebenzisa amandla  u-State   President  okuba  u-State   President  noma usebenzisa amandla obuqembu.  Uma ezokhipha  ikhomishani  ezophenya akasiphenyele phela ukuthi ziphi izibhamu ezavunywa uMhlonishwa `u-Jeff  Radebe.

Wahamba waya  ku-TRC  wathi kade ezithutha izibhamu ezifaka la KwaZulu.  Ziphi lapho zikhona?  Uma kuphenywa phela akuphenywe.  Singakahlali kuleNdlu amanye amalunga angaphesheya ayezifake emgqonyeni kadoti nilale ebusuku nivuke umgqomo awusekho  e-Lamont .

Umgqomo ususemangcwabeni kaGijima.  Azilandwe phela lezozibhamu ezazifakwa emgqonyeni  kadoti , ukuze sibone ukuthi kufuneka ukuthi lelizwe libe yilo.
[ ikhasi 241 umugqa 11- ikhasi 241 umugqa 16]

MS M XULU: ( WHIP ):  Ngiyethemba ukuthi Mhlonishwa uzosibuyisa lesisikhathi sami osusithathile.  Sizocela ukuthi okunye uma sekuphenywa phela akuphenywe ukuthi baphi ababulala abaHoli  be-IFP  abangaphezu kwamakhulu amane.  Baphi ababulala izinkulungwane ngezinkulungwane zabalandeli  be-IFP ?  Kobakuhleke ukuthi  lekhomishani  yabo ikuphenye konke lokho.

Mhlonishwa Somlomo, siya okhethweni sifuna ukhetho lube olukhululekile, sifuna ukhetho singazizwa sesaba, sesatshiswa amazwi lawa esengikhulume ngawo.  Nabalandeli bethu, nabantu nje emphakathini kufanele bezwe ukuthi baya entweni yabo abayithandayo okufanele bazikhethele.

Okunye Mhlonishwa kuyeke lokhu ukuthi uma abantu mhlawumbe lana emalokishini kukhona izinto abayozifuna iKhansela beselithi ngeke ngikwenzele ngoba kufanele uze ungivotele.  

Okwesibili mhlawumbe uMhlonishwa ngoba akasekho ngiyakucela ukuthi bamtshele ukuthi akayofuna  i-information  yokuthi mangaki   Amakhansela    ka-IFP  eMlazi, ngoba kuyacaca ukuthi uMhlonishwa wathola  i-information   e-wrong .  Nalapho kufanele uyofuna ukuthi mangaki   Amakhansela  .

Mhlonishwa Somlomo, izethembiso esasizizwa eminyakeni emine eyedlule ikakhulukazi ziphuma kuye uMhlonishwa uNgqongqoshe wezokuThutha zithanda ukusisanganisa ngoba sesiyongena manje eminyakeni wesihlanu manje siyaqeda.

Wathi uMhlonishwa uzokwakha imigwaqo eya esigodlweni seSilo.  Sibonile kuvulwa lapha  ngo-February  Isilo sifika  late , ihlazo Isilo siphantshelwa  imoto , yini ephantshisa  imoto ?  Imigwaqo kayikho.  Kwagcinwa kwakhe  uHulumeni  waKwaZulu.

UMhlonishwa wathi uzofaka oyibhodlela kuyoyonke imigwaqo eya esigodlweni seSilo kuze kube inamhlanje besingakakuboni lokho.  Ocwebezelayo iwona ke lowo  oyibhodlela .

Mhlonishwa sinenkinga lapha ezindaweni esihlala kuzo  emalokishini  abantu bathola ukuthi   Amakhansela   ababiza amanzi.  Ushilo la umfowethu uMthiyane ngenyanga eyodwa kuthiwa khokha  u-R600  ukhokhele amanzi, uma umuntu eya  eKhanseleni  ethi alimsize limzwele ukuthi isikweletu esingaka yini, lithi phela kuyofuna ukuthi  ungivotele , uma  ungivotelile  ngiyokusiza.  Kuyoze kubenini abantu behlaliswa empilweni yokwesaba.

Umuntu engezukuba nayo inkululeko yokuzikhethela uma kufanele uthume isisebenzi somphakathi sekufanele ukhokhe ngalokho, ukhokha ngokuthi  uyovotaphi ?  Sifuna ukhetho olungesabisi

 Ngo-November` ngonyaka odlule Somlomo, kubulawe Induna ebeyilunga  le-IFP  uMnumzane  u-Aaron  Mthembu owayehlala  kwa-CC  kwasuka udlame  kwa-CC  wabaleka waya Engonyameni.  Wabuya Engonyameni eya emsebenzini la esebenza khona ekuseni ngo-6:00  o'clock  uMthembu wabulawa ngezibhamu  ama-AK 47  ngabantu ababanjwa  be-ANC .

Kodwa okudabukisayo bebanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni. Bebanjwe ngisho nesibhamu sakhe esisemthethweni abamephuca esefile.  Lelizwe leli elingenawo umthetho oyiqiniso, icala likaMthembu lokubulala kulenyanga nje iqalwa lisusiwe kubabulali basala necala lokutholwa nezibhamu nezinhlamvu.

Ngamanye amazwi kuyakhomba ukuthi Somlomo, impilo yelunga  le-IFP  ayilutho, iyinto nje engabaliwe.  Ngabe siyoba nokhetho olukhululekile umakunjalo, uma nomthetho wenzelela.

Ngicela ukusho manje ukuthi asibambisane ukuze sakhe lelizwe silakhele ukuthula.  Ngicela ukusho manje ukuthi sesikhathele izinkulumo ezishisayo nezibhebhezela udlame kulelizwe esizizwa ikakhulukazi ekuseni makufanele kwakhiwe ukuthula, makufanele kubuyiswane kodwa uzothola ukuthi akukho ukubuyisana, ukubuyisana akukho nhlobo, ngaphandle kodlame.

Ngizocela ukusho ukuthi abaHoli  bakaKhongolose  abangacheli 
impi engasekho, abachele impi yokuthula, akuthulwe.  Uma sifuna ukuthi sibambisane ngempela ngokukhuluma asibambisane ngoba singakhohlisani, asingakhulumi ngapha ukuthi siyathula, ngapha sikhokhobise abantu abazokwenza ububi.

Ayiphele indaba yalezibhamu esizizwayo ukuthi zigijima la  e-Middlelands , zithathwa  enkampanini  lena esebeyibalile zizobulala abaHoli  be-IFP .  Ngiyabonga Somlomo.
[  ikhasi 242 umugqa  29- ikhasi 245 umugqa 5]

 Roma 299:

ISITUPHA YESIHLANU

UMHLANGANO WESITHATHU	OJWAYELEKILE	MHLAKA 17, 18 NO 19 KU NDASA 1999


UMQULU 2

 Vol 299:

 PRINCE  G L ZULU: ( Minister of Social Welfare ):  Ngithanda ukuzwakalisa ukuthokoza kwami ngokuthi ekugcineni  uHulumeni  walesiSifundazwe useze wasihlinzekela isabelo seSilo Ingonyama yamaZulu.

Bekungasiphethe kahle ukubona Inkosi yethu ihamba icelelwa ubisi kweminye imizi ngebhakede ingumnikazi wezwe kodwa.  UbuKhosi baKwaZulu bubalulekile ngakhoke  uHulumeni  kuyadingeka ukuthi abuhloniphe kanye naMakhosi aseNdlunkulu azinsika zalobubuKhosi nabantu babo.

Ukudukiswa kobuKhosi ngenjongo yokuthi buphelelwe isithunzi njengoba basungulwa iLembe namanye Amakhosi alandela iLembe abaneqhaza ekuqhubeni umsebenzi weLembe njengeNkosi yaseMgungundlovu, njengeNkosi yakwaNodwengu, njengeNkosi yasoNdini, njengeNkosi yakwaNobamba, Inkosi yasoSuthu uDinizulu.

Kuyadabukisa ukubona Abantwana baseNdlunkulu bengena nesiphanga emkhankasweni wokuqeda isithunzi, ukudukisa ubuKhosi, ukwehlisa isithunzi sobuKhosi.  LabaBantwana bacima inhlansi evuselelwe uNdunankulu KaZulu uMntwana waKwaPhindangene, naMakhosi aseNdlunkulu, naBantwana baseNdlunkulu, neSizwe saKwaZulu sonke lobubuKhosi sabufelayo.

Mangabuza nje kuleNdlu ukuthi izinga lemiKhosi ebivuselelwe iso Isilo uqobo sibambisene noNdunankulu, naMakhosi esizwe, Abantwana bezindlu ezahlukene, kanye neSizwe sonke ebesiphuphuma uthando lobuzwe nobuKhosi.

Manje kushonaphi konke lokhu?  Akubobodwa Abantwana engibashoyo ekuqaleni kwalamazwi kodwa kokhumbuleka ukuthi kukhona nenhlansi yezombusazwe enesandla ekucoboshiseni isithunzi sobuKhosi.

Ngaphandle kwaBantwana baseNdlunkulu ababesitshela ngenandinga, besitshela  nge-Royal   Council  engabe iphi namhlanje?  Impongo yona eyayihola iphi? 

Ngezinsuku zokuxoxisana ngomthethosisekelo wezwe lapha eSkukuza  ngase-Kruger   National   Park  iqembu  likakhongolose  laphakamisa ukuthi Ingonyama isayine isivumelwane neqembu  likakhongolose .

Ngalesosikhathi... 

 PRINCE  G L ZULU: ( Minister of Social Welfare ):  Ungahlanyi wena.  Ngalesosikhathi Ingonyama yawuchitha lombono.  Kwakuphakanyiswa lapha ukuthi kumele kubekhona uMkhandlu waseNdlunkulu  i-Royal   Council  eyoba nomkhulumeli wayo.  Siyazike sonke ukuthi lowo kwakunguMnumzane uSifiso Zulu.  Uphi manje?

Kuwumlandu manje ukuthi lomuntu-ntu wayeqashelwe ukuzoqeda ubumbano eNdlunkulu nobuzwe, nobunye beSizwe.  Singajabula ukuzwa ngoNkosikazi  u-Mary de Haas  wayesebenzisa umsakazo esihlohla ngokubaluleka kukaSifiso.  Etusa loMnumzane embiza ngokuthi unguMntwana waseNdlunkulu, engabe wayemazi ngani?   Okwakungesilo neze iqiso.

Singathokoza ukuzwa  ngo-NKOSIKAZI Mary de Haas  ukuthi izindleko zaloMnumzane uSifiso impongo le zazikhokhelwa ngubani?  Abaqaphi  abangamaphoyisa  babevelaphi?  Indlu yayikhokhelwa ngubani ayehlala kuyo, nayoyonke  i-equipment  ayeyisebenzisa.

Mphathisihlalo, ngithanda ukusho ukuthi ubuKhosi baKwaZulu behlula  Amangisi , ubuKhosi baKwaZulu behlula ubandlululo, sihehwa  ngezimali  ezinkulu kuthiwa asimukele uzimele geqe sakuchitha phansi lokho sakukhahlela.

Kungabakuhle ukuthi  uHulumeni  lona okhona akwazi lokho ukuthi asisoze seneliswa uma Inkosi yethu ingakahlali esihlalweni sobuKhosi sokhokho bakhe.

Sithi ubuKhosi baKwaZulu abufakwe kumthethosisekelo wezwe ayi  labolayini  abayishumi okukhulunywa ngobuKhosi kuthiwe kukhulunywa ngabo.  Ngoba Amakhosi aKwaZulu abaziboshwa zombusazwe.  Inkosi yasoNdini, Inkosi uDlamvuzo uCetshwayo kaMpande waboshelwa lapha  e-Cape Town   kwi-Castle  yagcina  eplazini   i-Oudemolen  awelakhona eyobonana  no-Queen  ngezwe layo.  Nezimbungulo ezazisuka phesheya zizophuza igazi labantu bakhe.

Inkosi uDinizulu indodana yakhe waboshelwa lena  e-St Helena  naBantwana, uMntwana uNdabuko kaMpande, uMntwana uShingane kaMpande, Nkosana wakwaZungu.  Yabuya kabi Inkosi yaboshwa futhi yaboshelwa  e-Newcastle  lapho okwathi ngomusa  ka-Prime Minister   u-Louise Botha  yasiwa le  e-Middelburg  kwathengiswa ngaye.  Lapho eyaboshelwa khona futhi yaze yashonela khona yabuya  ngebhokisi  izongcwatshelwa KwaNobamba.

Singajabula ukuba ubuKhosi bubuyiselwe isithunzi sabo.  Singajabula seneliswe ukuba imingcele yezwe laKwaZulu ibuyiselwe eSizweni saKwaZulu ngaphansi komqhele wobuKhosi.  Kungenjalo kuyophinda esinye.

Silaphaya eNyokeni ziyishumi nonayini kuSeptemba ngo-1994 uMongameli weZwe wathi ubuKhosi baKwaZulu bungaphezu kwabobonke ubuKhosi obukhona lapha eNingizimu  Afrika .  Amazwi akhe lawo engaphoqwe muntu ezisholo nje.

Nonyaka uMongameli uthi oKumkani balingana bonke lesosizwe sithi uKumkani waso ungaphezu kwabanye oKumkani isona esiyomholela.  Ngakhoke lezozinkulumo ezimbili zivela kumuntu ohlonishwa yiZwe, umhlaba ziyasidida thina.

Ngiyathanda ukusho ukuthi siyabuka ngamehlo sithule ukusetshenziswa kobuKhosi uma kuyokwenziwa imikhankaso kufoloswe ngayo Inkosi yethu.  Lapha uma kuyokwenziwa imikhankaso ezombusazwe kuthelwana ngodaka.  Busondezelwani ubuKhosi la kuthelwana khona ngodaka.  Ngoba Inkosi ngokwethu ingaphezulu kwezombusazwe.

UbuKhosi lobu bafelwa ngabantu, ubuKhosi lobu futhi buyobuye bufelwe ngabantu.  UbuKhosi abuzukugcina ngeNkosi le ekhona.  Phakathi kwezingane zayo kuyophuma Inkosana okuyoba Inkosi yethu.

Ngakhoke asithandi ukuba Inkosi yethu idukiswe kufoloswe ngayo uma kuyokwenziwa umkhankaso yokuzuza abalandeli.  Kuningi osekuke kwashiwo kuthiwa into ewuNdunankulu KwaZulu ayizange ibebikho, ihlazo lelo kusho abantu abangamaZulu.

Bazi kahle ukuthi eNkosini yakwaBulawayo kwakunguNgomane waseMdletsheni, kwakunguMdlaka eNkosini yaseMgungundlovu kuyaziwa ukuthi kwakunguNdlela kaSompisi.  E-Nkosini yakwaNodwengu kuyaziwa ukuthi kwakunguMasiphula kaMamba, noMnyamana kaNgqengelele.

Ngakhoke akusilona iqiniso leli elalishowo abathile bethi KwaZulu ayizange ibebikho into ewuNdunankulu.  Izwe laKwaZulu liyafana nezwe `laseSwazini  ngobuKhosi  nelaseleSuthu .  Ukhona uNdunankulu  eSwazini , ukhona uNdunankulu  eLisuthu , ukhona uNdunankulu  Engilandi .  Ngakhoke akukho buKhosi obuyokuma bungenasisekelo.

Imizamo eyenziwayo nesenziwayo ukwehlukanisa uMntwana wakwaButhelezi imbabazane noMntanakhe ayisoze yaphumelela, ngoba umlando waKwaZulu wadaleka wadaleka awuyukushintshwa uguqulwe ngabantu abafisa ukufeza izinhloso zabo.

Angazi noma umfowethu u-Burrows  ukhona yini lapha, noMnumzane  u-Schutte  abasitshela  ephepheni  langa leya  weekend  uMnumzane  u-Burrows  wathi uNdunankulu uMtshali ufuna kuvuselelwe ubuKhosi baKwaZulu.

 MNGCINISIHLALO :  Isimibili imizuzu Mageba.  

 PRINCE  G L ZULU: ( Minister of Social Welfare ):   Yes ,  yes , awu! Wangincisha kangaka?  

 MNGCINISIHLALO :  Uncishwe  yiwashi  Mageba.

 PRINCE  G L ZULU: ( Minister of Social Welfare ):  Manjena uMnumzane  u-Burrows  uthi uMnumzane uMtshali ufuna ukuvuselela ubuKhosi baKwaZulu  for information  Mnumzane  Burrows ,  that is exactly what we want .   We want to revive the Zulu kingdom ,  because it was taken from us by the barrel of the gun .   It was because of the supremacy of the white man's gun to inferior spears that the land was taken away from us .
[ ikhasi 20 umugqa 14- ikhasi 25 umugqa 9]

MNUMZANE S E R KHOZA:  Mphathisihlalo, ngiqala ngokuncomo umbiko kaNdunankulu ngendlela awubeke ngawo sengathi kudala aqala ukuyenza lento.

Ngibuye ngibeke ukuxwayisa ngoba phela sila nje siyisibuko kubantu esibaholayo ukuthi izinkulumo zethu azihili yini, asihilani ngazo.  Akukuhle uma uhlaba omunye umhlabe ngokwenziwa omunye, ukuqhathanisa ka-Mnumzane Xaba eqhathanisa  uDokptela  uNgubane  no-Premier  wethu omusha akunambitheki ngoba kungukuqhatha lokho.

Ukhuza ubudlobongela okushoyo ebeqhatha.  Siyacela impela ukuthi izinkulumo ezifana nalezi zisefwe zibekahle.

UbuKhosi buyinto engangabazeki ubukhulu bawo nokudingeka kwayo kubantu abampisholo.  Izizwe ezimpisholo zonke zikholelwa ebuKhosini  amaXhosa , amaZulu,  amaMpondo ,  abeSuthu , nazozonke ezinye  namaShangane ,  amaNdebele  bonke badabuka ebuKhosini.

Uma singalahla ubuKhosi bethu ngabe sizibulala thina uqobo lwethu ngoba imiqondo yethu yadalekela lapho singabe sesizenza amalulwane sithatha okwezizwe.

Uma sibheka futhi nakuzo izizwe ezimhlophe siyabona ukuthi nazo zadabuka khona ebuKhosini.  Izwe  laseNgilandi  namhlanje libuswa Inkosi noma Inkosikazi,  u-Queen , Indlovukazi.

 Ejalimani  babekhona  o-King Case (?) noma  uHulumeni  wethu lapha  KwaZulu Natali  kuke kwakhona amanqikanqika ngesimo sobuKhosi mayelana nokondleka kweSilo saMabandla, kubonakele ukuthi impela kudingekile ukuthi kwenzeke.

Noma bekukhona ukudonsisana kakhulu isikhathi eside ikakhulu emhlanganweni  yekomiti   lika-Premier .  Bekuke kwenzeke ukuthi kuthi kukhulunywa uma uke wathi nje Inkosi kubekhona ukuthi wee, wee kubonakale ukuthi lento okukhulunywa ngayo into engenamsebenzi akuvele kuyekwe.

Kukhulunyiweke kwaze kwakhona ukuvumelana ukuba  ibhajethi  ibeke ngokusobala ukuthi isondlo seSilo, isondlo sobuKhosi eqinisweni ayi seSilo nje kuphela.  Isondlo sobuKhosi sivele la kwazeke ukuthi kungaka okubekelwe ukuba kondle Indlunkulu.

Izidingo zakhonake zacubungulwa  ikomiti  zabonakala ukuthi lokhu, nalokhu, nalokhu kufanele ukuba kulungiswe ukuze Indlunkulu ihlale ngokunethezeka ngoba phela ikhona la sonke esikhonze khona.  Singashona le sikhulume  ngesingisi , sishone le sikhulume  ngesingisi  kodwa isigcino sinye ulimi lwethu luyilo lwesiZulu.

Kwakubekhona ukuhlekisa ngokuthi Isilo  sinamaplazi  kanti siwumlimi  amaplazi  azokwenzani  imali  yamoseka  leyomali  efakelelwa  amaplazi  eSilo.  Kodwa ngiyathokoza ukuthi enhlanganweni kuze kwenzeka ukuthi kuze kuvunyelwane ukuthi  ibhajethi  yeSilo ayazeke ukuthi ingaka khona naso siyokwazi ukuthi uma sisebenzisa senza izinto zazo sazi ukuthi sisuka lapha sigcina lapha njengeNkosi yethu.

Yikhoke nje kutholakale ukuba kuvunyelwane ngokuthi kunqunywe lesisamba sika- R12, 240, 000. 00  ukuze kondleke ngokunethezeka Isilo saMabandla.

Ngalamazwana nje amafushane ngincoma  ibhajethi  ngendlela eyenziwe ngawo, futhi ngiyayisekela.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 28 umugqai 3- ikhasi 29 umugqai 34]

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Baba Somlomo, ngiyabonga lelithuba.  Kukhona abantu abalapha endlini abasaqhubeka nokuthela udaka amanye   A ma-Afrika   .

Athi uma ekubona ukhuluma nelinye iqembu abese ethi uyileloqembu kodwa wona ebehlangana naleloqembu begonana ekusithekeni.  Ngakhoke kithina  ma-Afrika  poqo akusho lutho lokho  Ama-Afrika  kithi ayafana.
[ ikhasi  32 umugqai 30-37]

Ngikhuluma kanjalo phela ngiwumtomdala owumlamuli.   First of all  angibonge Baba  Premier  ukuthi ekugcineni sesize sayixazulula indaba yesondlo seSilo saMabandla, kuyajabulisa lokho konke lokhu okubaliwe okuzokwenzelwa Isilo ngoba bekuyinto embi ukuthi Isilo silokhu sivezelwa kancane, sivezelwa kancane kanti isona umnikazi walomhlaba, umnikazi wazozonke izinto lezi ezikhona izimoba, namahlathi, nomhlaba, nemifula, nakhokonke siyabonga.  Ingathi kungaqhubeka kubenjalo.

Thina  be-PAC   njengAma-Afrika  opoqo siyabuhlonipha ubuKhosi bonke buphelele yiyo lendaba asizwani noma kuthiwe  kuma-Afika  Amakhosi  ase-Afrika  kuthiwe  ama-Traditional   Leaders .  Bese kuthiwa  Engilandi   Royalty  iyo lendaba sithi nathi  i-Royalty  leyakithi ayihlale injalo ihlonipheke, nayo izihloniphe ngokunjalo.

Ngoba phela abanye abantu bakhuluma nje lelizwe babengeke babenalo ukubani Amakhosi awalwanga elwela  ukudifenda  lelizwe lithathwa ngabe linjengamanye amazwe alaMakhosi eholwa iNgonyama yangalesosikhathi ngingazibala njengoba ebezibala uMntwana. 

Ngakhoke Amakhosi amanye ehola impi, ezinduna zempi ngakhoke kufanelwe kukhunjulwe lokho ahlonishwe Amakhosi.
[ ikhasi 33 umugqai 6-27]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Angibonge Sihlalo, ukuthi ngithole sekuyoshona ilanga njengomuntu osemdala ngikhulume.  Okokuqala angibonge isethule, esethulwe uMhlonishwa uNdunankulu weSifundazwe saKwaZulu engisincomayo.

Ngaphambi kokuba ngiqale Sihlalo ukuthi ngikhulume inkulumo yami engiyihlelile, angisho ukuthi ngidabuka kakhulu uma kukhulunywa  nge-democracy ,  i-democracy  ithi akudedelwe izingane ezincane njengoMhlonishwa  u-Cyril  Xaba akwazi ukuzogibela ekhanda lendoda endala, ayihlasele.

Into engaziyo ukuthi ngokuhlwa kwanamhlanje izophuma emsakazweni njengoba besho abafowethu  bakaKhongolose , njengoDumisani abathi umsakazo owabo.  Lezizinto ebezishiwo  u-Cyril  Xaba zizophuma namhlanje ehlasela uNdunankulu weSifundazwe saKwaZulu.

Sihlalo, angisho ukuthi namhlanje ukuncoma kwami inkulumo ekhulunywe uMhlonishwa.  Okokuqala ngibonga ukuthi abekhona aHole loHulumeni wakithi waKwaZulu.  Ngibonge ukubakhona kweNkosazane uMhlonishwa E N Shandu ephethe loMnyango weZemfundo.

Ngike ngidabuke umangizwa abanye uma bekhuluma bethi uMhlonishwa uMtshali musha, bathi uMhlonishwa u-E N Shandu musha.  Angikusho namhlanje ukuthi ingqwele endala lena esiyibonayo ebihamba noMntwana waKwaPhindangene behola  uHulumeni  waKwaZulu.

Akukho azokufunda la waqeqeshwa, waqeqeshiseka uzohola into ayaziyo.  Namhlanje ngikhuluma kulomnyango ongaphansi kwaMhlonishwa uHlabangani.  Langikhuluma - ngisho umnyango weSilo, Isilo saMabandla uNomthebe ungaphansi komnyango kaMhlonishwa uHlabangani.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuziFundazwe zonke  ezikuloHulumeni  wobumbano esimdibi nathi thina  be-IFP  kuwo sinye kuphela Isifundazwe  esino-King , asikho Isifundazwe  esino-King /inkosi.  Ilesi esiholwa uHlabangani.

Baba Somlomo, ngiyazi ukuthi kunomthetho kuzozonke Izifundazwe lapho kunomthetho ogunyaza ukuthi Izifundazwe zibe nalento okuthiwa eyokugembula  okhasino .  Nakho lokho kugembula kungaphansi komnyango kaNdunankulu.

Somlomo, ngithanda ukuba ngigxile kakhulu kulokhu kokugembula  okhasino  kuphela.  Ngikhuluma  kusenoHulumeni  owawuholwa uMntwana waKwaPhindangene  u- DR   G M Buthelezi.  Lapho ayethwelenzima kakhulu ebhekene   noHulumeni   wobandlululo owawuholwa  ngamaBhunu , eholwa  u-National   Party .

Aphinde abhekane nengcindezelo eyayenziwa   uKhongolose   ethi lelizwe kalintswiywe kodwa uMntwana waKwaPhindangene wawuhola kuze kube inamhlanje.

Sihlalo ohloniphekile, Mhlonishwa Ndunankulu, okokuqala empilweni yakho ukhulele la kulengabadi, wafunda kulengabadi, wagogoda kulengabadi, awukaze noma inyanga eyodwa wayolala ehlathini kwathiwa uneminyaka eyisithupha awukho kulelizwe, wawuhleli la kulengabadi.

Awukaze uze uduke nasekhaya uthi konje ekhaya kwakwakhiwephi, awukaze uduke, uhleli endaweni oyaziyo.  Angithandi mina  David  Ntombela ukuthi athi umuntu uma ehleli acabange ukuthi sewake walala ehlathini, walala nezilwane nonogwaja uhlez le ehlathini, awukaze uze ukwenze lokho Mageba.

 AmaBhunu   noHulumeni  wawo ayenika  uHulumeni  waKwaZulu inkece encane kuleyonkece uMntwana waKwaPhindangene akhe  izikole  ezikhona nanamhlanje.  Asikho noma sinye  isikole  esingavezwa esakhiwe  iloHulumeni  wobumbano oholwa  uKhongolose , noma sinye  isikole .

Mhlonishwa wami ohleli esihlalweni, ngithanda ukusho ukuthi uHlabangani wayekhona khona lapho wayephethe uMnyango weZemfundo kuyena  u-Minister .  Kodwa namhlanje ngiyaxakeka ukuthi kukhona umuntu ongaqhamuka athi uHlabangani uyena ozophehla uchuku.  Uyayazi yona  i-AK 47  ukuthi silwane sini leso?

Ngiyasho namhlanje Baba kuleNdlu yakho ehloniphekile ukuthi luqweqwe lolu, luqweqwe lolu.  Somlomo, ngizokhuluma ngibhekane noMholi onohlonzo  u- DR   Buthelezi lapha ebhekene khona  noKhongolose , nabefundisi ababegqugquzela ukuthi kuntswinywe lelizwe kwezomnotho, ngisho nabefundisi imbala bethi abantu abafe.

Kodwa namhlanje  uKhongolose  nabefundisi ibona asebehleli ezihlalweni  zikaKhongolose .  Namhlanje  uKhongolose  uyothi lababantu  ababavotele , abavuse labantu abafa bebulawa indlala ngontswinyo  babavotela .  Izilima zafa ngo-1994 azisekho namhlanje iziphukuphuku.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Kuyangikhathaza mina namhlanje Baba Sihlalo, ukuthi uma sihlushwa ukuvalwa kwezimboni kwaziwa ukuthi zavalwa ubani.  Namhlanje abantu abanamsebenzi kwaziwa ukuthi kwavalwa ubani, kwaziwa kahle  uKhongolose  wavala izimboni, azikho nje izimboni ibona.

Ngisho nabefundisi imbala,  abeBhishobhi  babesekela  uKhongolose , namhlanje abasakazi laba engikhuluma ngabo abanye sasibasolo baphi namhlanje abekho  kuKhongolose ?  Abakhulumi ngengculazi?  Esisithi bachemile.

 MNGCINISIHLALO :  Umzuzu munye Mahlobo.  

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Namhlanje abanye basahleli basazovela futhi.  Baningi abalaphaya.  Baba Sihlalo, emnyangweni ongaphansi kaNdunankulu ukugembula  okhasino  umsebenzi obaluleke kakhulu lokhu ngoba labobantu abahlala bebulawa inkemane bazothola inkeshezi bakwazi  ukufida  izingane zabo.

Ngiyakuseka Baba Sihlalo wethu, Baba Mhlonishwa Ndunankulu ukuthi asikhuthaze ukuba  amakhasino  avulwe ukuze kutholakale abantu bakwazi ukuthola imisebenzi.

Ngiyazi uma sekuvulwe  okhasino  baningi oklebe abazofuna ukugijima phambili ngoba kukhona inkece.  Bese bekhohlwa ukuthi bathi izimboni azihambe.  Uzobabona amagama abo esekhona lapha  kokhasino  bethi bafuna ukungena khona.

Ngithike mina abaqaphele kuze bavimbeke bangabatholi  labokhasino  ababafunayo.

 MNGCINISIHLALO :  Ithuba likaMahlobo seliphelile.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Baba sengiyahlala phansi ngoba uthe imizuzu emibili esele.  

 MNGCINISIHLALO :  Cha seliphelile Mahlobo.  

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyazi ukuthi umsebenzi omkhulu obheke noMhlonishwa ophathiswe ezomthetho Inkosi uNgubane okudingeka ukuthi aqashe  amaphoyisa  .
[ ikhasi  38 umugqai 2- ikhasi  41 umugqai 36]

MNUMZANE W U  NEL :  Sihlalo, ngeke ngifakaze ukusho kukaMhlonishwa uGwala ukuthi uSifiso Zulu  unjenge-Rasputin  ngoba into angayazi.  Nathi lapha  ku-Democratic . Party  siyajabula ukuthi manje  ivoti  yeNdlunkulu isihlanganisiwe ngoba sizobona ukuthi kwenzeka kanjani  ngalelovoti .

Uma sengibuyela kwinkulumo kaMntwana  u-Gideon  Zulu okhulume kabanzi ngobuKhosi.  Ngifuna ukumtshela ukuthi sibaningi esiwahawukelayo amasiko amaZulu ngendlela abahlonipha ngayo nathi siyakuhawukela.

Kodwa uma sengidlula lapho ngifuna ukusho ukuthi kukhona ukushayisana phakathi kobuKhosi nokukhetha  kukaHulumeni  ngentando yeningi.  Angikwazi mina ukukusho ngaphandle kokuthi kukhuna ukushayisana okuphakathi kwalezozinto ezimbili.

Kushayisana ngokuthi amandla anikezwe  uHulumeni  wenketho yentando yeningi aphikisana namandla enifuna ukuwanika Amakhosi.  Sizwe kaningi ukuthi kusekelwa ubuKhosi kanti mangilalela inkulumo  kaKhongolose  unyaka nonyaka babubukela phansi ubuKhosi.  Kodwa ngesinye isandla bathenga Amakhosi.

Uma sesibheka  kulebhajethi  lena sithola ukuthi  ibhajethi  yokuholela Amakhosi  iwu-R20 million .   ibhajethi  yokuholela Indlunkulu  i-R12 million ,  u-R32 million  uma sekuhlangene.  Kodwa  ibhajethi  esekela  izinkantolo  zaMakhosi, neNdlu yaMakhosi konke lokhu uma sikuhlanganisa  sekuyi-R6 million .

Mina ngithi lokho kukhomba into eyodwa nje kuphela siholela Amakhosi kodwa ngapha siyagubha ngaphansi ukusho ukuthi  ama-structures  angasakwazi ukusebenza ngendlela efanele.

Isigcino salokho kuyoba ukudilizwa kobuKhosi  and  into okufuneka siyivikele.  
[ ikhasi 46 umugqai 4-  ikhasi 47 umugqai 7]

 The Department of Works has done a lot of good work for the Health Department .  Uma ubuka nje Sihlalo neNdlu yakho ubudlelwane buhle.  Amaklinikhi  ambhoze izintaba zezwe laKwaZulu.  Izibhedle ebeziwohloka zipheshiwe zenziwa zintsha.  Isibhedlela sochwephesha ekuthiwa  yi-Durban Academic Hospital  nasiya sembethe iqele lakwa-kito.  Yimisebenzi njalo  ye-Department of Works .  
[ ikhasi 74 umugqai 25-31]

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Mphathisihlalo, angibonge Baba ukuba ngithole lelithuba lokuphendula ezikhulumini esezikhulumile.  Kakhulu ngibonge ukuthi abantabami laba umsebenzi wabo bayawazi.  

Kuqala ngituse ukuthi isikhathi lesi esikuso isikhathi sokuphikisa emhlabeni kodwa konke abakushilo njengoba esho nje -(konke nsizwa awuseyena  maskito  elobunsizwa lelo) njengoba esho nje ukuthi kuningi okubangcono ezinsolweni zabo.

Manjeke angikuthathi mina ukusolwa kwabo, noma okuningi okunye kusuke kuyikho lokho  kwezinkampani  kobuqembu kodwa ke ngike ngikwemukele ngoba konke lokhu kuyahlomisana ukusolwa.

Uyabona uma kukhuluma izinsizwa ezindala  ezinjengo-Burrows  nje baqhamuka kude bake baba  i-United   Party , bazebehla bawokunye. [UHLEKO]  Uyabona bayakwazi ukuthi indaba yokuphathwa kwezwe akusiwona umdlalo.

 O-Volker  baqala  beyi-National   Party  namhlanje  sebeyi-New   National   Party . [UHLEKO]

Uyabona Sihlalo, ngaphandle kokuncokola ngiye ngithi mina kithina thina abampisholo njengoMakhaye noCele ababhavumulayo ngithike bantabami lento esiyiphethe siphethe into elukhuni,  u-Miller  uyazi.

Ukuthi nibheke la ukuthi yonke into eniyikhulumayo nizame ukuba kube yinto esuka emqondweni wokuzakha ngempela ayi ukuthi nakha umthetho waloMnyango weZemisebenzi.  Ngoba singalibala iletshoritshori le yobuqembu, ilena eyalibazisa  o-National   Party   no-DP  baze bashonelwa ilanga.

UNkulunkulu ebanike isikhathi esihle kabi.  Angikaze ngibone mina ezweni abantu abake banikwa isikhathi esihle  njengalaboHulumeni  abedlula.  Buza Baba ukuthi wabanikani?  Lamula Sihlalo, lapha.

 MNGCINISIHLALO : Ayi ngisababuka nje Nyambose.

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Ake ningitshele abantu abanikwa uNkulunkulu ubuchopho bokwakha umkhumbi, bakhe izindiza, bakhe izibhamu, bakhe yonke lento wafika uNkulunkulu wabanika lawomaqhinga wokusehlula basiphathe,  imali  kwayeyabo, inyama kayeyabo, impuphu kwayeyabo, izisebenzi bazithola mahhala, kodwa behlula ukuphatha lelilizwe.

Manje  they are still advising us  ukuthi sithathe  lolayini  wabo abehluleka ngawo.  Ngithike mina bantabami uyabona uNkombose wayengesithutha walibheka itshe ukuthi cha leli akungenwa phansi kwaleli noma ungabeka ubengakanani umbila lapha wawungangeni.  Nizongena phansi kwezife nina ngoba nilalela ubumnandi  besingisi  lesi enisikhulumayo.

Ngibonge Sihlalo laphaya uMnumzane  u-Hamilton  noma ngingeke ngikulandele konke abakushilo ngakunye, ubeke umqondo womuntu oseyimpandla ngempela.  Umtomdala ukhulume amazwi alingana naye obuqotho.

Ngibonge nakumngani wami lapha umadevu  u-Ainslie .   U-Ainslie  umngani wami salala emini nje.  [UHLEKO]  Awu sengizotshela nina konke lokho manje.  Uyazi kuyena enhliziyweni nasemqondweni ukuthi izeluleko zakhe zonke nezinsolo zakhe nalezi abesola ngendlela leyo yethu yokwalana nokuthandana konke ngikwemukela ngenhliziyo evulekile.  Ngimethembise futhi ukuthi ngiyakukwenza njengoba esho okufanele kodwa.

U-Mnumzane  Naicker  laphaya naye ubeke izinto ezisemqoka kakhulu, nezibalulekile.  Ngale  kobu-National  bakhe kodwa ukhulume izinto ezifanele ngempela.

UMnumzane uMzobe uhlale ekhuluma izinto eziqondile ngasosonke isikhathi.  Umuntu  wepolitiki  kodwa  ipolitiki  yakhe iqondile konke lokhu akushilo akukho okuphume eceleni, ngakho ngiyamethembisa ukuthi izeluleko zakhe zizonke aziwelanga phansi.

UMnumzane  u-Burrows  umuntu ngesikhathi sonke oba nezinsolo eziphilayo nezeluleko eziphilayo, nanamhlanje wenze njalo.  Kodwa kunye engingathi mhlobo wami ngeke ngimsize kukho, njengamanje, maqondana nokuthi izikhulu zoMnyango zamiselwani.

Anginawo nakancane mina amandla okumisa izikhulu zomnyango, zimiswa ngegunya  leKhabhinethi .  Ngakhoke lowombuzo obowubhala kahle ngikuphendule ngendlela efanele khona.

 uDokptela  uMtalane ubeke ngenqubo nangendlela uMnyango weZemisebenzi owuwona, phezu kokuba abantu bewukhamanisa kangako kodwa izinto azibekile izinto ezenzakalayo ngempela ezaziwa iwowonke umuntu ngale kokuthi kuyaphikiswa ngoba kuyisikhathi sokuphisa.

Niyasazi isikhathi sokuphikisa?  We-Cele, ukhona.  UNkosikazi  Galea  ilunga elihloniphekile ubeke naye izinto ezibaluleke kakhulu ezenziwe ngumnyango.  Uma ebonga, etusa okwenziwe umnyango ubeke lezozinto ngempela ezenziwayo, nesenziwe, nesisazokwenziwa engikutusayo ukucabanga kwakhe.

Ilunga elihloniphekile uBaba uMkhwanazi naye uphinde wedlula kulelo lika-Mnumzane  Burrows  lezikhulu ezamiswayo, nalapho impendulo injalo Baba ukuthi ukumiswa kwezikhulu akukho emandleni kaNgqongqoshe kusemandleni  eKhabhinethi  ngakhoke kungaphenduleka lokho ngendlela yombuzo ongaqhamuka kanjalo.

Ilunga elihloniphekile uBaba uVezi naye, ngingathi ekumazini kwami umuntu ocophelelayo uma ekhuluma, umuntu futhi okuqikelelayo ukukhuluma ukuthi ukhuluma ngani.  Njengoba echaphazele nalaphaya ekuthenini uMhlobo wami uthe laphaya angiyi emhlanganweni  ye-MINMEC .  Angizi nokho ukuthi uneqiniso elingakanani.

Uma ekhuluma maqondana naleyonkulumo uMnumzane uVezi ngithi nalapho akushilo kuyinto emukelekile akaphumanga eceleni. 

Ngibuye elungeni elihloniphekile umhlobo wami lapha uMnumzane uXaba.  UMnumzane uXaba kukho konke akubekile namhlanje ungikhombise ukuvuthwa, uyakhula usevuthiwe.  Ubengakhulumi  ubupolitiki  bobuqembu ubekhuluma into njengoba injalo, ngakho iyatuseka into okufanele ukuba ituswe.  Ukuze akhule esimeni esiya phambili, angabe esahlehla lapho la ekhona.

Uyabona umngani wami uCele sibanga ukuthi abakwaCele babaleka kwaMtetwa.  Cha bayakhula abafana bami akukho engingathi konke okushiwo Mphathisihlalo, bekungafanele kushiwo la.  Amalunga ahloniphekile basho konke okufanele ukuthi kushiwo njengokubona bawo, bebona izimo.

Abantu uma kweshelwa intombi abasho izinto ezifanayo.  Akekho afike athi uMhlomi lo omqomile unazo izinkomo ekhaya, wonke umuntu ofikayo ufike athi akanazinkomo uMhlomi woza kimi wena.  Bonke laba akade bekhuluma bebekhetha konke okubi okwenziwa uMnyango weZemisebenzi, bambalwa abasho okuhle ngoba phela bafuna ukuba nabo kusasa njengoba bazokhethwa nje babe woNgqongqoshe wezomsebenzi.

Mphathisihlalo, ngalamafushane ngiyabonga.
[ ikhasi  80 umugqai  34- ikhasi 83 umugqai 35]

Mangiqale ngokubonga ngithi halala kuzo zonke lezo  zikole  eziphase izinga leshumi ngekhulu  lamaphesenti  ekuhlolweni  kuka Matric  ngonyaka odlule.

Ngithi muhle kakhulu lowamsebenzi, ngithi qhubekani nokwenza umsebenzi omuhle nina  zikole .  Futhi ngiyazibongela  izikole  ezixhase  u-matric  ngezinga eliphakathi kuka-70 no-90% ngonyaka odlule.

Ngikhuthaza  lezozikole  ezithole phakathi kuka-50 no-60% ukuthi nazo ziqinise kakhulu kulonyaka, yebo umsebenzi wazo muhle kodwa ngithi awukabi muhle ngokwenele basanokwenza okungcono kunalokho.

Ngifisa futhi ukubonga umsebenzi ngibongele uNgqongqoshe obephambi kwami  uDokptela  Zulu ngokuphumelela ekuhlanganiseni iminyango emihlanu eyayiminyango yemfundo kulesiSifundazwe  saKwaZulu-Natali , engicabanga ukuthi kwakungesiwo umsebenzi olula lowo.  Ngithike Mageba umenjalo.

Ngiyafisa futhi ukuzibongela mina nje  kothisha  bami, ngifuna ukutshela izwe lakithi lalapha  KwaZulu-Natali  nomhlaba wonke  wase-South   Africa  ukuthi mina ngoba namhlanje ngiwuNgqongqoshe ngingumphumela wokusebenza  kothisha  ababezinikele ukusebenza ngami.

Ngiwumphumela wo-Nkosazane/ Miss   Nicolinah  Sibiya bona uqobo ababephase  u-standard one  abafundisa mina ngo-1950.   U-Miss  Sellina Msibi owayephase  u-standard two  yena uqobo.  Ebese ngibabaza kakhulu umsebenzi kathisha wami  u-Samuel  Makhanya wala  e-Georgedale  owangifundisa  u-standard three ,  standard four ,  standard five ,  no-standard six .
[   ikhasi 136 umugqai 11- ikhasi 137  umugqai 5]

 DR  L J T MTALANE:  Ngiyabonga Mphathisihlalo.   Ek sal net in Zulu praat .

Imfundo  ezikoleni  zethu ikakhulu thina bomdabu zinezinkinga eziningi esidinga ukubambisana kwabazali,  othisha , kanye  noHulumeni .   uHulumeni  phela ngisho uMnyango weZemfundo.

Umnyango oholwa uMhlonishwa uNgqongqoshe osebenza ngokubambisana nethimba lompetha kwezemfundo, futhi abamkantsha ubomvu kwezemfundo nokuphatha.

Kulelizinga ilapho kunomnyombo wenqubo mgomo ngoba bayisizinda solwazi.  Ingakhoke  ikomiti  lezemfundo belinokukhathazeka okukhulu nxa kungaphenduleki ukuthi bangaki  othisha  kulomnyango.  Ingani phela besibona ukuthi kunesikhulu esihola kahle futhi kulomnyango esiqondene nokuphathwa kwezisebenzi esihlulwa ukufeza umsebenzi waso.

Siphike ngokuthi kuyosolwa uNgqongqoshe sona sihobe ngemuva.  Siyanxusa ngokwakha singabantu abadala ukuthi phela izikhulu zomnyango zenza umsebenzi wazo ngobuqotho, noNgqongqoshe wazo zimenze aqhoshe ngazo ahambe ikhanda alibhekise phezulu.

Abazali sebengene emkhandlwini yokuphatha, sebenamandla, namagunya athe xaxa kunalawo  amakomiti  akudala ayenawo.  Kungakuhle ukuthi imiphakathi ikhethane ngobuqotho nokuba namakhono kulemikhandlu ayi ngobuqembu.

Ngoba lemikhandlu isikhona akekube nokubumbana emphakathi.   Akesibone  izikole  zishintsha, zihlanzeka, zihlotshiswa, ngezimbali, nezihlahla ezinhle izingane zifunde nenjabulo zineqholo  ngesikole  sazo.

Ngaleyondlela siyobe sikhulisa kahle isizwe sethu esincane.  Kungabakuhle sibona abazali bezimbandakanye emicimbini enjenge yezemidlalo, nakuleyo evuselela amasiko.  Ayi kuthi izingane zibukane zodwa, abazali babekhona bashaye ihlombe bazigqugquzele.

Kungakuhle sibone  izikole  sezibiyelwe kunesango elilodwa izingane zifake izigqebheza zamagama abo, abazali  nothisha  benze imizamo yokuphepha  ezikoleni  zethu.

 uHulumeni  akakwazi ukwenza konke kanye kanye yize ecatshangwa eyindoda enkulu  enemali  eningi.  Kodwa lapho abazali bethatha khona  isikole  basenze esabo bacele neminikelo bayakwazi ukwenza ngcono okungokwabo.

Abazali kufuneka benqabe ukuthi  isikole  sabo sidlavuzwe amahlongandlebe.  Ngoba phela amahlongandlebe avela khona lapha emphakathini.  Kuye kube nomkhulu umsindo kubaHoli bemikhakha ehlukene uma sekuzovulwa  izikole  kuthiwa izincwadi azilethwe  esikoleni  kungavulwa  isikole .

Yebo kufanele kubenjalo kodwa-ke kungenziwe njalo kungekho indlu ehlala isitokwe.  Futhi kungekho  nomlindisikole , kungekho isho  nehhovisi  likaThishanhloko, elakhiwe kahle elinokuphepha.

Akesiphawule ngemfundo ngokuqaphela nangokwakha, imfundo yesizwe siyithathe ibe umthwalo wethu.  Unengane  esikoleni  noma awunayo.

Kuke kuphawulwe ngokuthi wahamba ngolonwabo  uHulumeni  waKwaZulu omdala, ingani phela wayenqaba ukuthatha uzimele geqe entswinywa  ezimalini .  Izinhloko zokuphatha iminyango kwathathwa zonke izinkedama ezaziqhamuka  ePitoli  eziyizehluleki zilahle  oHulumeni  babantu.

 Ama-National  ayeyibambile inqola ukuthi ihambe kancane ngesimanje izingane zithi babeyibambe  nge-remote   control .  Babeyibambe ukuthi ihambe ngolonwabu.   Emadolobheni   izikole  zethu zazakhiwe kube opomu nje.

 Ama-National  ayeqiniseka ukuthi eduze  kwesikole  kuba  nebhodlela   store  noluhoho lapho kuphuzwa khona.  Kungekho izinkundla zokudlala, kungenamtapo wezincwadi ngoba babebona ukuthi asikufanele lokhu.

Emakhaya imiphakathi yayiciciyele izakhele  izikole  ngale kwalokho ngabe akukho  zikole .  Umuntu ufisa sengathi imikhandlu  yezikole  ingathatha igxathu lokuthi imiphakathi ihlangane yazane ixoxisane nabaHloli  bezikole  ezisendaweni yabo.  Baxoxisane bazane  nothisha  kanye nebaqondisi beziyingi  o-Regional   Director .

Lobubudlelwane ngibubona bubalulekile ekutheni kuqiniswe ubunini  besikole  kwimiphakathi.  Umuntu uyafisa ukubeka ubunxusa  othisa  bafundise abazali ukuba bahlole umsebenzi wezingane zabo bawushicelele.

Umuntu uqina idolo ukukhuluma kanjalo ngoba  othisha  bethu izingane zabo azifundi  kulezizikole  abafundisa kuzo, zifunda  kulezikole  ezixube izinhlanga.  Izingane  zothisha  bethu laba abafundisa  ezikoleni  zabomdabu iningi labo izingane zabo zifunda  kulezikole  ezixube izinhlanga.

Bayabizwa  kulezikole  njengabazali emhlanganweni baye futhi, ngisho ebusuku bayabizwa ngo-7H00 baye, abakujahi  uku-ofa .  Kungakuhle phela nabo bahlangane nabazali bezingane abazifundisayo ngoba bayakubona ubuhle baleyomhlangano.

Akuthi phela ulwazi umuntu aluzuzayo akwazi ukulidlulisela kwabanye athintana nabo, ikakhulu kulababazali abampofu abangakwazi bona ukuyisa izingane zabo  kulezikole  ezixube izinhlanga.

Asakhe isizwe sethu bantu akukho muntu oyosakhela isizwe sethu siyozakhela thina.  Uma sengibuka lapha kwezomsakazo ikakhulu Ukhozi olumaphikophiko lodumo lubambe indima enkulu ekufundiseni siyalibonga Ukhozi ngalokho.

Ngiyakhala lapha kukhona uhlelo lwezemfundo oluba lapha  sekukwatela   ehoreni  lesithathu phakathi nezinsuku, ukucela nje bantabami ukuthi ngoba lushaya izingane zisasendleleni ziya emakhaya ukuthi lungehlehle yini ngoba aluve lukhuluma izinto ezibalulekile.

Okunye siyacela abasakazi basize ukuthi baqiniseke ekusizeni umphakathi ukuthi ukhulume isiZulu esiqondile.  Kunegama lokuthi uma umuntu ekhonza lokuthi athi ngikhonzela usibani bani esho ekhonza yena.

Phela njengezinsizwa nje, insizwa ibithi uma ikhuluma nentombi ithi ngicela ungikhonzele enhliziyweni yakho, kwakuyisisho leso.

 DR  L J T MTALANE:  Bangakulungisa lakho abasakazi ngisho phela ngoba uMholi wabo uBhodloza wakulungisa ukulungisa amagama, ukufundisa umphakathi ukuthi "ukufisela", "unwele olude", ukuhalaliselwa.

Uma akwenza lokho nabanye bangakwenza ukubekezela nje nokuzethwesa umthwalo wokufundisa abanye.

Sihlalo neNdlu yakho ehloniphekile, kungumthwalo wethu ukuba sibambisane ukwenza ngcono imfundo kulelizwe lethu.  Siyambonga uMntwana waseNkombabantu,  u-DR  V T Zulu emsebenzini awenzela leli likaMthaniya enobunzima obukhulu bokugxekwa kodwa wabekezela.

Sifisela uMhlonishwa, uNgqongqoshe uNkosikazi Shandu noNsumpa jikelele  uDokptela  lapha insizwa  u-M   Jarvis ,  nesitafu  sakhe sonke kulomnyango.  Impumelelo kulonyaka sengathi ingabankulu.  Ngiyabonga Mphathisihlalo, ngiyaseseka isabelo sezimali.
[ ikhasi 157 umugqai 25- ikhasi 161 umugqai 29]

 Cov 399:

ISESHINI YESITHUPHA

UMHLANGANO WESITHATHU	OJWAYELEKILE	MHLAKA 23, 24 NO 25 KU NDASA 1999

UMQULU 3


 Vol 399:
MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):Angibonge Sihlalo, Somlomo Baba.  Engicabanga ukuthi okokuqala angixolisele  u Phillip Powell  kunomhlangano ophuthumayo omele ukhetho  ka IEC  eThekwini, ngabe ukhona la.  Omunye angakuthathi ngokuthi ngoba kunale  motion  eqondiswe kuyena ngqo ukuthi ubalekile, akabalekile.

Ngicabanga ukuthi Baba Somlomo, sesizwile umsindo oqhamuka ngale kumfaki wale  motion  uBheki Cele.  Siyamuzwa ukuthi impela ukuthi uyakhuluma, uyamemeza.  Ngicabanga ukuthi nezintaba  zasePomeroy  ziyezwa njengoba ememeza nje.

Kuliqiniso ukuthi kulempelasonto Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile bekuwusuku kuyisonto lamalungelo esizwe.  Futhi kuyiqiniso nakulabo abafuna ukuhlukumeza abanye abantu kungamalungelo abo.

Bekuyisonto lamalungelo abo ukuba bakwazi ukuthi baphumelele, bakwazi ukungcofa abanye abantu, njengoba enza nje umfowethu laphaya uBheki Cele lungelo lakhe lelo lokuthi ahlasele uMnumzane  Powell  ngento engekho.

Somlomo, okokuqala ngiyasigxeka isenzo sokuba  amaphoyisa  namasosha baphume umkhankaso wokuhlukumeza abantu  ePomeroy .  Njengomuntu omdala angisoze ngakuvuma ukuthi kubekhona  amaphoyisa  ahambayo ayohlukumeza abantu  ePomeroy .

Futhi ngiyakugxeka ukubulawa kwabantu  njengo van Zyl  lona owabulawa eyodayisa ubisi, ngiyakugxeka lokho.  Kodwa ngicabanga ukuthi kufuneka ukuthi ngikusho lokhu Baba Somlomo, ukuthi loludaba okungixaka kakhulu ukuthi njengoba uzakwethu lapha njengoba ekhuluma nje uBheki Cele unolwazi oluphelele emqondweni wakhe ukuthi sekunesikhathi esingakanani mina naye  ne sub committee   yakwa Safety   and   Security  siya eMsinga siyokhuluma ngokunukubezwa kwabantu, benukubezwa  amaphoyisa  namasosha. Behlukunyezwa kubulawa abantu, kubulawa imizi yabantu, kuthathwa  izimali  zabantu ngamasosha.  Okungewona endawo,  namaphoyisa  okungewona endawo, kuyiqiniso umfowethu uBheki Cele uyakwazi lokho.

Ngixakwa ukuthi uma kuliqiniso lokhu okushiwo umfana wami lapha uBheki kudalwe yini ukuthi angathi njengoba enguSihlalo yena  we Safety   and   Security  atshele  ikomiti  ukuthi akuhanjwe kuyiwe eMsinga kuyobhekwa lomkhuhlane okuthiwa wenziwa  amaphoyisa  namasosha eMsinga.

Kwenziwe yini lokhu akuthathe athi akuze la kuzokhulunywa la  ePhalamende . Inhloso yalokho akukona ukudayisa ukuthi bangcolise uMnumzane  Powell . Akulona yini iqiniso ukuthi uMnumzane uBheki nombimbi lwakhe baqonde ukungcolisa iqembu  le IFP .

Ngimzwile uma ekhuluma uBheki Cele ngithola ukudumala okukhulu kakhulu uma ezothatha umsebenzi  ka Phillip   Powell  lo eyilunga  lePhalamende , okungumsebenzi wakhe ukuthi lapho kufe khona nomangabe ubani kungumsebenzi wakhe ukuthi aye khona.  Njengoba naye eya kuBheki.

Uzokhumbula uBheki kubulawe abantu eZingolweni uye ngaphandle kokuthi athinte uMhlonishwa,  u Minister  Inkosi uNgubane okungumsebenzi wakhe kuthi azi uma kufa abantu endaweni.  Waya lapho ngaphandle kokumthinta.

 U Phillip   Powell  angazi ukuthi imigomo unemigomo yokuthi yena eyilunga  lePhalamende  uma kubulawa ilunga noma umuntu  ePomeroy  kufanele angayi yini lapho na?

Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile angikubeke ukuthi  u Phillip   Powell  waya lapha njengesikhundla sakhe sokuba lapho kubulawe khona abantu aye. Futhi kungumsebenzi wakhe ukuthi ayodala ukuthula kuleyondawo.

Angisho namhlanje Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile ukuthi abantu  basePomeroy .

ISIKHULUMI:  Ilunga lisalelwe  amaminithi  amabili.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Abantu  basePomeroy , neNkosi  yasePomeroy , neZinduna  zasePomeroy  ziyayidinga  le sub committee  ukuthi iye khona.

Ngicela uma siphuma kulendlu silunqume usuku lokuthi siya nini kulelisonto,  ikomiti  liye laphaya.  Khona kuzotholakala amaqiniso lawa akhulunywa  u Phillip   Powell  ukuthi azovela yini laphaya kubantu.  Ngoba  u Phillip   Powell  umsulwa kuloludaba.  Kodwa indlela  abakaKhongolose  abafisa ukuthi bangcofe ngayo  u.Phillip   Powell .

Ngiyakunxusake Magaye ukuthi siphuma la kufuneka sithinte Inkosi yakhona,neZinduna, nomphakathi wakhona ohlukumezekile ukuthi bayosho ukuthi wabamba liphi iqhaza  u Phillip   Powell  ngesikhathi elapho, engazange asondele kwakusondela kuleyondawo okwakwenzeke yona.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 5 umugqai 28- ikhasi 8 umugqai 2]

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):   Niyakuvuma?  Uqinisile?  Awu! ayi asiyibeke eceleni inesithuba sayo.

La udaba okukhulunywa ngalo lolu olwakhalisa  iKhansela  uMkhize njengoba eseshilo amalunga  e Portfolio   committee   e Security  lapha  KwaZulu Natali  iqiniso.  Uma singakhuluma ngabantu baseMsinga asebebulewe  amaphoyisa  ihlazo.

UCele wayengakazalwa kuqalwa lento befa abantu, seze wazalwa, seze wampunga.  Sasithi ngaphambili kwenza ngoba  kusewuHulumeni   wamaBhunu .

Siphatheka kabi kakhulu namhlanje uma  sekuwuHulumeni  wakithi kusenzeka yona leyonto.  Njengoba yaya  i Portfolio   Committee  eMsinga, izikhathi esayo ngazo ziningana.

Kodwa kuze kube namhlanje nangu uMadondo yithina sobabili abaseMsinga la ayikaze isicele  le Portfolio   Committee  ukuba sizoyisiza sihlale nayo phansi siyinikeze ukuthi yini eyenzakalayo.

Ngikholwa ukuthi abantu baseMsinga babekezele ngokwenele.  Bekungafanele ukuba kwethuse lokhu okwakushiwo  uKhansela  uMkhize noma ayethetha.  Ngimbonile uMkhize ngambuza ukuthi wayethini, wangichazela ukuthi ukukhulume lokho kulentatheli wayethetha.  Ngezizathu zokuthi sebenze konke abantu baseMsinga ukubika  kuHulumeni  ngezinto ezenzakalayo, zenzeka ngendlela elihlazo kakhulu.

Ngo 1995 kuhlaselwe umuzi kaMuntu onotshwala Zulu lapha  e Keats Drift ,
kwadutshulwa abafana bakhe babulawa amasosha bafa bobabili. Wabaleka waze wayofika  emaphoyiseni  wabuya esebuya  namaphoyisa  afika amasosha amthatha  emaphoyiseni  amgxoba aze amthwala wona amusa esibhedlela.  Udaba  lusenkantolo  nanamhlanje  lelocala  aluzwakali ukuthi luthini.
 ISIKHULUMI:   UMhlonishwa usesele nemithi, goqa Mhlonishwa.   

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):   Ewu, angisazi Somlomo, ngoba phela bekwaziwa ukuthi kukhulunywa ngodaba lwaseMsinga uma nginikwa  u six   minutes  ukuthi bengiqonde ukukhuluma ngeyini?

Angikwazi ukuphikisa kodwake ngiyacela ukuba kubhalwe ukuthi nalile ukuba ngikhulume.  Ngivalelwe okuningike ebengizonisiza kukho ngoba kwezinye izindawo niyaduka.  Ngenzenjani Somlomo?  [UHLEKO]

ISIKHULUMI:   Ngebhadi elikhulu Mhlonishwa ibona omosotswibhi ibona  
abahlela  amaminithi , nababa  amaminithi  okukhuluma.  

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):   Alright /kulungile anginivalelise ngokuthi phathani loludaba njengodaba olubaluleke kakhulu oluthinta umphakathi, umphakathi futhi osuhlukumezeke kakhulu.

Kuningi obekufanele ukuba ngikusho ngiyabopheka, kodwa engizogcina ngakho ukuthi kulaba  be Portfolio   Committee  ngizwe uMnumzane  u Haygarth  laphaya ethi uma beya laphaya bake bathole ukungqubuzana kwamaqembu yonke lento ngahlupheka nje.
 
Ngizonisiza ngokuthi sizawukuthi emva kwalezinkulumo sihlangane noMnumzane Madondo sinilungisele yonke into elaphaya eMsinga ukuze lezindaba zenu zikhulunywe kahle, nikhulume zona ngempela ezihlupha abantu baseMsinga.

Phela bengicelile ukuthi kuthi ukwengeza bakithi.  Indlu ivumile Somlomo.

 ISIKHULUMI:   Besengezile Mhlonishwa cishe  ngeminithi  ngaphezulu.   

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):   Wothanini elethu.  
[ ikhasi 13 umugqai 7- ikhasi 15 umugqai 12]

NKOSIKAZI H M  BLOSE :   Ngibonga kakhulu ukuthi kusukume imbokodo kukhale
amadoda kutshengise ukuthi amadoda asayisaba namanje imbokodo.

Sihlalo, ngiyabonga.  Ukukhuluma nje kakhulukazi ngabantu basemaphandleni,
ukubonga ukukhuluma ngabantu  basemaplazini .  Kodwa ngizoqala ngabantu
basemakhaya njengoba udadewethu engikhumbuza lapha ngaphesheya.

Siyezwa ukuthi uXoshindlala uyawusebenza umsebenzi lo wakhe okushiwoyo
ukuthi unawo uyatshala, uyalima, uyathunga, wenza zonke lezi ezinye izinto
ezifanele ziqhubeke.

Sibonga kakhulukazi noNgqongqoshe wezoMnyango weZempilo ukuthi alekelele
afake esivivaneni.  Ibekhona  imishini  abanye abantu abanikezwa ngoba
okuyinhloso enkulu woMnyango weZolimo ukuthi abantu bathuthuke bakwazi
ukuzimela bazenzele ikakhulukazi abantu besifazane, ngoba ibona abahlala
emakhaya abahluphekayo abangayitholi imisebenzi.

Baba Sihlalo, ngiyabonga kakhulu la kuleli likaMthaniya kunezinkinga eziningi
ezisembethe kakhulukazi lapha  emaplazini  kusukela ngo 1994 sikhuluma
ngendaba  yasemaplazini  ukuthi bayakhuluma layindlini, bakhulume baqephuze baze baguqe ngamadolo kodwa uma uya lapha  emaplazini  abo bayagqilaza,
bagqilaza abantu Abamnyama.

Kunabantu abangazange balibone  ivoti  labo ukuthi lashonaphi abacindezelwe
sengathi abazange baze  bavote .  Sithi sikhuluma ngabantu  basemaplazini  ukuthi
abatshale basebenze umsebenzi  wasemaplazini , akwenzeki lokho kunalokho
bayaxoshwa kuthiwe abahambe.

Ezindaweni zabo, esingazi ukuthi kuthiwa abayephi ngoba lelizwe  abantu
Abamnyama abanawo omunye umhlaba kulomhlaba esinawo owokuqala
owokugcina.  Uma sixoshwa la asazi ukuthi sixoshwa nithi asiye kuliphi izwe. 
Ngoba la elikaPhunga noMageba la siyofela khona futhi ngeke sigibele izindiza
siye kwamanye amazwe siyofela la.

Baba Sihlalo, ngibonga kakhulu, kodwa nje kunenkinga ekuseni namhlanje
ngithola udaba oluthi lapha  emaplazini  kunoBaba thina sinabantu abagcina
amasiko njengamaZulu.  Kodwa kunoBaba owathi egcina usiko, ngikhuluma
ikakhulukazi ngendawo yaseMajuba, ngikhuluma ngendawo yaseNgogo.

Laphaya eNgogo abantu bahlezi  e Robben   Island .  Laphaya ngathi basejele
ngoba noma ethi ugaya utshwala besiZulu bayafika  obasi  babuchithe bathathe
inyama baginqe phansi igcwale umhlabathi.

Akekho ongangiphikisa kulokho ngoba ngizosho igama ngimbize noBaba
owenzelwa leyonto emzini wakhe, bahlezi ejele.Kukhona uBaba ongakwazi
ngisho ukuyokha amanzi ubiyelwa lapha ngocingo ngoba akafuneki  kuleliyaplazi ,
ubiyelwe ejele.

 U-chairperson   we agriculture  kufuneka ayivakashele leyandawo ngoba
igcindezelekile ngendlela emangalisayo.  Njengamanje ngifisa ukuthi ngisho
ukuthi laphaya  kulawamaplazi  uBaba okade enezinkomo eziwu 30  iBhunu 
laqeda lazithatha ezinye izinkomo zakhe  eziwu five  lathi liyozidayisa ngoba
kufuneka akhokhele utshani.

Utshani  balobasi  bafuna u R3 000 uzowuthathaphi loBaba u R3 000 ngoba vele
akasasebenzi uthe usegugile akahambe ayohlala phansi.
 Engifisa ukubuza la kulaba  abanamaplazi  ukuthi leyomthetho uma behlezi ngoba
nithi niyababiza bayagoloza ukuza niyavumelana yini?  Ungangibuki Mnumzane  Nel ,
ngoba okunye kuyakuthinta nawe kulokhu engikushoyo

NKOSIKAZI H M  BLOSE : Ngichaza ukuthi njengamanje okusiphethe kabi ilokho ukuthi
abantu  basemaplazini  bahlezi kabi kodwa la asive siqephuza sikhuluma size
sikhiphe amangwevu kodwa abantu  basemaplazini  abakayitholi inkululeko. 
Bazoyithola nini inkululeko?  

 U Minister  wethu sibonga ukuthi uma sikhuluma naye akwazi ukulalela abantu
ukuthi bafunani.  Siyabonga sengathi ungaqhubeka njalo  Minister  ngoba vele ula
kufanele uzwe izimvo zabantu ukuthi abantu bafunani.  Ngibonga kakhulu
Sihlalo wami ngiyayisaphotha  ibhajethi .
[ ikhasi 57 umugqai 30- ikhasi 60 umugqai 35]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Angibonge Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile. 
Ngicabanga ukuthi ngikhuluma ngaphansi kwaloMnyango weZolimo, umnyango
obalulekile engicabanga ukuthi olayindlini uyazi ukuthi ubaluleke kanjani
lomnyango.  Ngoba kwakudla esikudlayo kuqhamuka kuwo lomnyango.

Okokuqala angibonge Sihlalo, ngibonge kakhulu kuMhlonishwa, uNgqongqoshe
walomnyango ngokuqhuba ezolimo kuleSifunda saKwaZulu ngendlela
enobukhulu ubuciko.

Angibonge kakhulu kumbutho wabesifazane ikakhulukazi wezinhlangano
zabesifazane, engingambala lapho ohola umbutho wesifazane
osenguNgqongqoshe namhlanje ngokuba alandele uholo lukaMhlonishwa  u Minister   Singh .  Ngoba bayenze yonke indlela yokwenza ukuthi umphakathi
ukwazi ukuziphandela wona qobo ungabheki  kuHulumeni  ukuthi uyoze
uphakelwe  uHulumeni .

Ngiyazi ukuthi Sihlalo, isimo sezomnotho kulelizwe sibukeka sintenga kakhulu,
ngalesikhathi umphakathi ungasebenzi, lapho umphakathi udinga ukuba ulandele
isiqubulo esashiwo uMntwana waKwaPhindangene ukuthi umphakathi
awuzifundise ukuthi usebenzise amandla awo, nemisipha yawo ungathembeli
ukuthi uyokhangezwa ngasosonke isikhathi.

Siyazi ukuthi uMhlonishwa,  u Minister  uzimisele ukusiza umphakathi
ohluphekayo.  Into embi ekhona umphakathi sewangenelwa obukhulu ubugebengu.  Ayi wonke kodwa omningi umphakathi usukwazi ukuthi uma
utshale ummbila nawo uyingxenye yalowommbila wakho.

Uma utshale noma iziphi izitshalo ofuna ukuzitshala umphakathi wazi ukuthi
uyingxenye yalokho.  Lokhoke Mhlonishwa umphakathi la uzithola khona
usumadolonzima ukuthi usebenze ngokuba ukwazi ukuziphilisa ngoba
kuleyonsimana yakho oyilimayo kukhona abahlalele ukuthi bayokuphazamisa
babe umndeni wakho ngesikhathi sekudliwa, kodwa ngesikhathi kusetshenzwa
bangabi umndeni wakho.

Somlomo, abagcini lapho ngokuntshontsha izitshalo ngisho abaNumzane
nabafuye izinkomo namhlanje abanazo ngenxa yalezigebengu.  Iziklabhu
izigebengu, badla  oKhisimusi  badla mahhala.

Anginxuse kakhulu lapha kuBaba, uMhlonishwa uNxamalala ukuthi asize
angazami ukubajikijela ngamagama ayiziswana.  Kodwa ngizama ukusho
njengendoda endala ukuthi phela umuntu wawumchathe ngomuthi kudinga
ukuthi ubuye uwukhiphe lowomuthi ungahlali kuyena.
[ ikhasi 60 umugqai 43- ikhasi 62 umugqai 30]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):   Uyabona isisho esasithi Sihlalo, abantu
ngesikhathi bekhuthazwa ukuba  abayovota  ngo 1994 batshelwa ukuthi Baba
bayothola izindlu zamahhala, ukudla kwamahhala ngeke besahlupheka, ngeke
besasebenza.

Manje lobobutha Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile ayiphelile lento
emphakathini, ngiyabanxusa Baba uNdebele uMhlonishwa ukuthi abasize
ukhishwe lomuthi kubantu kuyiwe bayotshelwa ukuthi sasikade sincokola uma
sithi yonke into kuyoba eyamahhala.

Sonke asibuyele ebhadini lokuba sisebenze senzele phela ukuthi kungabikhona ukukhala....

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ): Ngiyazi ukuthi njengoba ngikhuluma nje ihlaba
esikhonkosini kwabanye abantu, njengoba ubabona behumuzela nje
bahumuzeliswa ilokho.

Kukhona isikhathi la kufanele Sihlalo kukhulunywe....

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):   Sengizogcina Baba, ngigcine ngelokuthi
 kuleliminithi  onginika lona uMhlonishwa,  u Minister  uqale into eyisimangaliso
uXoshindlala.  Namhlanje umbutho wabesifazane  unemishini  uyathunga. 
Udadewethu lapha  u Happy  unobufakazi balokho.

Izinhlangano zamakhosikazi zinikezwe ilo  Minister   imishini  yokuthunga.  Manje
bathunga ama  uniform   ezikole  benza yonke into.  Ngithi phambili Baba,  Minister   Singh  ngokuthuthukisa lelizwe.

Ngicele kuBaba uSihlalo wethu  wakwaKhongolose  ukuthi ayibo yobe batshelwe
abantu ukuthi kwakuncokolwa kwakungashiwo ukuthi akuqhutshekwe
kubenjalo.  Ngiyathokoza.
[   ikhasi 62 umugqai 37- ikhasi 63 umugqai 59]

Kodwake Sihlalo,  u Minister  ukhulume ngokuthi nansi imisebenzi, nansi
imisebenzi okufanele yenziwe, neyenziwayo emhlabeni, uphi lowomhlaba? 
Awukho umhlaba Mnumzane  Minister , umhlaba muncane kakhulu abantu abaningi
kulelizwe abanawo umhlaba.

Ukhuluma wena ngomhlaba lo omncanyanyana lona okhona iningi labantu
abanawo umhlaba.  Sayithola inkululeko  yepolitiki  kodwa umhlaba
awukabibikho.  Ngoba uma ukhuluma ngakhokonke lokhu iningi labantu
abangama  Afrika  ababecindezelekile abanikazi bomhlaba uNkulunkulu abapha
wona abanawo umhlaba.

UNkulunkulu wayengenzanga isiphosiso ukusibeka la kulomhlaba athi owethu. 
Noma kukhulunywa ngomhlaba kuthiwe uyabuyiswa sehluleka le  e Trade 
 Centre  indaba yomhlaba ukuyilungisa.  Iyo lendaba kukhulunywa ngo  13% ,  u 13%  lo owasala oyimvushwana sincuzulela wona ngo 1913.

Kusukela mhlaka 1652 uphi lowomhlaba?  Kufanele kubuye wonke umhlaba
ubekwe la sikhulume ngawoke wabiwe kahle, futhi lokukwabiwa komhlaba
akukona lokhu ukuthi umhlaba uyabiwa kushiwo umhlaba uthengwa. 
 uHulumeni   engenamali  kuthiwe akahambe ayothenga umhlabathi kubantu
abangeke bakhiphe noma yinye  irisidi  ukuthi bawuthenga.

Kunomhlobo wami ..........

MNUMZANE J D MKHWANAZI:   Awuzwake.  Asishoke ukuthi awuthathwe ngenkani
lomhlaba kubalimi, kodwa sithi akukhulunywe kahle.  Izigebengu lezi ezibulala
abalimi asihambisani nazo.  Thina  PAC  sithi aziboshwe, zijeziswe ngemfanelo.
 iyazike thina  PAC  uma sithi uma sithi izigebengu azijeziswe sisho ukuthini. 
Ngakhoke  ngiyayisaphotha   lebhajethi  noma kambe  u Minister  esebenza kanzima
 ama Afrika  le awanawo umhlaba, naMakhosi umhlaba awusekho kanti
kwakufanele umhlaba ubuye kahle.

Siyolokhu sishilo uyoze ubuye lomhlaba noma nini siyolokhu sisishayile isipikili
ukuthi awubuye umhlaba ukuze wabiwe kahle wanele bonke abantu. 
Ikakhulukazi lomhlaba........

[ ikhasi 74 umugqai 57- ikhasi 76 umugqai 32]

MNUMZANE W A ZUMA:  Ngiyabonga Sihlalo.  Okokuqala nje Sihlalo nginokuthokoza
okukhulu ukuthola lelithuba elimqoka okukhulu kangaka.  Ukuba ngikhiphe ilaka
lami kuleNdlu ehloniphekile.

Sihlalo, ngingathi nje mina lokhu okwenzekayo kulelizwe engilithandayo
nabantu bonke abakuthandayo ukuthula kuyabadumaza uma bebona izwe lisha
ubuhanguhangu, kodwa bekhona abantu okufanele balivikele.  Kodwa ungezwa
lutho oluya phambili.

Ngisho lokhu nje ngiqonde ukuba abalimi kulelizwe laseNingizimu  Afrika 
bayabulawa kodwa akubonakali ukuboshwa kwabantu abenza ububi obungaka. 
Lento kwabanye abantu bayibuka sengathi into yokudlala.

Umangase abalimi baphathwe ngalendlela ebese bethatha isinqumo esijulileyo
sokuba balifulathele leli kungabe kusalinywa amandla ayophela kubona bonke
abakhele lelilizwe.  Ngoba izitshalo eziphilisayo zingasekho.  Kuyofiwa
sekungasabulawana ngezikhali, nenyama iphele nya.

Mina ngiyabaxwayisa abenza okubi behlukumeza izakhamizi ngoba umthetho
ungekho njengoba kwenzeka nje.  Kubekhona abanye abantu abasezingeni eliphezulu okufanele batshengise abantu abasemazingeni aphansi uholo lwabo
bese kuba ibona abanika labobantu ukungcola.

Bathi umangabe bekhohlisa  uHulumeni  ngoba bona benezinhloso zabo
zokungcola ebese bethi  uHulumeni  ayifuneki intambo.  Ikhona phela  uHulumeni 
ezokwenza umsebenzi wakhe sokukhipha isigwebo esinzima esimfanele
 njengoHulumeni  ophethe wonke umuntu.

MNUMZANE W A ZUMA:   Izikhohlakali zike zijabule ukuthi  uHulumeni  wenza into enhle
yokuthi isigwebo sentambo asiphele besho lokho bese bethi  uHulumeni  uma
ekhipha isigwebo sentambo uqeda amalungelo abantu kodwa bangabheki
amalungelo alabo asebehlukumezekile babulawa, badlwengulwe benziwe yonke
into engalungile.

Ngineqiniso lokuthi Sihlalo, lelizwe angabe selilungile uma ngabe kuya
ngenkulumo esishiwo abantu, abathi amalungelo abantu awahlonishwe....
[ ikhasi 76 umugqai 43- ikhasi 78 umugqai 11]

INKOSI K W MATHABA:   Ngithi angizibongele kakhulu kwabangezwanga uma
ngiqala ukuthi ngibonge lapha kuMhlonishwa uBaba  u Singh  ngendlela asibekele
ngayo lapha.

Okokuqala ngithi angikubonge Mhlonishwa ukuthi uma  i Portfolio   Committee  ikucela ungumafika eshesha njengoba umfowethu uMohlomi eke wabeka. 
Nakumba  breathings  ethu njengoba silana  njenge Portfolio  kuye kwabakhona
ukuhlangana, indlela enhle leyo yokubambisana.

Nokhoke ngisho ukuthi  kule department  yakho oyiphethe mhlezane ukhonjwa
kuthiwa ngena kuyona kwakhonjwa umuntu ofanele nowazi kahle ngezolimo.

Ngilapha ekuthenini Mphathisihlalo, umhlabathi uyinto ebalulekile kakhulu
empilweni yethu.  Ngaphandle komhlabathi angeke sibe abantu abaphilayo. 
Umhlabathi siyawusebenzisa kakhulu ukuze sikwazi ukuthi siphile.

Sibuya elantshini nje ingenxa yokuthi konke ebesikade sikudla kuqhamuka
emhlabathini.  Njengoba uMhlonishwa kade esiluleka lapha.  Ngakhoke kufanele
ukuthi umhlabathi omncane, omncane nomange umncane kangakanani esinawo
kufanele masiwusebenziseni ngendlela efanele.

Ngisho lokho ngibe ngazi izikhulumi ezingaphambili zikhulumile ukuthi awukho
umhlabathi esingabe siyawusebenzisa.  Kodwa akusho ukuthi lokho okuncane
sekufanele masingakusebenzisi.  Ngakhoke izwe bakithi alimile kahle imisebenzi
ayikho, uma ingekho imisebenzi abanikazi  bamafemu  behambile ayikho enye
into abantu abangaphephela kuyona kuphela ukuthi basebenzise izandla zabo
ngokusebenzisa umhlabathi.

Basebenzise izandla zabo ngokuthi bethunge njengoba kukhona lana ngaphandle
ingqephu ebekade ngiyibona lapha ithungwa ngabanye boMama.  Ngakhoke
ngithi ngiyakusekela lokho kakhulu Mhlonishwa enkulumeni yakho
ukugqugquzela oMame emakhaya ukuthi benze  izingadi  lena emakhaya ngithi
kuwumsebenzi omuhle lowo.

Kunabantu bakithi abasebenzayo benza  izingadi  abangasamcabangi umlungu
namuhla asebengabelungu bona msalofu.  Ngakhoke ngithi angikuncome Baba
Mhlonishwa. 

Ngifisa ukungena kuleliphuzu leli lokubulawa kwabalimi, ukufa kwabalimi. 
Angizimisele, angithandi, angizwisisi, angizwa kahle uma kukhulunywa kahle
ngokubulawa kwabalimi ngoba ukubulawa kwabalimi ukufa komnotho wezwe
lethu. Thina esingakaze size sikwazi ukulima kufanele masifunde thina kubona abalimi. 
Kodwa angihambisani nalokhu okubekwe umfowethu lapha uMohlomi ukuthi
kungenzeka kokunye ukuthi abalimi bathola ukubulawa yingenxa ukuthi uma
abantu befuna ukungcwaba abayitholi indawo yokuthi bangcwabe.
***************************************************************888888888888

Ngithi zikhona phela izindlela esingahlala phansi sibonisane nabo abalimi ukuthi
sizalelwe khona la, ngakho njengamanje sifisa ukuthi asinazo izindawo zokuthi
sibeke abantu bethu.  Loko ukubulala abalimi akuyixazululi neze neze inkinga. 
Ngicabanga ukuthi akekho layindlini okuncomayo ukubulawa kwabalimi.

Mayelana nezindawo nemihlaba njengoba uMhlonishwa ebekile ukuthi kusukela
1995 kuze kube inamuhla, umhlaba kufanele ngabe  uHulumeni  uyayidedela
lemihlaba ibuyele ngapha ngakithi.  Ngithi angeke size sikwamukele siyolwa
 ngazozonke izinyawo. 

INKOSI K W MATHABA:   Umhlabathi wethu owawuthathiwe ukuthi ubuye. 
Ngaphandle komhlabathi asingeke sakwazi ukuthi senze lutho.  Ngakhoke thina
Makhosi siyingxenye yabantu, ithina esingabanikazi balemihlabathi.

Thina singamemeza kuwowonke Amakhosi aKwaZulu  neNatali  ukuthi
imihlabathi yawo eyathathwa mabasukume beyifuna ngokukhulu ukuthula. 
Njengoba sizwa ukuthi eMsinga nje kunabantu abawu    2 500 asebesele
budengwane ngenxa yezimpi ezikhona.

Ngakhoke ngithi ekugcineni ngiyayibonga  i Netherland  mangabe izofaka......

[ ikhasi 82 umugqai 57- ikhasi 85 umugqai 50]

Ndabezitha ngibonga kakhulu ngoba emnyangweni wakho Mageba
uyahlola, uhlele ngenxa yokuthi unguMzulu owaziyo ukuthi umtomdala
uyahlonishwa.

Kukhona Mnumzane  Chair sir , abantu ababephuma  right out of their way  betshela izingane ukuthi aziphume yonke indawo zenze izwe lingabuseki.  Kepha bathe uma sekuyiwa kwi  list  labobantu bazikhipha lezozingane.

 And  Ndabezitha kuwena emnyangweni wakhe izingane ebezikade zibhalisa
bezifundisiwe, beninohlelo enizikhethayo kube izingane zeqophelo ezinakekelayo
kubantu abadala. Ingane uma ithatha umuntu ubone ukuthi ithatha engathi umzali wayo. 
Sikubonge kakhulu Mageba lokho, sengathi ungaphuma uye nakweminye
iminyango ubafundise ngokufanayo.
[ikhasi 136 umugqai 13- umugqai 51]

esiyishiye kukhona isicelo esiqhamuka kwilunga elihloniphekileyo u NKOSIKAZI
 Cronje   ukuba kubekhona ukugcwalisela noma  i amendment  kwasukuma ilunga
elihloniphekileyo uMnumzane  u Burrows  wathi lolodaba ngekesikwazi ukulixoxa
ngoba asiliboni phansi.

Ngakhoke sengibona laphambi kumalunga ahloniphekileyo kuyakhombisa ukuthi
sekubhalekile phansi.  Ngakhoke umangikubuka lokhu okubhaleke phansi
kukhombisa ngokusobala ukuthi kunoguquko olukhulu eliku  motion  engingafisa
ngaleyondlela ukuba mhlawumbe ngizwe uvo  kwiphathi ,  ngephathi  ngaphambi
 kokuba ngithathe isinqumo.   Ngokwesigaba 104 (g).
[ ikhasi 155 umugqai 45- ikhasi 156 umugqai 10]

MNUMZANE T F DINGILA:    Yithi laba Sihlalo ohloniphekile esasishaya itoyi toyi Olundi
sithi; "We  Botha  khulula uMandela".  Angikhulumi Sihlalo ngabafana
abangangaleya nsizwa engaphesheya babegxuma mahhala sifisa ukuthi
abafowethu abaku  exile  babuye.
[ ikhasi 202 umugqai 19- 30]

Uyabona ngo 1984 kuyaphezulu kuleSifundazwe saKwaZulu  Natali 
wawucabanga engazathi uya ko 1985/86 kuyabhujwa, kuyasha abantu
ababenotho balahlekelwa, ababengenalutho abazange balithole ithuba lokuthi
babenotho.

Kodwa siyabonga ukuthi  i Department  kulezinsuku ikhuluma ukuthi akusikhona
kuphela ukuthi sizibhekela thina nomakhelwane bethu, kodwa nalabo  osomabhizinisi  abancane abalahlekelwa bazosizakala kanjani.

Kukhulunywa namahlanje ukuthi bazosizakala kanjani.   We are very happy
about that Minister .  Kulokhu siku 1999 baHlonishwa,  we have begun with our
election campaign .  ngiyazi ukuthi ukukhuluma kwethu akuzukufana nokwenza
kodwa ngiyafisa ukusho ukuthi kimina bekufanele sithi umnotho lona
esikhuluma ngawo nokukhula kwawo kunento ephambana nayo.  Leyonto
ukulwa nodlame angeke ngikhulume ngiqede ngingakhulumanga ngokuthi ukuba
 ngempela besilithanda izwe lakithi, neSifundazwe sakithi... 
[ ikhasi 218 umugqai 59- ikhasi 219 umugqai 38]

MNUMZANE S N MTETWA:   Awu!  Bekuzofanele sonke siphume sithi siyokhankasa
ngokuthula ngoba ngokwenze njalo siyobe sikhombisa inhloso yokunyuka
komnotho weSifunda sakithi.  Ngokunyuka kwawo kusizakala abantu bakithi.

Bonke ke bazokhankasa ngokuthula bayobe bekhomba uthando kubantu,
nokuthuthuka kwesizwe sabo abakusona.  Abantu ilesosikhathi bezobona
khona, bezolalela khona, bezocabanga khona, ekugcineni bese bekhuluma.  Okokugcina Sihlalo, angibonge ukuthi  kuleliminithi  elisele, sengiqedile
ukukhuluma.
[ ikhasi 219 umugqai 44- ikhasi 220 umugqai 9]

ISIKHULUMI:   Ngifisa ukusho ukuthi isicelo soMnyango weZempilo ukuba
kubekwe lokhu enikubona ngaphakathi ngikuvume ngoba ngenzela ukuba
amalunga akuqonde ukuthi ingculazi ingahle ingene nakuleNdlu uqobo.

Ngakhoke kusemqoka ukuba sizikhumbuze ngokuba khona kwalezimpawu. 
Ngiyathokoza.
[ ikhasi 224 umugqai 27-39]

Mhlonishwa Ngqongqoshe, umphakathi uyakhala ngezinga lokuphatheka
kwawo laphaya ezibhedlela  zikaHulumeni .  Kodwa umphakathi uyasho ukuthi
kukhona  amanesi  akahle.

Umuntu uyamangala, angazi kahle Mhlonishwa Ngqongqoshe ukuthi uma
ulungisa izibhedlela ukuthi zibe zinhle unethemba lokuthi umphakathi uyoya
kulezibhedlela zakho  zikaHulumeni  ukuthi kuyosebenza yini lokho?

Siyanxusa ngokuzithoba ukuthi abahlengikazi bethu bake babenomusa,
nothando lweziguli.  Ngamanye amazwi abahloniphe amalungelo alabo
abagulayo, bahloniphe nesithunzi somuntu.

Ngeke Mhlonishwa Ngqongqoshe, ngikucele ukuthi abafundiswe bavuselelwe
ngoba bona laba bahlengikazi abasuke bezibhedlela  zikaHulumeni  uma
sebehamba beya ezibhedlela lezi ezizimele bashintsha unyawo.

Bakhumbula konke abakufundisayo ukuthi  unesi  uziphatha kanjani, nokuthi
isiguli siziphatha kanjani.  Ngani ngoba lezibhedlela ezizimele azizwani nento
ebhedayo.  Wena  Hulumeni  ukuvumelani lokho na?
[ ikhasi 253 umugqai 2-48]

Ibhubesi leli Mphathisihlalo, nawe  Dokotela  Khabazela elihleli emnyango wempilo.  Libheke okuthi kuyeza nje likunqonfe, likudle, likulahle le.

Manje, sizophila kanjani, abantwana bethu bazophila kanjani laba abakhulayo,
ngoba phela bakithi asikhulume iqiniso sibadala sonke la.  
[ ikhasi 276 umugqai 9-25]

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  UThixo wapha thina ukujabula ngempilo kuphela, ayi
izilwane.  Manje umangabe singasezukuphila, singasezukuthola abantwana,
ngoba abantwana batholakala laphaya kuhlezi ibhubesi emnyango liyanqomfa.

Akusetshenzwe bakithi sihlangane sonke, asihlangane  uDokptela  uMkhize acele
 oDokotela  beSintu,  noDokotela  abeSilungu balithole  zonke lezinto enisinika
zono nithi asibambise izivimbi azizukusiza ekugcineni kwelanga.

Into okufanele itholakale, akutholakale into yokubamba ibhubesi elihlezi
emnyango wempilo.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 276 umugqai 28-59]

Sizwile laphana uBaba uMphephethwa ethi ukugijima kakhulu akufunakali. 
Inkinga enye esiyibonayo ukuthi izibalo zikhuluma ukuthi baningi kakhulu abantu
besifazane abaphethwe ingculazi mhlawumbe kudalwa ikona lokhu ukuthi
sisengabantu abangadingekile ababizwa ngamasoka.
[ ikhasi 285 umugqai 9-22]

 Cov 499:
ISESHINI YESITHUPHA

UMHLANGANO WESITHATHU	OJWAYELEKILE	MHLAKA 26 NO 29 KU NDASA 1999


UMQULU 4

 Vol 499:
MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, kubi ngoba nangu umhlobo wami.

Lomuntu lo Imbuka.  Lomhlaba awuzukubuswa Amambuka asedle amathe  obasi  bawo, bese kuba iwona azotshela thina  Ama-Afrika  ukuthi Amakhosi ethu awalutho  ayinonsense .

Thina  PAC   siyiphathi   e-democratic , futhi  njengephathi   yama-Afrika  siyazi ukuthi ubuKhosi bakithi  babune-democracy .  Ngakhoke asingatshelwa ukuthi ubuKhosi bakithi babungenayo  i-democracy .

Icala lesilungu kuhlala  iJaji  elilodwa laphaya lilalele likugwebe.  Elakithi icala ayigwebi Inkosi yodwa igweba ihlangene nabanye abantu abakhona bese iyakugweba.

Ngakhoke siyakubona kona ukuthi Amakhosi indaba yokubhadalwa ngapha nangapha into engakhulunywa leyo ukuthi hayi Amakhosi ethu phela nawo awanakubhadalwa  njengama-politicians  abese eyobhadalwa njengoBukhosi.

Ayikho lento ekhulunywa  ilomu-Afrika  lo yokuthi bahole, bahola ngapha, bahole ngapha, Izinduna zithetha amacala, Amakhosi athetha amacala, Amakhosi athetha amacala, Amakhosi abheke izwe ngakhoke  it is a pity  ukuthi akekho, kodwa lilonke ngithi ungihluphile ngoba usengikhiphe nasenkulumeni yami ebengithi ngizoyikhuluma angifake embangweni owaliwa oBabamkhulu eSandlwana, waliwa oBabamkhulu oNdini uyawubuyisa uzowufaka kuleNdlu  e-democratic  uzosethuka uthi thina asibantu balutho.

 Amangisi  namanye Amakhosi  nase-Sweeden ,  nase-Norway  lasihamba khona sicela  otiki  banaMakhosi abo, nemithetho yabo, namasiko abo.  Angidlule lapho Mphathisihlalo, ngingaze ngiphelelwe isikhathi.  Ngiyawubonga umsebenzi kaBaba  u-Miller   beno-Sutcliffe  kwakungathi bayangqubuzana uma belayindlini.
[ ikhasi 31 umugqai 16- ikhasi 32 umugqai 16]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile.  Okokuqala nje ngizwa umnewethu laphaya uBheki Cele ethi akazi ukuthi loMnyango  wakwa-Safety   and   Security  umi kanjani.  Angazi, ngimuzwa engidida nje, nanokuthi kusenguyena uSihlalo angazi?  Uyakhuluma nje uma ngimuzwa, angimazi ukuthi uthini.

Sihlalo, ngithanda ukuba ngincome kakhulu uMhlonishwa ophethe lomnyango Inkosi uNgubane, ewuphethe azi kazi kamhlophe ukuthi akawuphethe yedwa.  Amandla onke awekho kuye, amandla aphathiswe  uHulumeni  omkhulu oholwa  u-Minister  uMufamadi.

UMufamadi Sihlalo, uyena ngokuthanda kwakhe ofake  amaphoyisa  kulesiSifundazwe ngaphandle kokubonisana noMhlonishwa Inkosi uNgubane.  Yena futhi uma ewakhiphe, uwakhipha ngesikhathi athanda ngaso ukuwakhipha, engabonisananga neNkosi uNgubane.

Engicabanga ukuthi Baba Sihlalo, kuzwakala kulilumbo lokho ukuthi kungabakhona umuntu ongafaka, akhiphe abantu endaweni uphethe.  Baba Sihlalo, ngokunjalo futhi uma ewakhipha uvele awakhiphe kanjalo engabonisananga neNkosi uNgubane.

Sihlalo, kuyangixaka lokhu okwenziwa  u-ANC  ukuthi ayekele ubugebengu ngenhloso yokuthi Isifunda saKwaZulu sigxekwe ngokungasebenzi kahle  kwamaphoyisa .  Konke lokhu mina ngikubeka ezandleni noma ekhanda  likakhongolose .  Uyena  u-ANC  odala yonke lento.

Namhlanje umnyango ukwenkulu ingxaki ngezinhlelo ezihlelwe  uHulumeni   ka-ANC  zokuzophazamisa ukuthula kulesiSifunda saKwaZulu ngoba kungabusi  uHulumeni   kaKhongolose .  Usesungule  izinkampani  lezi okuthiwa ezokuphepha ezizimele zithe chithi saka yonke indawo, ezithathe izikhali ezigcwele kuwona wonke umhlaba lo  kwi-Province , zinikezwe amalunga  kaKhongolose .

Engikukhulumayo kuliqiniso engikushoyo ukuthi akekho ongakuphika lokho.  Ngimangele uma uBheki angakuchazi lokhu ukuthi kukhona kuyenzeka.  Noma bekhuluma Sihlalo,  abakaKhongolose  benikezwe ithuba elihle emsakazweni  nakuma-television  bakubeke ngokuthi Isifunda okuyisona esinodlame esaKwaZulu.

Ngoba beqonde ukuthi iSizwe lesi saMazulu ilapho kunoyise nonina wodlame, okungesilo iqiniso.  Udlame bayeka ukulisho kahle ukuthi unina walo amalunga  kaKhongolose  nabasunguli babo.  Akekho omunye unina wodlame ngaphandle  kwaKhongolose .

Ngiyizwela kakhulu Inkosi ngalendlela okwenzeka ngayo yokuba esebenza kangaka ezikhandla ezama ukuthi kubekhona ukuthula  amaphoyisa  asebenze ngokuzinikela kodwa bese kubakhona ukugxekwa okunjengalokhu okwenziwayo  uKhongolose .

Kade kubulawe abantu izolo lokhu  e-Richmond , ngesikhathi  ikomiti  leli lezokuphepha uSihlalo walo kunguBheki Cele kuyiwa  e-Richmond  kuthiwa kuyodaleka ukuthula lapha kuleyandawo uMnumzane uCele wahola ithimba lakhe walikhipha wathi abakwazi ukuthi bahlale  kulelikomiti .

Ngoba kwakungafi amalunga  kaKhongolose , kwakufa amalunga  e-UDM .  Namhlanje izolo lokhu impi  yase-Richmond  iqede abantu abaningi ekhona  amaphoyisa  kodwa uMafumadi akakhulumanga neNkosi uNgubane athathe  amaphoyisa  akulendawo eSifunda wawadiliza phezulu wathi akahambe aye  e-Richmond .

Lapho ekugcineni uma sekwenzekile lokho kwafa amalunga  e-UDM  kwaze kwafa ngisho noMholi wabo uSifiso Nkabinde.  UBheki Cele noSifiso Nkabinde kwakungamathe nolimi behlala bobabili lapha, behumuza bobabili laphaya behlasela ngapha.  Ukuhamba kukaSifiso engakahambi bakhuluma ukuthi abasoze bayihlonipha Inkosi uNgubane  njenge-Minister   ye-Province , bakusho lokho kwagcwala umlomo.

Kuyangixaka namhlanje uma kungase iqembu  le-IFP  lithi alineliswa ukuthi uBheki aphathe lomnyango kube sengathi ilumbo kuthiwe uNdunankulu uMtshali othi akukhishwe uBheki Cele.  UBheki Cele uzikhipha yena ngokuthi akakwazi ukuthi angaba uSihlalo walomnyango ebethi akakwazi ukumhlonipha  u-Minister  ophethe lowomnyango.

Angazi mina Sihlalo ohloniphekile kuphatheka ukuthi siya okhethweni, kuliqiniso ukuthi siya okhethweni.  Angikhumbuli ukuthi luyobakhona ukhetho olukhululekile uma kugcwele izibhamu, ezigcwele Ezingolweni, ezigcwele eBhulwa, ezigcwele kuwona wonke umhlaba.  Ezifakwayo zifakwa  ilezizinkampani  ezizimele ezisetshenziswa  uKhongolose .

Bese sithi siya okhethweni ngokuthi sikhululekile. Ngeke size sikhululeke.  Siyoya okhethweni siyilento esiyiyona kodwa izibhamu zingathathiwe.

Ngithi mina namhlanje Sihlalo, akuyoqoqwa zonke lezizibhamu ezigcwele Ezingolweni, ezigcwele  e-Port Shepstone , ezigcwele eBhulwa, azihambe ziyoqoqwa abantu baye okhethweni bekhululekile.

Baba kukhona  ikomiti  lezokuthula la elasungulwa uMhlonishwa uNdunankulu owayekhona ngalesosikhathi, uMdlalose,  i-Peace Committee .  Ngiyacela mina ukuthi  lelikomiti  aliqhubeke lisebenze nalo lizimbandakanye ngokuthi lapho kunodlame khona litholakale likhona, liya lapho.

Alengezelwe  nemali  yokuba likwazi ukusebenza  lelokomiti , ngoba ngeke sithembele  ekomitini  leli  lakwa-Safety   and   Security  kuthiwe yilona elizobhekana nalento.  Ekubeni kukhona okungalungile kulona  lelikomidi   lakwa-Safety   and   Security . 

 MNGCINISIHLALO :  Ilunga elihloniphekile linemizuzu emibili.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyabonga Sihlalo, neNdlu yakho ehloniphekile. Lapha izolo thina  nekomiti  sihamba noBheki Cele namalunga athile la kwafika mina ngakhuza ibhadi uMnumzane Bheki Cele ethi uyiNkosi esho umuntu obangisa Inkosi, wathi uyiNkosi kwaze kwasuka ngisho nabakhulu khona beyomgcwaba bathi Inkosi.  Angazi ukuthi ikona kuthula lokhu okuqondwe ileSifundazwe na?

Ngoba Inkosi yendawo ikhona uNgwane, bayobiza umbangisi weNkosi bathi uyiNkosi.  Ngithi mina akubhekeke lokhu kokuthi  u-ANC  uma ezibophezelela ukuthi kubekhona ukuthula akazibophezele ngempela ekuthuleni.  Ayeke ukudlala umdlalo lo odlalwayo wamagende.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 70 umugqai 16- ikhasi 73 umugqai 28]

Mhlawumbe Sihlalo, singathi umangabe uyophuza phuza  kule-hot stuff  akade ekhuluma ngayo ntambama kungcono agibele lelohasi  imoto  ayishiye khona lapha namhlanje

[ ikhasi 160 umugqai 4-8]

MNUMZANE N E MAGUBANE:  Uma ngiqhubeka Sihlalo,  i-South   Africa  kusuka ngo-1994 ithathe igxathi eliyaphambili. Siyazi ukuthi abaningi ekade bekhona bebukela izinto zenzeka kuliwa kulwelwa ukuthi ngelinye ilanga izwe likhululeke, babebanga umsindo njengoba ubangeka namanje.  Besho okungafani nalokhu okushiwo manje.

Sithike uma kuwuthi sifuna ukuthi siyephambali sithole izwe lethu likhululekile, izwe lethu linomkhiqizo onelisa wonke umuntu okhona  e-South   Africa , kufanele ukuthi sisebenzele ukuthi sonke sazi ukuthi lapho sikhona sibekelwe ukuthi sibe iso lomphakathi, sibe izisebenzi zomphakathi, sazi ukuthi imigwaqo iyimigogodla yokuphila kwabantu.

Esikhathini esingaphambili besibuka imigwaqo ingekho abantu bengakwazi ukusebenza izinto, nokwenza  i-farming  lena esikhuluma ngayo ukuthi kufanele abantu bakwazi ukuziphilisa.

Namhlanje sibona  ama-farmers  amancane abantu abakhulayo akwazi ukwenza izinto eziphilisa imindeni yawo.

MNUMZANE N E MAGUBANE:   Babenezingajana  zabo, banezindawo lapho betshala khona izimoba, namahlathi njengoba ngishilo.  Konke lokhu esikhathini esedlule bekungenzeki, kuyenzeka namhlanje.  

Kwenza ukuthi abantu bavule amehlo, kuthi uma kuthiwa  uHulumeni  wenzeni babe bethi abahlakaniphile, nababonayo, nabanentando enhle, bathi siyakubona okwenziwa  uHulumeni  usidonsela ekukhanyeni, ekukhanyeni kwaphakade okungasayukuphinda kushintshe.  Ngibonge Mphathisihlalo.
[ ikhasi 164 umugqai 26- ikhasi 165 umugqai 21]

Ngiyathanda Mama Mphathisihlalo, ngibuye ngithi nqampu nqampu lapha kwezinye zezindaba.  Lapha uMhlonishwa ukhulumile  ngama RTI , lakunikezwe khona amandla abantu ukuthi makube yibona abaphatha izindaba  ze-transport  ukuthi kuzosebenzeka kanjani.

Kodwa Baba Mhlonishwa,  Minister  ngiyafisa ukusho ukuthi kwelakithi eShowe, lapha engiqhamuka khona, kusenamadoda amanye athile amhlophe angakayifuni lenqubekela phambili.  NjengoMnumzane  o-van Rensburg  asebehambile njengamanje.

Okuthena kweminye yemihlangano onyakeni odlule uma uMnumzane uCele okuyena ophethe ebuza  ngezimali  ukuthi ziphi  izimali  ngoba zisukile  izimali   kwi-Department   e-Pietermaritzburg .  Wangafuna ukukhiphela obala, wayesethi hambani niyobuza kuButhelezi Olundi noma kuMandela  e-Cape Town .

Ngifisa ukusho Mhlonishwa ukuthi asinayo indawo yalabobantu lapha. 
[ ikhasi 166 umugqai 7-25]

Ngiyafisa ukusho enkulumeni kaMhlonishwa  ku-page   eight , ngokwami ukuzibukela la uma ekhuluma uMhlonishwa  ngo-R13 million  ozoyiswa eNkandla.  Ngithi ngifisa ukusibongela isizwe saseNkandla ukuthola  imali  enjengale, ngiyakhumbula imigwaqo ayimihle.

Kodwa Mhlonishwa libanzi izwe  laKwaZulu neNatali , sinoMsinga lakuqhamuka khona uMhlonishwa uBaba uMfundisi uMtetwa imigwaqo ayimihle.  SineNgwavuma ezansi lena eManguza imigwaqo yakhona kayimihle, Obonjeni kanjalo, noNdwendwe.  Mhlonishwa naseSilweni-ke uqobo.  Njengoba Isilo sathi uma sethula inkulumo yaso sabeka ukuxolisa ukuthi awu shwele ngihlushwe yizo lezinto esihamba ngazo ukuthi kube sekuyaphantsha.

Ngakho Mhlonishwa ngiyacela ukuthi zibhekelwe lezozindawo.  Ngiyabezwa nje nabanye sebekhuluma sebehleba lapha phandle. Ngizwile sebekuhleba Mhlonishwa, bethi awu uMhlonishwa uNdebele kusho ukuthi ulungisela uMhlonishwa u-J Z ukuthi ayomlungisela eNkandla.  Kusho ukuthi  ipolitiki  impela le.  [UHLEKO]

Ngithi-ke kodwa Mhlonishwa uma kungenjalo ukuthi uhlelela uMhlonishwa uBaba uZuma wenza umsebenzi wakho ngoba kuyisidingo siyokwamukela lokho futhi.

Siyacela futhi Baba Mhlonishwa ukuthi ngize endabeni lapha  yama-tenders .   Yamathenda  lapha Mhlonishwa, ahlongozwayo kwesinye isikhathi  amathenda  asevese esesebenza.

Ngike ngavakashelwa ngenye insizwa emhlophe, uMnumzane  u-Johnson , lapha ezokhuluma  ngokuthendarisha   kwamabhasi  ukuthi bafisa ukuthi  bathendarishwe  abafuna ukuthatha imigwaqo ethile.

Kodwa ngikuthole Mhlonishwa kunzima uma ngase uthenge  ibhasi  lakho  ngo-R500 000  bese kuthi eminyakeni emihlanu bese sekuthiwa usuphelelwe  i-turn  sekufanele mawuqale phansi.  Uthe uma uthenga Mhlonishwa  amabhasi  waze wakha  nane-workshop .  Bengiyocela ukuthi umnyango mawuze ukubukisise lokho ukuthi  kuzokriplisha  umnotho wethu, uzokwenza ukuthi futhi  ne-Department  kubekhona abakhonondayo.

Ngakho ngiyafisa sengathithi iminyaka inganezezelwa kulena emihlanu.  Ngoba kukhona  nanezimoto  ezithatha iminyaka emihlanu uma uyithengile  egaraji .  Kangakananike  nebhasi .  

Ngokunjalo futhi Mhlonishwa mabacatshangelwe ngoba kwamnyango uqobo awukakaqedi ukwakha imigwaqo.  Amabhasi amaningi ahambayo alinyazwa yiyo imigwaqo le engakalungiseki ngendlela efanele ngenxa yokungabibikho  kwezimali .

Khathisimbe, Mhlonishwa, laphaya Ongoye emgwaqeni omkhulu ngakulendawo okuthiwa iseMacambini  emakrosini  lapha Mhlonishwa oya eNyoni  Police Station  noya ezansi  kwi-Nature   Conservation , bengingakujabulela ukuthi umnyango kaMhlonishwa, iminyango emibili ikwazi ukuhlanganyele.  Ukubheka umnyango owodwa ukuthi iwona ongenza umsebenzi ikona lokho okungenza ukuthi inqubekela phambili ingabibikho.

Ake ngithathe njengomnyango  we-Department   of   Economic   Affairs , ake ngithathe Mhlonishwa njengomnyango  we-Department   of   Health . Baningi abantu abahamba beya  kwi-Department   of   Health  lapha beya  emaklinikhi .  Baningi abantu abahamba beya  e-Police   Station  laphaya beyothola usizo.

Uma  ama-Ministers  ami engakwazi ukuhlangana akwazi ukuthi asilungisele imigwaqo enjengale, ngoba kwazona  izimoto   zikaHulumeni  uqobo ziyafa futhi.

Ngakho-ke Mama Mphathisihlalo, uma ngibuyela kulaba abaphethe lapha emakhaya abanikezwe amandla, ngicela umnyango... Okunye esikutholile ukuthi kusuka abomnyango la bahambe bengasahlangani nalabobantu abaqokwa ukuthi mabasebenze izindaba  zama-access   roads .

INKOSI K W MATHABA:  Ebese sizithola sibasenkingeni Mhlonishwa lapha ezindaweni zethu emakhaya uma kuzosuka izikhulu zibizwe umuntu nje phaqa, ebese kuthi laba ababekiwe ezikhundleni babe bengasakwazi ukuthi baxhumane nezikhulu.

Njengento eyenzekile nje kwaHlabisa lapha umuntu phaqa ongekho  kulama-fora  lawa ukwaze ukuzibizela abomnyango bazozixoxela ngezinkinga ezikhona, ukuthi kanti Mhlonishwa lababantu ababekiwe laphaya babekelweni uma ngabe bengasezukusetshenziswa.  Uma ngabe izakhamuzi zinezikhalazo, ngoba phela kufanele bayozithula kubona.

Ngikubona lokho Mhlonishwa ukuthi kuzoba inkinga enkulu ukuthi ababekiwe ezikhundleni bese beyadikila-ke.  Njengoba ngishilo lapha Eshowe sibenenkinga efana naleyo.  Nakwezinye futhi izindawo.

Ngithi angibonge Mhlonishwa njengoba ngike ngabeka, imihlangano esiyihambile  ye-NCOP  lapha  e-Cape Town , ngifisa ukuphinda ngigcizelele umfowethu  u-Roy Ainslie  lo esike sibe naye la, liyathula  i-NCOP ,  iPhalamende  lakhona, uma kuqala kusukuma iKwaZulu bese kuyanyakaza.

Njengoba ngishilo ukuthi iKwaZulu iyona  eyinjini , umfowethu laphaya angangifakazela kulokho engikushoyo.  Ngakhoke ngifisa ukuthi  kulebhajethi  lena esiyinikeziwe isetshenziswe ngendlela efanele, izosetshenziswa ngaphandle kokuthi kubekhona ukuchema.

Sonke sikhona sibhekile ukuthi Mhlonishwa izinto ngabe ziyohamba kahle yini?  Ngakhoke ngithi ngiyayimukela  ibhajethi  yakho.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 166 umugqai 30- ikhasi 169 umugqai 31]

 Cov 599:
ISESHINI YESITHUPHA

UMHLANGANO WESITHATHU	OJWAYELEKILE	MHLAKA 30 NO 31 KU NDASA 1999


UMQULU 5


 Vol 599:
Mnumzane  Chairman sir , uhlelo lokunakekela abaHoli boMdabu ludala kakhulu kuleSifundazwe  saKwaZulu-Natali .  Ngaphambi kokuba kuyiwe okhethweni ngo-1994, Amakhosi ayengaphansi  kukaHulumeni  waKwaZulu ewaholela  imali  engaphezulu kwananoma isiphi esinye isibalo.  Yize ayemaningi wona ngesibalo.

Uma ngingenza isibonelo nje ngo-1992 Inkosi ephase ibanga leshumi  esikoleni  yayihola  imali  efikile  ku-R1141.08  ngenyanga.  Kanti Amakhosi kwezinye izabelo ngalesosikhathi ayehola  u-R200.00  kuphela ngenyanga.

Kwase kuthi ngo-1995 kwenyuswa  imali   KwaZulu-Natali  yaba  u-R1500.00  Inkosi ngayinye ngenyanga.  Kwathi ukuba Amakhosi aKwaZulu ahlangane naweZifunda ezinye alwele amalungelo obuKhosi  uHulumeni  okuthiwa owobumbano owayefuna ukuwaqeda aze aqede nobuKhosi bawo.

 uHulumeni  wayifunda ivaliwe leyoncwadi, wavuma ukuba Izifundazwe zisungule Izindlu zabaHoli bomdabu.  Okwaba ithina lapha  KwaZulu-Natali  esasungula Indlu yabaHoli yokuqala eNingizimu  Afrika .  Noma sesibona kwezinye Izifundazwe lezizindlu seziphucwe amandla okuba imithetho ezithintayo yedluliselwe kuzo.

Ithina kuphela lapha  KwaZulu-Natali  esisenalamandla, noma esisenalenhlanhla yokuba imithetho ethinta abaHoli bomdabu yedluliselwe kwiNdlu yabaHoli bomdabu ngaphandle kokungabaza.

Kwanele kwabonakala ukuthi  uKwaZulu-Natali  ubambisene kahle naMakhosi, ezinye Izifundazwe ezinaMakhosi amancane ngenani kunalawa  Akwazulu-Natali  zakhuphula kakhulu amaholo Amakhosi kwezinye Izifundazwe yaze yafika  kulemali   ewu-R6000.00  ngenyanga.

Kwathi kusenjalo noMongameli Wezwe wafuna ukuthi simnike  imali  awaholele yena Amakhosi.  Sakuphika lokho saze sayomehlula ngisho  enkantolo  yomthethosisekelo.  Kwathi nalezoZifundazawe ezazivumile ukuba aziholele uMongameli zaba manqikanqika uma sekuthiwa Izifundazwe azilethe  imali  kuyena phezulu  ePitoli  ukuze akwazi ke yena ukuthi aziholele.   Ngemali  evela kuzona Izifundazwe.

Ngonyaka odlulile  iPhalamende   likaHulumeni  omkhulu liphasise umthetho wokuholela kwabaphathi zikhundla obizwa phecelezi ( The Remuneration of Public Office Bearers Act, 1998 ) ophoqelela ukuthi wonke Amakhosi Eningizimu  Afrika  aholelwe  leyomali  leyo enqunyiwe  ewu-R77472.00  ngonyaka.

Ngiyathokoza ukusho ukuthi ngenhlanhla yokuthi isabelo sami sikhulisiwe ngizokwazi ukuthatha  imali   engango-R11 440 000  ngikhokhele ukwenyuswa kwamaholo Amakhosi kusukela nje ekuphelini kwalenyanga, ekuqaleni kukamhlaka 1  April  1999.

Ngifisa ukuthokoza kakhulu kuzakwethu uNgqongqoshe  wezezimali  ukuba angikhiphe kulenkinga ngoba kusukela ngomhlaka 1  ku-April  lapho Umongameli ezomemezela ukuthi lomthetho uqale ukusebenza Amakhosi azokube esenelungelo elisemthethweni lokufuna leliholo.

Futhi uma ngingawaniki angangiyisa  enkantolo  noko umnyango usazophila ngokuciciyela nangalonyaka ngoba isabelo asikakaneli ukufeza zonke izidingo zomphakathi.
[ ikhasi 18 umugqai 17- ikhasi 20 umugqai 9]

Inselelo yomnyango wami ukukhuthaza bonke abantu  baKwaZulu-Natali  ukuba bathande, futhi banakekele indawo abahlala kuzo.  Mangikubeke kucace ukuthi uma singakunqandi ukunukubezeka kwezindawo zomphakathi ikusasa leSizwe ikakhulukazi izizukulwane zethu ngilibona limpisholo kakhulu.

Isivinini zokunukubezeka kwezindawo zomphakathi  emadolobheni  nasezindaweni zasemakhaya ziyangokwanda.  Umnyango wami uyakuqonda ukuthi akukhona ukuthi abantu bakithi ikakhulukazi laba ababecindezelwe ngesikhathi sobandlulo babudedengu, noma abanandaba futhi abagqizi qakala ngezwe labo.

Kodwa isimo sobuphofu nokuntula siyabaphoqa ukuba baziphilise ngalokhu okuseduze kwabo.  Ngenxa yokuswela amandla kanye nokuncipha kwamathuba okufunda nokufundiswa ngezindlela ezamukelekileyo ngokuphathwa nokunakekela kwezindawo - izenzo zeningi lomphakathi zinezezela ekuhlukumezekeni kwezindawo esiphila kuzo.

Kusemahlombe omnyango ami ukuba uphume umkhankaso wokufundisa abasha nabadala ngokubaluleka kokulondolozwa kwezindawo zethu ukuze zibesesimeni sokuhlinzekela ngokuphila ayi thina nje kuphela kodwa nezizukulwane zethu.

Umkhankaso wethu wonyaka lo ophelayo ube impumelelo.  Miningi imiphakathi esaphumelela ukusebenzisana nayo.  Sibe nemikhankaso yoquqaba nezinhlangano zomphakathi kanye nezingane  zesikole  kube yimpumelelo.

Izinhlelo zethu zokusakaza emoyeni  namaphephandaba  kusize kakhulu ukudlulisa umyalezo wethu ezindaweni nasemphakathini lapho kungelula khona ukuthi abasebenzi bethu bafinyelele khona ngenxa yobuncane besibalo esinikwe thina sabo.

Kulokhu ngifisa ukubonga kakhulu  amaphephandaba  ikakhulukazi  iphephandaba  Ilanga kanye nomphathi womsakazo Ukhozi ngabo umyalezo wethu ufinyelele kude.  Ngiyalibonga igalelo  lephephandaba  Ilanga noKhozi FM.

Kuwumgomo walomnyango ukuba kuqeqeshwe izisebenzi ukuze zibenamakhono anohlonzo mayelana nokudlulisa ulwazi emphakathini.  Ngalokhu kulonyaka esizowuqala izisebenzi zizokwenza amathuba okuthuthukisa, nazo zivuselela zibe nenkuthalo nevuso emsebenzini wazo.

Ngiyakholelwa ukuthi ukuqeqeshwa okusezingeni elifanele komsebenzi kukhuphula izinga lomkhiqizo, lokho kwenza kusizakale indawo kanye nomphakathi ohlala kuyo.

Kulonyaka sizimisele ukukhiqiza  amaphephabhuku  okufundisa umphakathi mayelana nokubaluleka kwemvelo nezindawo ezihlala umphakathi.  Ukuze sikwazi ukwenza lomsebenzi ngendlela enokonga sizothenga  imishini  ezophumelelisa ukuba sikhiqize lomsebenzi ngaphakathi, ngaphandle kokuncika  ezinkampanini  zangaphandle  kwaHulumeni .

Ngeshwa isimo siyasiphoqa ukuba umphakathi siwunikeze  lamaphephabhuku  engikhuluma ngawo mahhala ngaphandle kwenkokhelo ukuze ulwazi lokusabalalisa ezindaweni zonke lapho sihlose nokufinyelele khona luhambe kahle.

Abasebenzi bomnyango wami esigabeni sokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokongiwa kwemvelo kwizindawo zethu bazophuma umkhankaso bavakashele  izikole  zonke  zaKwaZulu-Natali  ngenhloso yokuyofundisa izingane. 

Ngikhuluma nje ngesonto eledlule besilapha eMbongolwana kanye nomnyango sihlangene  nothisha  bonke  esikoleni  esikhulu sidlulisa ulwazi lomnyango.  Sizohlela sikhuthaze ukubakhona kwezifundo  zothisha   bezikole  ukuze bahlonyiswe ngobuchwepheshe nangamakhono okufundisa ngokwezemvelo  ezikoleni  abakuzona.

Sizokhuthaza imikhangiso yokufundisa  ama-educational   display  esizokusabalalisa neSifundazwe sonke sifundise umphakathi ngalokhu okuthinta impilo yawo.

Kumele sihambise imfundo eyisibani namakhono emphakathini wakithi, ngaphandle kwalokho umphakathi uzizele kithina.  Abantu bakithi bahluphekile kakhulu ngesikhathi sengcindezelo kungekho ukunaka okungakanani.  Ngakho ukubavakashela kwethu nokubafundisa noma sixoxisana nabo kubavuselela ithemba emiphefumulweni yabo.

Siphezu komkhankaso wokukhuthaza nowokusebenza ngokubambisana phakathi  kukaHulumeni .  Siyakholelwa ukuthi lokhu kungasiza ukuba kubanjiswane kweminye yemisebenzi ecishe ifane ukuze kongeke isabelo  sezimali .

Kuyisifiso sabasebenzi bomnyango wami ukuthi kube nezindawo eziyizikhungo zokufundisa umphakathi nokuwuhlomisa ngamakhono mayelana nokunakekela kwezindawo zethu zengcebo yemvelo jikelele.

Ngakho ingxenye  yemali  eningi izosetshenziswa ekwakheni nasekuvuseleleni ezinye izindawo ezilungele ukuveza lezizinjongo.  Isikhathi sokukhuluma ngomlomo siphelile amakholwa athi; "Ukukholwa okungenamsebenzi kufile".  Ukuze singabalelwa kulaba abanokukholwa okufile sizimisele ukwenza umsebenzi wezinto eziphathekayo.

Kulokhu sihlela ukwandisa izinkulisa zimila  ama-plant   nurseries  ukuze sikhiqize izithombe nezimila esizozinikela ukuba zitshalwe  ezikoleni  nasezindaweni zomphakathi, ukuze izindawo zethu zibe zinhle futhi zibe nempilo.

Ukuze kube imbuyiselo encane  kwezezimali  sizimisele ukuthengisela labo abanamandla okuzithenga njengamalunga ahloniphekileyo.   imali  engenayo izosiza ekuxhaseni nasekwenzeni imbuyiselo esikhwameni  sikaHulumeni .

Lesisigaba sokufundisa umphakathi ngokunakekela kwendawo sizoqhubeka nokuxhumanisa izinhlangano zomphakathi nosozimboni kanye nezinhlangano ezisiza umphakathi ofuna ukuthuthukiswa.  Injongo yethu ukutholela umphakathi uxhaso  lwezimali .

Sinethemba lokuthi umphakathi osusizakele unokuyinakelela kangcono imvelo kunalowo obulawa ingcindezi yobuphofu.
[ ikhasi 23 umugqai 28- ikhasi 27 umugqai 4]

ngithi ntombazane khula uze ugane ebuKhosini.  Noma ingasagananga mina isingagana nje ebuKhosi kuyobe nami ingiganile.

 Kulamaminithana  ami Mama Sihlalo, amancanyanyana engiwatholile lapha, ngifisa ukuba ngiphendule ukuthi ngikhuluma lenkulumo yami ngokukhulu ukudabuka ngoba abanye abantu  bezepolitiki  njengamalunga  ka-ANC  uma behluleka ukwenza imisebenzi yabo yokweshela bona njengeqembu beshele abantu bake bathande ukuthi bese behamba bephahleka nanoma imuphi omunye ngodaka.  Njengomfowethu nje olapha endlini uSenzo wakwaMchunu.  La ekhuluma khona ukuthi - ebese bethwesa Inkosi yendawo ukuthi ibavimbela ukuthi bahambe bakhankase, Inkosi yendawo.  Njengoba ngihlonipheke kangaka ngiyilunga  lePhalamende  ngingahamba ngingqothulana mina nezithombe  zikaKhongolose , ngihlonipheke ngendlela enkulu kabi.

Ngifisa ukusho ukuthi mhlazane  lawoma-posters  eyofakwa akuzanga kwaziwa kimi kwazocelwa,  so , sasingekho isidingo sami sokuthi ngibe  iphoyisa  lenu.  Kodwa ekugcineni ngifisa ukusho ukuthi abantu abenza izinto ezifana nalezo angeke sakwazi ukubamukela thina la.   Ipolitiki  siyayazi.  Kukhulunywe ukuthi Inkosi lena yakwaMathaba ihamba ize iyofika eNembe ezweni lenye Inkosi ihamba ingqothulana  namaphosti .  Kukhulunywe ukuthi Inkosi uMathaba lena ihamba ize  iyopenda  ikhanda likaThabo Mbeki, ngithi ngihlushwe yini mina kangaka.  Ngakhoke amaphuthake lawo aluhlaza athe cwe.
[ ikhasi 23 umugqai 28- ikhasi 27 umugqai 4]

NKOSI K W MATHABA:  Ngithike Mama Sihlalo, kungamanyala futhi kungehlisa lokho isithunzi.   Kuleliminithi  elingisalele ukuthi ngisho ukuthi kuyacaca ukuthi  uKhongolose  unomkhankaso wokulwa naMakhosi yikho nje abantu  bengezukunivotela , ngoba nikhuluma izinto ezingekho.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 58 umugqai 5-9]

Lokhu kusinikeza ukuthi ngeke sithole Amakhosi neZinduna zimatasatasa zilwa nokuthi ubani othuthukisa indawo.  Uma kowelinye iqembu elingathandwa Inkosi kufanele lowomuntu aze avuvukale izinyawo ahambe ehla enyuka kuthiwa ayi awubikanga kahle, awungenanga kahle, awenzanga lokhu ngoba kuphela nje bengafuni ukuthi leyonto yenzeke ukuze kubonakale leloqembu liyasebenza.

Kusetshenziswa Amakhosi ngendlela okungeyona, kanti Inkosi kufanele ibe Inkosi ivulekile isize wonke umuntu ngokufanele nomangabe  u-IFP ...

 ADV  M I MADONDO: ...nomangabe  uyi-DP , noma  uyi-ANC  kodwa ayi ukuthi asetshenziswe ukufeza izinhloso zamalunga  anjengo-Maria  nje. [UHLEKO] 
[ ikhasi 60  umugqai 2-17]

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Ngiyabonga Sihlalo.  Ngithatha lelithuba ngiqale ngidumise, ngibonge lapha kuNgqongqoshe walomnyango.  Umnyango onenhlanhla wokuba uphathwe Inkosi kowaMakhosi.  Kanti owabafundisi uyahlupheka.  Iminyango yabafundisi iphathwa oMakhaye.

Umnyango lona Sihlalo neNdlu ehloniphekile wobuholi bendabuko ngempela ubungaba nosizo noguquko olusheshayo uma kungalandelwa izinhlelo ezikhona ezasezihlelwe  nguHulumeni  waKwaZulu ngenhloso yokuphucula inhlalo yemiphakathi eyakhe ngaphandle  kwamadolobha , nengaphansi kwemibuso yaMakhosi.

Okokuqala ngo-1973  uHulumeni  waKwaZulu waqoka  ikomiti   le-Land   Tenure  ukuba lihlole ukuthi izinguquko ekuphathweni komhlaba zingenzeka kanjani, lenze nezicomo emuva kwalokho.

Nempela lazenza izincomo  lelokomiti  zacutshungulwa futhi zachitshiyelwa lazichitshiyelwa khona, zaphasiswa ngohlelo olufanelekile.  

Emva kwalokho  uHulumeni  wabuye waqoka  ikomiti  elizophenya ngezinguquko zenhlalo nohlelo futhi olusha lobunikazi benhlabathi njengokuthi umuntu akwazi ukuba namagunya abhalwe emthethweni ukuthi inxiwa lakhe libe yindawo yakhe ngempela abe negunya, abe nencwadi esemthethweni  i-permission to occupy  noma  itayitela  uqobo.

Lokho kwakuhlelelwa ukuba abantu abakhe ezindaweni zaMakhosi bakwazi ukuya  nasemabhange  baboleke  izimali  zokuzithuthukisa. Kwaze kwashaywa umthetho uqobo lwawo engingafisa Sihlalo ukuthi amalunga awufune lomthetho, ake awufundisise ukuthi lomthetho uthini. 

Ngoba ngiqiniseka ukuthi uma leNdlu amalunga angazazi lezizinto angazi lapho eyakhona, nala eqhamuka khona.  Umthetho wezindaba zomhlaba ka-1992.   uHulumeni  waKwaZulu waphinda waphakamisa uhlelo lokwakhiwa  kwezinkantolo .   Izinkantolo  lezi ebezithintwa umzalwane uMadondo la.  Ngokungazi kwabantu uqinisile ukuthi zimi laphaya azisetshenziswa.

Ngoba abazi abantu bakithi ukuthi inhloso yaleziya  zinkantolo  ngempela zazakhelweni.

Inhloso yalolo lwenzo;  Okokuqala kwakuwukunciphisela imiphakathi amabanga amade okuya  ezinkantolo , nokunciphisela imphakathi izindleko zokugibela  izimoto  amabanga amade beya  ezinkantolo  zakomantshi.

 Amahhovisi  inhloso kwakuwukuba futhi kubuyiswe imisebenzi eminingi ehanjelwa imiphakathi eya  kwizinkantolo   zakomantshi .  Yonke lemisebenzi ukuyofuna  izimpesheni , ukuthelelwa kwezinja, ukuyothatha  amaphomedi , lezinto zibuyiswe zize lapha  kulamahhovisi  omphakathi. 

Kwakuhloswe futhi ngayo ukuthi kwandiswe imisebenzi eduze izingane zenu lezi esezifundile zithole imisebenzi lapha eduzane zisevise umphakathi ngalezidingo zomphakathi, kunoba abantu balokhu bagibela beyale  ezimantshini .  Konke lokho ilezozinto ezazihlelelwe lezizinto.

Ngokungazike ukuthi kukhona izinto ezifana nalezi kuyenzeka ukuthi abantu laba - uyabona bayahlupha labantu Sihlalo, sinohlebo lwabantu olwalufundela  ubuthishela , manje lolohlobo lwabantu olwalufundela  ubuthishela  luyinkinga ngoba aluyazi lento esikhuluma ngayo.

Manje sizama ukuthi siphucule lona luzokwazi ukuthi ngempela yini.  Njengoba uke uzwe abantu bekhala bethi sifuna ukuya ezindaweni zaMakhosi, uthi uma ucabanga ukuthi bashiyani ezindaweni zaMakhosi bangasho nokuthi bamukisani.  Ngoba abazi ukuthi kukhonani laphaya.

Amakhosi ngempela ayesehamba kakhulu ngohlelo  lukaHulumeni  waKwaZulu ukuthi imiphakathi ikwazi ukuba namalungelo amasha kuguquke indlela yokuphathwa komhlaba, namalungelo abantu.  Kungashiwo ukuthi abantu abasezindaweni zaMakhosi abanawo amalungelo, abakwazi ukuzithuthukisa ngoba beboshwe ukuthi abanazo izincwadi.  Ngoba ngokwabaMhlophe abalazi  itayitela  lakithi leSizulu.

Kukhona abantu abangalazi  itayitela  lakithi leSizulu ukuthi eleSizulu alifani neleli lesilungu.   Itayitela  leSizulu, uyabona inxiwa likaBabamkhulu, inxiwa likaBabamkhulu kusayelami nanamhlanje.  NeNkosi nayi Inkosi ngeke ingemunce inxiwa likaBabamkhulu.

Uyabona insimu yakwaGogo isalinywa umkami nanamhlanje.   Itayitela  leSizulu lelo.  Abalazi abantu ukuthi ngeSizulu umuntu ilungelo lakhe lalingathathwa.  Noma engasakhile kulo kodwa inxiwa kuseyinxiwa lakwaMagubane.  Angalilwela uMagubane inxiwa lakubo kufe abantu, ngoba ilungelo lakwaMagubane lelo.

Ukuphela ukuthi kwakungabhalwe ndawo.  Manje  uHulumeni  waKwaZulu wakwenza lokhu ukuthi kubhalwe kube semthethweni ngoba lento lomuntu ivele kube ngeyakho akekho onelungelo futhi lokuba ayithathe kuye. 

Akhona lawo malungelo ahlelwa.  Kufuneka ukuba kuhlolwe lemithetho niyibhekisise la niyiphikisa khona niyiphikise, la niyichibiyela khona niyichibiyele ukuze liphucuke izwe lakithi.  Bese futhi sikuphucule nobuKhosi bakithi kunokuba sibugxeke sibenze bukhulu buye phambili.

Ngalawo Mphathisihlalo, angifuni ukukuchithela isikhathi ngize ngikhulume izinto ezingekho lezi ezikhulunywa  ama-politicians .  

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Cha uMadondo namhlaje ukhulumise okomuntu, useyafunda ubekhuluma impela umntanami uma ebhedile ngingamtshela ukuthi ayi ububheda la.  Ukhulume impela namhlanje uyakhona.

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Cha uqinisile ngoba anizisebenzisi.   Ohulumeni  basemakhaya bakhethwe yini  nge-democracy .  Bashiya  amahhovisi  ekhona awasebenzi, amalungelo engabe niyawasebenzisa  lamahhovisi .  Kuzolahleka eziningi  izimali  kwakhiwa  amhhovisi  amasha ekhona  amahhovisi  engasetshenziswa.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ ikhasi 60 umugqai 21- ikhasi 64 umugqai 3]

 uHulumeni  wasekhaya uthuthukisa abantu ubakhulise ngokwenyama, ngokomqondo, nangokomoya.  Kufuneka kuncishiswe ukudideka kubantu baziqhenye ngabayikho.

Amakhosi nobuholi bendabuko mabasizwe  ngezimali  zokufundisa Isizwe ngokukhula nokuziphatha kahle okunobuntu.  Lokhu kunciphisa izifo  ezinjengo-HIV/AIDS ,  STD's  kuphile Isizwe sonke.  Masibuyele kokuhle kwethu sikwenze.

Simbonga kakhulu uMhlonishwa uMntwana waKwaPhindangene, neSilo soMhlabathi ngokumela ukuba izimfundiso zobuntu zingashabalali.

Ngiyethemba ukuthi wonke umuntu ungizwa kahle.  Umuntu uke ezwe kahle uma kukhulekwa, kukhulekelwa Isilo kuthiwe Hlanga leZwe, Silo soMhlabathi.  Isilo nabaholi bendabuko bakhona ngoba kukhona izwe.

Umthethosisekelo umthetho  ka-number 108/1996  awunandawo yobuKhosi.  AbaHoli baKwaZulu baphuma bahamba  e-World Trade Center  ngenxa yokuthi Isilo saMabandla, onke noBukhosi baKwaZulu namanye Amakhosi akwezinye Izifundazwe ayeshaywe indiva kumthethosisekelo wezwe.

Kwakuyinkomba yokuqeda ubuKhosi nobuholi bendabuko lapho kukhosela khona abantu abahlwempu abadla imbuya ngothi.  Lelophunga elanuka lahogelwa abaholi ababekwe uNkulunkulu kulelizwe bashaya amakhala. 

Namhlanje lelophunga libonwa ngamehlo liwumthetho  number 117/1998 we-Local Government Municipal Structure Act of 1998 .   U-schedule six  kuthiwa abaholi bendabuko bayoqokwa uNgqongqoshe abayoba eMkhandlwini wokubusa emakhaya bayoba  u-10%  abaholi bendabuko kulabo abayobe beqokiwe.

Akesithi okwamanje kusafundiswa ngokuphathwa  kukaMasipala  kusazosetshenziswa leNgonyama  Trust  esinayo.  Ingonyama  Trust Board  iyona ezokwahlulela isize abantu ngokuhlonipha endaweni yeSilo soMhlabathi.

 Omasipala  esibaziyo babhekane nentuthuko yomnotho nenzuzo.   Amalokishi  azame isidingo sokuqoqa abasebenzi babeseduze nezinto zokusebenza.  Manje lomthetho oshayiwe udla  lo-13%  obususele phansi kwaMakhosi nabaholi bendabuko.

 uHulumeni  ophethe kaZwelonke bafowethu  be-ANC  uzongena kabi emlandweni walelizwe ngokuthi wadla amanembe  ka-13%  womhlaba owawusasele ezandleni zabantu ababuswa ngaMakhosi, nabaholi bendabuko.  Kubhaleka umlando omuncu.

Umsebenzi owenziwa Imikhandlu yeZifunda ( Regional Councils ) yentuthuko iyancomeka.  Intuthuko yenzeka noma kuphi.  Akudingi ukuthi izindawo zasemakhaya kuze kuthiwe zafakwa  koMasipala  zithelele iziza, imisebenzi, nakho konke kande kulethwe intuthuko.

Inkinga yesikweletu  koMasipala  njengamanje iyadabukisa ngoba abanye abantu bahlupheke ngempela abasebenzi.  Dadewethu Mphathisihlalo, isabelo  sezimali  esizosiza imisebenzi yobuKhosi, nobuholi bendabuko siyanconywa sengathi futhi singandiswa.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 66 umugqai 28- ikhasi 68 umugqai 22]

Siyazi ukuthi abaningi uma belalela into ekhulunywa  i-DP  ngezindaba zobuKhosi bathi cha ubuKhosi sibubukela phansi. Akunjalo lokho.  Kodwa ngizobuyela kukho lokho njengamanje.

Ngifuna ukubuza nje kodwa ukuthi kungani  i-IFP   ne-ANC  belokhu belibala ukudonsana nobuKhosi, badonsana neSilo, badonsana namasiko aKwaZulu.  Ngoba leyonto idala ukuthi lawomasiko aKwaZulu ehle angabinamandla njengesikhathi esiphambili.

Uma bekuphika lokho lamaqembu amabili awangitshele ukuthi kungani  le-Portfolio   Committee  esebenze iminyaka emihlanu ingayanga nakanye ukuyokhuluma neNdlu yobuKhosi? ( House of Traditional Leaders )

Kungani futhi ingayanga nakanye ukuyohlangana neSilo,  neKhansela  yeSilo ukuyokhuluma izindaba zobuKhosi?  Kungani kuthi  lekomiti  ihlupheke ngokuthola  amakhoramu  uma ihlangana?

Kungani kube  nalama-issue  amaningi Inkosi uMathaba ewabeke lapha wathi  a- unresolved ?  Kungani ukuthi  i-IFP  yathula ukuthi kubekwe  ibhodi  yeNgonyama  Trust , engaphethwe ngaMakhosi.  Amakhosi uma ngibuza namhlanje ukuthi mangaki Amakhosi  kuleyobhodi ?   And  leyoNgonyama  Trust Board  yiyo ephethe umhlaba wobuKhosi, umhlaba weSilo, umhlaba kaZulu.

Kungani ukuthi ilunga uMadondo libeke lapha ukuthi cha inkinga ekhona kukhona  ama-judgements  ngomthetho waKwaZulu kodwa ayikho  i-enforcement .  Kanti  i-ANC  ephethe, mayiphathe yona yini ingakhi lento ezokwenza ukuthi kube khona  i-enforcement  yalawo  ma-judgement  omthetho waKwaZulu.

Ngalokho ngiyagcina ngombuzo wami ngithi cha lamaqembu amabili adonsana ngamasiko aKwaZulu  and  uma eqhubeka kanje azoze akudilize konke kube phansi.  Kungikhumbuza nelinye iqembu elahamba phambili manje isiyintsha manje kodwa yayindala ngalesosikhathi  i-Old National Party .

Nayo yazama leyonto, yabona ukuthi kukhona into abangayithatha lapha bayixube  ngepolitiki  mhlawumbe bayisebenzise khona  bezowina  njalo nje ngokhetho.   I-National Party  yathathake ulimi  lwe-Afrikaans  namasiko abathi amasiko  Ama-Afrikaners .
[ ikhasi 68 umugqai 31- ikhasi 70 umugqai 5]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Angibonge Sihlalo.  Okokuqala nje lomnyango ngiyazi ukuthi ikhulumile Inkosi eyiNkosi, sekukhuluma Induma manje, ngoba phela sisemhlabeni wawo Amakhosi.

Okokuqala angisho Sihlalo, ukuthi abakhulumile njengomfowethu lapha uMadondo ukhuluma ngokuthi  izinkantolo  azisasebenzi, zisebenzela ukuqula amacala.  Zisebenzele ezombusazwe.

Ngithi mina uma engeyona Induna akasukukhuluma izinto angahlangene nazo angazazi.  Ngoba okokuqala akasahlali ezindaweni zaMakhosi uhlala  emadolobheni .  Akakwazi ukuthi ayikho indawo yeNkosi lapho kuthiwa  izinkantolo  kazisebenzi ziyasebenza.

Okwesibili Sihlalo neNdlu ehloniphekile, akucace ukuthi uma simbonga uMhlonishwa Inkosi ephethe lomnyango azikho  izinkantolo  okuke kubizwe izimbizo zibizelwe  ezinkantolo  zaMakhosi kuzokhokhiswa abantu  izimali .

Ayikho leyonto imina engihamba kuwona wonke umhlaba ezindaweni zaMakhosi, akukho lapho la kubizwa izimbizo kuyokhokhiswa  imali .  Imbizo ebizwa eNkosini isigungu, kubizwa abantu bezotshelwa ngezinto ezizokwenzeka endaweni yeNkosi.  Ngithi akucace lokho.

Sihlalo, lomnyango iwona mnyango oyinhloko emnyangweni yonke  kuloHulumeni  wakithi KwaZulu ngoba, usingethe ubuholi bendabuko obukhona, wonke Amakhosi ngisho nalawa asahlubuka athi wona afuna ukuba abizwe  ngo-comrade .  Kodwa aphethwe iwo lomnyango oholwa ileNkosi.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Lomnyango ugcine izinto ezibaluleke kakhulu ezenza lelizwe likwazi ukuba libuseke libe nokuthula.

Ukubakhona kwaMakhosi Sihlalo, ikona okwenza lomnyango kube iwona oyinhloko yeminyango.  Okokuqala ukugcina umphakathi wazi ukuthi Isizwe, Isizwe ngoba sinenhlonipho.

Ukuhlonipha kusho ukuthi omdala uhlonipha omncane, nomncane ahloniphe omdala.  Yikho lokho okwenza lomnyango ubaluleke kangaka esizweni, esingenayo inhlonipho akusona Isizwe leso.

Kukhona okungihluphayo mina Sihlalo, okukhombisa ukungabinayo inhlonipho ingane ibize umtomdala ngegama likayise noma umholi ohlonishwa kangakanani kodwa bese kuthi ingane imgagule ngegama akusiyo inhlonipho lokho.  Abizwe ngegama umuntu othile ngoba eqonde ukumehlisa isithunzi akusiyo inhlonipho leyo.

Lomnyango ukubeka obala ukuthi ugcina Amakhosi endabuko esesimeni lapho ayohlala ezindaweni zawo, agcine umphakathi wawo ungagudluki enhlonipheni.  Kuzokhumbuleka ukuthi udlame lolu Sihlalo ohloniphekile lwabhubhisa Isizwe sikaPhunga noMageba.

Aluqalanga Mphathisihlalo ezindaweni zaMakhosi, lwaqala  emalokishini  lapho umphakathi uziphethe wona kungekho Inkosi, ungekho umthetho, ungekho inhlonipho, lwaqala lapho udlame.

Okokuqala angikubonge noMafu Nkosi yami, ngokukhuphulela Amakhosi inkece akade akhala kusukela ngo-1994 engakhushulelwa namhlanje usuze wazama ukuthi akuthole okuncane.

Kulokhu kukhushulelwa kwaMakhosi okwenzile Ndabezitha awukhethanga ukuthi Amakhosi alaKwaZulu kuphela kodwa uthe kuyena wonke umuntu oyiNkosi akakhushulelwe  imali .  Ngisho neNkosi uMlaba uqobo lwayo osewahlubuka kodwa naye uzoyithola inkece ngegalelo lakho Mhlonishwa olenzile.

Angibonge kakhulu Sihlalo neNdlu yakho ehloniphekile, la kulomnyango wobuKhosi kukhona uSihlalo, Inkunzi emalundalunda, uMntwana waKwaPhindangene owalwa  kungakavotwa  ngo-1994 ukuthi ubuKhosi bendabuko abuhlale bukhona.

Uye Ndabezitha olwe kwaze kabancane izinyawo, nezicathulo, namhlanje Amakhosi azosho ukuthi aphila ngenxa yoMntwana waKwaPhindangene.

Sihlalo, lwaqhubeka laze lwalwela ezindaweni zaMakhosi loludlame engikhuluma ngalo.  Selithwele  idilamu   likaphetroli   nebhokisi   likamentshisi , yasha imizi, bosiwa abantu bephila, kwabe uma sekungcwatshwa kungasangcwatshwa izidumbu kodwa sekungcwatshwa umlotha.

Ngiyakubonga Nkosi Ngubane njengoba uphethe lomnyango obucayi kangaka ongafunwa ilaba  bakaKhongolose  abangaphesheya abazama ngayoyonke indlela ukuthi bawuqede lomnyango, bawaqede Amakhosi aphele.

Izolo kade besho bethi awabulawe Amakhosi neZinduna kanye  naMakhansela .  Amanye   Amakhansela  , neZinduna, naMakhosi, abasekho emhlabeni namhlanje sihamba phezu kwawo ngenxa yenkohlakalo ebeyenziwa  uKhongolose .
[ ikhasi 73 umugqai 1- ikhasi  76 umugqai 2]

MNUMZANE B H CELE:  Iphuzu lokunhlanhlatha elenziwa isikhulumi esikhona elokuthi lithi  uKhongolose  wayehamba ethi akubulawe Amakhosi.  Sizocela akuhoxise lokho ngoba akusilo iqiniso.  Akusiyo into engashiwo ilunga ngaphandle kokubeka phezu  kwetafula  ubufakazi.  Sizocela ilunga likuhoxise lokho ngaphandle kwemibandelo.
[ ikhasi  76 umugqai 7-13]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Sihlalo, ngibona ukuthi angeke ngikuhoxise mina lokho ngoba into esemlandweni  esemabhukwini  ukuthi bekuphuma umkhankaso  uKhongolose  ethi awabulawe Amakhosi, azibulawe Izinduna.  Awekho Amakhosi ngikhuluma nje.  Angizukukuhoxisa lokho.  Akothatha osomqulu kubekwe laphansi siphumele eshashalazini siyokhuluma lezozindaba.

Ngiyaqhubeka, Mhlonishwa Nkosi uNgubane uzokhumbula ...
[ ikhasi  76 umugqai 17-26]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Mhlonishwa uNkosi uNgubane ngifuna ngizwakale kahle kukhuluma Induna phela manje.  Ngithi Nkosi uNgubane uzokhumbula ngihamba nawe sivakashela  e-Stoffelton  lapho  u-ANC  akuhlasela khona bezama ukukubulala wena qobo, wasinda ngoNkulunkulu.  Lapho kwadutshulwa umfana kaShandu wafa, sasidutshulwa  uKhongolose .
[ ikhasi 79 umugqa 14-19]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Sihlalo, kulokhu ngeke ngize  ngi-withdrawer  ukuthi Inkosi uNgubane yahlasela ngikhona ngihamba nayo ngeke ngize  ngiku-withdrawer  lokho, angahamba ashone la eshona khona.

Kuyakhanya Sihlalo ukuthi lomnyango....
[ ikhasi 79 ln35- ikhasi 80 umugqai 7]

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Ngiyakunxusa Sihlalo, kukhuluma Induna phela manje.  Ngiyakunxusa Sihlalo, kuMhlonishwa Inkosi uNgubane ukuthi  amalokishi  - ngicela ngizwakale lapho.   Amalokishi  lawa angasenayo inhlonipho asezindaweni zaMakhosi.  Ngicela wonke  amalokishi  abengaphansi kwaMakhosi, wonke  amalokishi  awangene ngaphansi kwezindawo zaMakhosi ukuze lelizwe libe izwe elibusekayo.

MNUMZANE T D NTOMBELA: ( WHIP ):  Kungabikhona yonke lento eyenziwa ilezinxushunxushu.  Sihlalo, ileso isifiso sami engisinxusayo.  Ngiyazi Ndabezitha njengoba bengimemeza kanje angazi noma mhlawumbe kuhlezi wena yini lapha ngoba  i-red card  ikhona okufanele kukhishwe lababantu.  

Lababantu abaphekiwe abalungile wothi  point of order  futhi yisho uthi  point of order  ngoba ngithi uma ngithi awuphekiwe awuphekiwe ngempela.  Utshelwa imina manje awuphekiwe ngizokusa la uthanda khona.

Ngicabanga ukuthi Sihlalo, sekufanele ukuthi babhekwe lababantu  bakaKhongolose  ngoba ibona abenza lelilizwe lingabuseki.

Ngibonga kakhulu Mhlonishwa Nkosi uNgubane kulomnyango ngendlela owuphethe ngawo.  Namhla ngempela uwuphethe kukhona ukuphazamiseka njengoba ukubona kuleNdlu.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 82 umugqai 3-33]

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Mama Nkosazane kufanele ulimi libhede ngoba Indlu igcwele intuthu.  Ngizocela ilungelo lokuba ngisebenzise ilungelo lobudala bami ngithele amanzi intuthu iphele, siqhubeke senze umsebenzi.

Mina ngazalelwa - ngiyacela Mama Sihlalo ukuthi Inkosazane uMaMkhize angangiphazamisi.

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Ngiyabonga.  Ngazalelwa emzini weNkosi mina yaseMandlazini, eGcagcayini emzini weNkosi IngobaMakhosi uMqedi.  Ngakhoke mina ubuKhosi akuyona  i-political  ngicinisile uma ngithi ubuKhosi ngiyabuhlonipha futhi ngiyabuthanda.  Kusegazini kimi  naseNgilandi  ngafika ngahlala ngaphansi kombuso  wamaNgisi  ngabuhlonipha ubuKhosi  bamaNgisi .

Baba Somlomo Amakhosi lawa asikuvume ukuthi iwona agcina umhlaba, agcina nobuntu, agcina namasiko eSizwe.  Ehlaselwa  ubuKoloni  kuliwa akungaphikwa lokho.  Nokuba sisenalo lelizwe nalowo  13%  ingoba Amakhosi alwa.

Okufike kwahlupha ke Mphathisihlalo, ukuthi Amakhosi athe uma esehluliwe ngesibhamu eseguqisiwe ngoba isibhamu sabanamandla kodwa awazange abunikele ubuntu bawo.  Kodwa yabakhona imizamo  kuHulumeni   waMangisi   wobuKoloni ,  noHulumeni   wamaBhunu   we-NP , ukuwasebenzisa Amakhosi enze izinto zabo ukuze agobe.

Amakhosi ayesebunzimeni.  Asikhulume iqiniso bakithi.  Inkosi yami uMtubatuba kaSomkhele wabizelwa  enkantolo  ngo-1951 ukuthi azothetha icala kuthiwa abantu bakhe abatheli.  Kodwa ke ngoba uMtubatuba kaSomkhele kwakuyiNkosi yakuqala watshela  imantshi ,  utolika  wathi mtshele ukuthi uyinja. [UHLEKO]

Wehluleka  utolika   ukutolika .  Wathi uthini Mkhwanazi, wathi ngithi mtshele ukuthi uyinja ungamtsheli nje?  Wayesethi hawu ubani oyinja Mkhwanazi?  Wathi uyinja  uHulumeni  othi angithelise abantu bakaBaba endaweni yabo.  Ayekhona Amakhosi anjalo.  Kodwa awehluliwe.

Kodwa ngize endabeni yobuMakhosi  nobupolitiki   nepolitiki .  Angeke Amakhosi ahlukane  nepolitiki  ngoba  ipolitiki  ukubuswa kwezwe.  Manje awakwazi Amakhosi ewona kwabantu bakhwiqa izandla abantu bebuswa.

Into engalungile lana  kwipolitiki  nobuKhosi ukuthi ayikho enye indlela yokuthi Inkosi ingazikhuluma  izipolitiki  ngaphandle kokuba ibe seqenjini elithize.   That is a reality /kuyiqiniso.

Manje into ekufanele engabe iyalungiswa ukuthi Amakhosi lawa abuhlonipha ubuKhosi bawo.  Ithi noma Inkosi iseqenjini elithize..

MNUMZANE J D MKHWANAZI:  Kodwa yazi Inkosi ukuthi iwuyise wabantwana bonke banelungelo abantwana ukukholwa kwamanye amaqembu.  Nansi into efunwa ukulungiswa eMakhosini ethu.  Angavimbeli abanye abantu bakholwe kwamanye amaqembu.  Uma sike sayilungisa leyonto ezingqondweni zaMakhosi, nakubantu bawahloniphe Amakhosi bawanike indawo yawo, ngabe siyophumelela.

Ngigcine ngokuthi amaholo Amakhosi.  Nayo  lemali  ebongwayo ebatshazwayo incane bakithi abanikazi belizwe bahole  utiki , izwe kungelabo.

Ngifike eNkosini yakithi eMandlazini umzukulu weNgobaMakhosi ekhanda  imoto  engaphansi  kwemoto  kodwa izwe lakhe naliya  e-Richards Bay  likhiqiza inganekwane.  Ngathi awuNkosi uwe ohlupheka kanje mina ngihamba  ngo-Mercedes Benz  izwe lakho linje.  Ngakhoke siyayibonga  leyomali  kodwa ayanele kuMakhosi ebuKhosini babo.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 83 umugqai 1- ikhasi 85 umugqai 10]

MNUMZANE S N MTETWA:  Mphathisihlalo amazwi ami  okusaphotha  umbiko kaNgqongqoshe uMbovu ngifuna ukuwenza ngokuthi ngithi iminyaka eminingi, kuminyaka emine sesila siye sikhale, sikhale nakulomnyango besikhala.  Kodwa  at least  kulonyaka ayi  imali  uyasho impela uNgqongqoshe ukuthi kuthe thuthu.  Unike nethutshana lokuthi abaholi bendabuko bazoke bathole okuthe xaxa emaphaketheni abo.

Ngibona ukuthi asikuncomeni sonke loko singakushalazeli.  Sisho ukuthi  no , kuyinto enhle  at least .  Ngoba uma singakwenzi lokho sizosuke silingise  oHulumeni  laba ababekhona ngaphambili esizwa namhlanje ukuthi  izimali  zazingenele.  Bese kuvuka imibuzo ukuthi ngesikhathi  izimali  zingenele bakhala kwezwa bani?

Ngoba ilesisikhathi la sizwa khona kukhalwa.  Abanye njengalo wangakithi nje kwakuba  nezimali   ezingama-surplus  ezingasebenzanga kwenele kodwa siyezwa namhlanje ukuthi ayi zazingenele  izimali .  Akufanele singene ephutheni lokuthi size sisho njalo.

 Ephephandabeni  lomhlaka 19 kulenyanga  i-Natal Witness  ngathi uma ngilifunda Sihlalo langitshela ukuthi uMnyango weZamanzi naMahlathi uzofaka  imali   kulebhajethi  yalonyaka kuya kunyaka ozayo ebalwa  ku-R11m  ezindaweni zasemakhaya ikhande izindlu zangaphandle ezinezindawo ezishaya umoya.

Uze alinganise athi eziwu-20 angazakha ngenyanga ngoba unaleyonhloso.   Now , ilelolimi okufanele silikhulume bafowethu nodadewethu ukuthi senzenjani, sizokwenzani sisho phela ukuthi siphuma kuphi.

Njengoba sengilalelile izikhulumi ezikhulumayo kusukela kuyena uMhlonishwa angikezwa noyedwa, angizwanga  nakwiriphothi   ye-department  ukuthi kukhona  na ku-programme  noma  kuma-programmes-department  lakuthiwa khona akesisebenzise lelithuba lokuthi nathi  siya-trainer   and  sinabaholi abahola Isizwe  laKwaZulu-Natali , abaholi bendabuko.  Nangu umbulalazwe wesifo sobhubhane  i-HIV/AIDS .

Angizwanga, angibonanga lutho bengingathanda Mhlonishwa ukuthi  ama-programmes  akho ngoba Isizwe siyophela impela kangabi indaba yoMnyango weZempilo siyifake nje nala abaholi bayisebenze.

Kodwa sengikushilo lokho ngiyafisa ukusho ukuthi sekuphawulekile ukuthi nokho  nala KwaZulu-Natali  asekhona Amakhosi akuqondayo ukuthi  no , isikhathi sishintshile ngakho kufanele athathe indawo yawo ephelele.  Lendawo yawo ewukuthi bonke abantu  it is either  abakaBaba noma abami  regardless  ukuthi umuntu uqhamuka kweyiphi inhlangano.

Akhule abe ngaphezulu umholi wendabuko ngaphezu kwezinhlangano  zepolitiki .  Bese kuthi mhlawumbe uma kukhona lokhu akushilo uNkwali lapha kokuthi Inkosi ithande  ukuzijoyinela  inhlangano leyo kodwa kungavimbi abanye abantu ukuthi  bajoyine  izinhlangano lezi abazithandayo.

Asekhona Amakhosi anjalo siyakuncoma lokho siyakufisa ukuthi kwande ngoba iyona mpilo leyo ayikho inhlangano ezoqeda enye.   And  kunaloko usuke eyigqugquzela umuntu engaboni yena ukuthi uyayigqugquzela.

Kulenyanga ephelile  ngo-February  sasihambe nenkunzi le eMashinini, eMashinashina basho njalo kodwa mina ngithi u-Mnumzane  Mackenzie  uMhlonishwa abamazi kahle bathi uwunoMashinashina siye le  e-Tugela Ferry   ikomiti   le-agriculture  la safike khona sahlangana nabaholi bendabuko, Amakhosi amanye.

Iyodwa into engifuna ukuyiphawula lapho Sihlalo, Amakhosi ulimi ayelikhuluma elokuthi nazi izinkasa endaweni esikuyona zifile abantu bethu abakwazi ukulima bavune ngoba izinkasa zokuchelela zifile.   uHulumeni  angasisiza ngani?

Cha sayixoxa indaba sayiqeda impela sibona ukuthi  no , Amakhosi, abaholi bendabuko bakhathelele Isizwe ayi kuphela  ngepolitiki  kodwa nangezisu zaso.  Ilolohlobo engithi asiqhubeke ngalo ngoba isikhathi esiphila kusona sibiza lokho Mphathisihlalo.

Kukhona lokhu okunye okushiwo abanye bekuqonda, abanye bengakuqondi ngiyafisa ukugcizelela la ukuthi isikhathi njengoba  sishintshile  sisezweni elilodwa bafowethu nodadewethu izwe eliphethwe umthethosisekelo owodwa, izwe elinoMongameli oyedwa.  Angeke lokho siphinde sikubuyisele emuva kuyaphambili nje kunjalo.

Uyabona kufanele sikwemukele nje kuphelele ukuthi esinakho sinakho ngoba sikuthola  kuHulumeni  Omkhulu.   And  kukhona lokhu esikhuluma ngakho uyabona uma ngabe kuthiwa  imali  ayinyukanga Sihlalo, kwathiwa kulonyaka okungenani  iKwaZulu-Natali  ithole ngaphezulu.   Izinombolo   zesensasi  zithini?  Ngabe asikukhulumi loku okuthi abaholi bendabuko kukhona  imali  ezothixaxa kubona.

 Now , noma ngabe  imali  beyithexaxa ukuba kuthiwa uMongameli weZwe ubengawushayanga umthetho wokuthi bonke abaholi bendabuko abahole phela mhlawumbe besiyoqala siqhubeke namanye  ama-Province  aqhubeke, namanye aqhubeke, ngendlela yawo sithenge  o-Mercedes , sithenge imizi emkhulu.  Noma sibheke amanye  ama-programme   for that matter .   But /kodwa kudinge ukuthi ithi  imali  uma inyuka kuphinde kushawe umthetho ukuze izinto  zidarekthwe  ngendlela.  Kufanele sikuqonde lokhu ukuthi kwenziswa ukuthi sisezweni elilodwa, siphethwe umthetho -sisekelo owodwa, onoMongameli oyedwa.  Angeke sikubalekele lokho.

 Now , Mphathisihlalo ngizwe kahle ngesikhathi uNgqongqoshe ethula umbiko wakhe la uze wenza isilinganiso engicabanga ukuthi uMfundisi eduze kwakhe uyifakaze kakhulu.  Nami ngiyayifakaza kodwa kuphela engibehluka ngakho usuke wathi amakholwa athi ukukholwa okungenamsebenzi kufile.

Bengithanda mina athi  ibhayibheli  esikholwa yilo ukuthi liyizwi lithi ukukholwa okungenamsebenzi kufile, ngimzwe kahle lapho kuleyondawo.  Ngoba lokho kuhambisana nalesisho sokuthi;  "Ukwenza okukhulumayo  more than  amazwi ongawakhuluma".  

Ngimzwe kahle kuleyondawo, ngizwile nezinhlelo zakhe zokufundisa, ngezwa nangesikhathi esebonga  amaphepha , cha ngangezwake kahle uma eseqagula  ngephephandaba  leli elisanendaba edumile nje.  Izolo loku ngithe - mhlawumbe uMhlonishwa uthathe mawala ugcine ngayizolo Ilanga  laseNatali .  Okungenani Mhlonishwa ugcine ngokuthi  amaphephandaba  noKhozi lolu olusakaza izindaba.

Kodwa phela wonke umuntu unelungelo lokusho lokhu akuthandayo.  Cha Ilanga leli akhulume ngalo ngeke mina ngilincome kulokhu okwenzakalayo.  Ngifuna ukusho kancane Mphathisihlalo ngaphambi kokuthi ngiphelelwe ithuba lami, kulokhu okushiwo uSihlalo oyibamba ngoba kufanele kwazeke la ukuthi uGabhisa usekhona uSihlalo  wale-Portfolio   Committee , asikakaze sizwe ukuthi amusekho.  USihlalo oyibamba  until  sizwe ukuthi sephumile.

Ngiyavumelana naye ukuthi kwesinye isikhathi akuhambi kahle la  kwikomiti   it is either  amalunga awezi  or  kanye afika  late .  Nami ngizokwenzisa okwakhe othandayo ayobheka  kwirejista  ukuthi iyiphi lephathi evame ukuthi abantu bayo bangafiki la  emamithingini .

Naye uyazi, ngikhumbula ukuthi ngelinye ilanga kwalona ibamba lingakafiki noSihlalo engekho kwadinga ukuthi  kusherishwe   i-alternate , kwacaca ukuthi inkinga phela le.  So , ngiyavuma uma ethi kukhona into efuna ukulungiswa lapho.

Kulokhu kokunqodula  kwamaphosta  akhulume ngakho kukhona engithi ngimzwe kahle uma ekusho ethi cha engathi kuyihlazo la, kwamanyala ukuthi kutholakale ......
[ ikhasi 88 umugqai 4- ikhasi 92 umugqai 5]

MNUMZANE S N MTETWA:  Okushiwo ikhulisaNkosi la uMtetwa uMhlonishwa uMfundisi ikhulisaNkosi, Imfolozi eMnyama, Inkethabaweli, mayiwela iwela ngokuyiqobelela.

 AN HON MEMBER :  Kambe owakini.

MNUMZANE S N MTETWA:  Ehe.  Ukhulume  ngezinkantolo  lezi zaMakhosi bengifuna ukwenza umehluko engathi uHlanga loMhlabathi uhlanganise izinto ezingahlangani kahle, izinto ezazenziwa, noma ezenziwa  inkantolo  le  yomantshi  cha angeke zenziwe lapha  ezinkantolo  zaMakhosi.  Mina ngangicabanga ukuthi uma ilanga lishisa noma imvula inetha bakwazi ukukhosela kanti uma kukuthi....
[ ikhasi  92 umugqai 35- ikhasi 93 umugqai 16]

MFUNDISI C J MTETWA: ( Minister of Public Works ):  Uxolo Mphathisihlalo, ungangiphikisi mntanami ungangizwanga ukuthi ngithini, ngoba sihlala la wokuza ngikuchazele.  Ngithe inhloso yokwakhiwa  kwalezinkantolo  kwakuyilokhu, kuqondwe ukuthi kuthathwe abantu abasebenza lapha  ezinkantolo  bazofundisa la leyamisebenzi ithathwe ize lapha.  Bengingasho ukuthi zenza lokho namhlanje, azikwenzi ngoba nabaleka.
[ ikhasi 93 umugqai 18- ikhasi 93 umugqai 24]

MNUMZANE S N MTETWA:   No , angiyeke lendaba ngoba into ebengifuna ukusho ukuthi  kunama-criminal   cases  okungeke nje aqulwa la  ezinkantolo  zaMakhosi.  Nawo  ama-civil   cases  amanye ngeke ngoba adinga  izinkantolo  lezi  zakomantshi .  

 So , ukuhlanganisa kwako bekuhlukene kimina kanjalo, kodwa sekushiwo konke ke angibonge Sihlalo besengigcina ngoba uthe  iminithi  seliphelile.
[ikhasi 93 umugqai 30- ikhasi 94 umugqai 2]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):   Madam Chair ,  and the hon House .  Angidlulisele ukuthokoza okukhulu eMakhosini, namalunga ahloniphekileyo aleNdlu abaphawulile maqondana nalenkulumomgomo.

Inkosi ehloniphekileyo yakwaMathaba ikhulume ngendaba yokudlula emhlabeni kwelunga elihloniphekileyo lana umfowethu uMthembu.  Uma ngingakhuluma iqiniso sonke saphatheka kabi kakhulu ngokudlula kwalelilungu futhi ikakhulu mina  kule-Portfolio   Committee  esikhuluma ngayo  yakwa-Traditional   Affairs .

Umfowethu uMthembu wayeyindoda okwaziyo ukuxoxa nayo kwakuthi noma izinto zonakele umbone ukuthi umuntu izinto ozithathela phansi alalele kuxoxwe kuzwane.  Ngakhoke ngiyahambisana neNkosi uma ithi salahlekelwa sonke ngokuhamba komfowethu uMthembu.

Indaba yamaholo lawa angazi ukuthi umuntu uzoyithini ngoba kade umuntu ekhuluma ngalendaba yamaholo.  Angazi ukuthi amalungu ukuthi ngempela athini.  Ngithe lana enkulumeni yami ukuze uBaba owuMongameli asukume akhulume indaba yamaholo kwaba  i-pressure` eyenziwa Amakhosi wonke aseNingizimu  Afrika .

Ithina la KwaZulu esacela wonke Amakhosi saba nomhlangano lana eThekwini.  Kwaba  i-pressure  yethu ukuze athi yena cha Amakhosi awakhushulelwe amaholo, uyasuka akayilethi  imali  yokuthi aholelwe Amakhosi.

Manje angazi loMongameli onconywayo owenzeni ngoba akazange ayilethe  imali .  Kufana nokuthi idlani bantabami ungabaniki abantwana ukudla, into enjalonje.  Manje angazi ukuthi lokuncoma okungaka ukuthi yini lena ayenzile ngempela, noma ukukhuluma nje kukodwa ikonake okunconywayo.  Uma kunconywa ukukhuluma nami ngingakuncoma ukukhuluma.  Kodwa  i-action  ayizange ibekhona  on the side of the President .

Kangangoba nalaMakhosi ayethe wona afuna ukuholelwa phezulu ajika nawo eqhinqile manje awazange avume ukuthatha  izimali  azise kuMongameli phezulu.  Kuwowonke  ama-Provinces  ahleli Amakhosi ayanqaba ukuthi  izimali  ziyiswe phezulu ngoba kwenzeka leyonto.

Lenkulumo lena emaqondana  nama-Heritage   functions  eshiwo Inkosi ngicabanga ukuthi udaba  lwe-Heritage  sesililungisile salusebenza  ne-Department   yakwa-Education   and   Culture  ngakhoke ngikhulume ngakho lana.

Yebo ukungahambi kahle kwamalungu  kuma-Portfolio   Committees  ukungayi kuyinto ebakhona kwesinye isikhathi lapha nalapha sicabanga ukuthi kuzofuneka ilungiswe njengoba kuzongenwa emkhakheni omusha nje wokusebenza.

UMmeli uMadondo ilunga elihloniphekileyo nalo likhulume ngayo indaba yaMakhosi lena lakhuluma ngendaba yokuthi amaholo Amakhosi kufunakala abe into eyodwa kunganakwa, wabeka  ngoHulumeni  waKwaZulu ukuthi wayehlukanisa ngemfundo nani.

 uHulumeni  waKwaZulu wayengasona isiphukuphuku uma enza njalo.  uHulumeni  waKwaZulu wahlala phansi waqoqa umhlangano waMakhosi wawatshela Amakhosi ukuthi into okufanele ukuthi yenzeke ileyo yokuthi Amakhosi akhuthazwe ukuthi athumele izingane zawo  esikoleni  ukuze Amakhosi aphakamise izinga lemfundo kwase kuthiwa - kwangena  le-grading  ngokuhola.  Ayi ukuthi yayenziwa ngobuphukuphuku leyonto.

Nangempela  as a result of that  Amakhosi amaningi ahamba aya  esikoleni  yiko Amakhosi amaningi njengoba ake abukeke njengabantu abangahlakaniphile nje engcono kakhulu emphakathini, kwaba ileyonto eyadala leyonto.

Ngakhoke ilesosimo ngiyasizwa isimo sokuholela Izinduna, udaba lweZinduna kuthe ngesikhathi kukhulunywa udaba lwamaholo Amakhosi kwi-MINMEC nodaba lweZinduna siyalikhuluma.  Kodwa kuthiwe kuqala akuqedwe leli lwaMakhosi luzongena udaba lweZinduna.

Njengoba lishilo lapha ilunga elihloniphekileyo uVezi kukhona inkinga uma kuyiwa eZinduneni kuzofuneka kuhlalwe phansi kuxoxwe kuboniswane ngoba sikholelwe yilokho thina ukuthi into ezolamula isimo ukubonisana kodwa zingahambi ziyotshelwa Izinduna kuboniswane nazo.

Uma uya laphana kumaziphathe wakwaTembe, umaziphathe owodwa.
[ ikhasi  94 umugqai  6- ikhasi  96 umugqai 20]

Sibone ukuthi yini esingase siyenze njengoba kade lisho ilunga elihloniphekileyo izinduna zingabiningi bese mhlawumbe ngalesosikhathi kuma kubonakala ukuthi kuzokwenziwa njani.  Kodwa amalunga ahloniphekileyo akangakwenzi sengathi lezinto zenzeka nje ngendlela leyo engaboni.

Ngizwile futhi ilunga elihloniphekileyo likhuluma lana ngendaba  yoku-train  Amakhosi.  Uma ezwe kahle ngifunda  i-budget speech  yami bengikhuluma ngalokho nje ngaze ngasho ukuthi  sinama-training courses  esiwenzayo, kade ngikhuluma ngalokho.  Uma usasho ukuthi  asi-trainer  Amakhosi awuvumi ngani ukuthi uvumele lento esiyishoyo ukuthi siyayenza yini usho sengathi manje into eyiseluleko kuwena umnyango okade ungayiboni.

Nako lokhu kokuthi izinqumo zaMakhosi umangabe seziya  ezinkantolo  azithi shu kusho ukuthi ngempela umthetho wokusebenza kwaMakhosi awukaze uhlale phansi neNkosi ikutshengise uwufunde.  Isinqumo seNkosi, uma Inkosi isilinqumile icala, icala  liyarejistwa , icala  liyarejistwa   enkantolo   kumantshi .

Umangabe umuntu lowo engahambisani nesinqumo seNkosi uyaphoqwa ngokomthetho noma kuphume isikhonzi adliwe, into eyenzekayo leyo.  Uma uthi isinqumo seNkosi sibanjani siba  null   and   void   awu ngiyamangala ngempela uhlalaphi wena, kanti lesasabelo ohlala kusona esinjani, uhlala nobani?  Uvela eMsinga nangu noMhlonishwa uMtetwa ngabe uyakululeka uma ungazi ukuthi kwenziwa njani.  Into eyenzekayo leyonto.

Okunye futhi singacela futhi inzondo lena phakathi kwamalunga athize naMakhosi azame amalunga ukuyehlisa inzondo ngoba siya okhethweni nje uma kukhulunywa kanjena kuleNdlu kufike abantu behlasela Amakhosi alalela Amakhosi ngalena.  Izonake lezinto ezizodala uthi uyaqhamuka endaweni yeNkosi ithi ayi ayi ayi ngoba izwile nje ukhuluma  ePhalamende  utshengisa wena ukuthi awuwafuni noma uwabone Amakhosi lana ehambe khona.

Bese kuthi - njengalombhedo lona othi Amakhosi  they should be above political matters , uyazi umbhedo ngempela lowo.  Ngoba leyonto ngayitshela uMongameli weZwe ngathi ngeke sitshelwe thina leyonto ukuthi  we should be above politics .  Kufuneka uMongameli ameme Amakhosi abekhona sizoxoxa ileyonto eningayifuni nina, uma sithi akuxoxwe ayi aniyithandi leyonto nifuna Amakhosi atshelwe ukuthi awenzeni.

Nizothola ukuthi kuzoba lukhuni ukuphatha umbuso, ngisho  uHulumeni  kuzoba lukhuni ukusebenza umanicabanga ukuthi ninezingalo ezinkulu nizosho bese omunye uma eshaya isiginci omunye  adanse , asizukudansa thina Makhosi.  Okungcono singancame siphele noma ingayiphi indlela ngeke  sidansele  izinto ezibhedayo thina.

Ngakho abantu abakwazi ukuthi kufanele kuxoxwe Amakhosi ngisho njalo ngithi  they are also human beings .  Uma kukhona  issue  ekhona akuhlalwe phansi naMakhosi kuxoxwe sibone ukuthi sizoxoxa sifikisanephi, kodwa ayi ukuthi kusuke nabafanyana laba abancanyana, kusuke nezingane ezincanyana, kusuke namadojeyane, kwesinye isikhathi, kusho nomamana nje ongabazi ukuthi bayini ufike bekhuluma noma yini ngaMakhosi.  Lokho akwenzi ukuthi kubekhona isithunzi nokuhlonipheka ngoba uma ningawahloniphi Amakhosi awuzukunihlonipha nawo.  Kufuneka nikwazi lokho.

Ngicabanga ukuthi uMhlonishwa uMtetwa usitshele kahle ukuthi iluphi uhlelo  uHulumeni  waKwaZulu ayeveli elunkankanya ngesikhathi  kungakavotwa  ngo-1994.

Lezinto okukhulunywa ngazo  uHulumeni  waKwaZulu wazinkankanya  i-involvement  yaMakhosi  ku-local   government  kukhona  ama-proposal  ayevele enziwe.  Kodwa ngendlela okwasuka kwangena ngayo uma senithatha umbusoke  at national level , kwatholakala ukuthi manje anifuni kuxoxwe.  

Lento engilokhu ngiyithi kuMongameli weZwe akeze sixoxe ngalezizinto ukuba uyavuma ngabe kade sazixazulula lezinto.  Kodwa uma ememeza ephezulu, kumenyezwa  ko-TV , kumenyezwa emsakazweni, asizukuzwa thina.  Ngoba Amakhosi awamenyezwa kufuneka kuxoxwe nawo.

Ngakhoke ngicabanga ukuthi njengoba kade eluleka uMhlonishwa uMtetwa ngokwakhiwa  kwezinkantolo  ukuthi inhloso kwakuyini.  Zonke lezozinto uma ngabe amalunga ahloniphekileyo ayathanda ngempela ukuthi isimo asazi kungabe mhlawumbe ayayicosha leyoncazelo naloloncedo. 

Ushilo uMhlonishwa waze washo  nangetayitela  leSintu, ezindaweni zaMakhosi ngoba uke uzwe abantu bebanga umsindo la bethi umuntu mayakhe endaweni yeNkosi - angazi ngagcina nini ngizwa kuthiwa Inkosi ixoshe umuntu esabelweni sayo, angazi ngayigcina nini leyonto.

Ngoba Amakhosi, Amakhosi kudala acelwa ukuthi angalingi akwenze lokho.  Bonke labantu abakhuluma layiNdlini bethi Amakhosi axosha abantu ezabelweni, avele ahambe umuntu ashiye wonke umuzi wakhe ngemuva.  Abantu abangahlali ezabelweni, abantu abangazi lutho ngempilo yethu ezabelweni.  Njengalowa Mame osesukuma akazi lutho ngendaba yasesabelweni.

 AN HON MEMBER :  Ngifanele phela angazi lutho kodwa abantu benu...

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Wophendula indoda yakho kanjalo.  

 AN HON MEMBER :  Angithi uyiyona nje.  
[ ikhasi 96 umugqai 26- ikhasi 99 umugqai 14]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Ngicabanga ukuthi ilunga elihloniphekileyo uMnumzane  u-Naicker  ukhulume iqiniso ukuthi okunye okuzofunakala kwenziwe kuleNdlu ilokhu kwemihlangano  yama-Portfolio   Committees .  Nami ngingomunye oke aphatheke kabi ngalemihlangano  yama-Portfolio   Committees .

Uthe uMnumzane  u-Naicker  lapha kuke kwenzeke abe ngelanga elilodwa.  Amaningi  ama-Portfolio   Committees  aba ngoLwesithathu, uLwesithathu ilanga  leKhabhinethi  angikwazi ukuthi ngishiye  kwiKhabhinethi  ngiye  kwi-Portfolio   Committee .

Kuba njalonje kwesinye isikhathi abe mabili  ama-Portfolio   Committees  ngesikhathi esisodwa, ngelanga elilodwa mhlawumbe  kuma-venues  ahlukene, noma  kwi-venue  eyodwa.  Enye into okufuneka Indlu izame ikusebenze lokho ukuthi  ama-Portfolio   Committee   meetings  abekwe ngendlela yokuthi abe sesimeni esikhona.

Angazi lento okuthiwa uma kukhulunywa  nge-neutrality   on the side of  Amakhosi isho ukuthini?  Ngoba ngake ngayisho lento kuqala ngathi  let us go to Durban  ngalinganisa ngaye umfowethu uMlaba laphaya eThekwini.  Ngathi  uyiMeya  umfowethu uMlaba lapha eThekwini uyilunga  le-ANC .   Do you mean to say when taking decisions he is always impartial towards the ANC people .  
Niqonde lokho ukuthi uke athi uma ethatha izinqumo lapha njengoba ephethe abantu abangaphezu kweNkosi eThekwini nisholo ukuthi uye athi uma ethatha isinqumo enzele kangcono abantu  be-ANC ?

 Why  uma sekuza eMakhosini besenithi Inkosi uma iyilungu leqembu elithize, noma iqula icala liyamlahla lona omunye ngoba engelona iqembu lakhe.  Yini nehlisa isithunzi saMakhosi kanjena, ileyonto njena.

Siyezwa ukuthi umthethosisekelo  uya-recognised  ukuba khona kwaMakhosi kodwa umugqa  recognition  yomthethosisekelo ayisho lutho ngoba kuthiwa akhona Amakhosi  and a full stop .  Uma ngabe umthethosisekelo usho njalo kusho ukuthi awunamsebenzi kuthina.

Ngiyavumelana nelunga elihloniphekile ukuthi Amakhosi kufuneka nawo abekhona emkhakheni  yoHulumeni  basekhaya.  Uma ngabe engekho Amakhosi kulungile ningawakhipha kodwa nizothwala nzima.  Ngoba akukho  maKhansela  azosebenza ngempulele uma ngabe ezothatha izinqumo engekho Amakhosi lapho, kuzobakhona ubunzima.

Yikho sithi thina akuhlanganweni, ninyanyani ukuthi Amakhosi abekhona  namaKhansela  abekhona kuxoxwe kuthathwe isinqumo.  Engathi kwenzeka lokho la  KwaZulu-Natali   kuma-Regional   Coucils  engathi sindawonye ayikho inxushunxushu la  KwaZulu-Natali .

 We are not facing problems because we are together, we are addressing issues together , yikho nibona ingekho  i-controversy  la  KwaZulu-Natali .  Kodwa kwamanye  ama-Provinces  la Amakhosi engekho  kuma-district councils  kuyaxatshwana kuyaliwa.

Ngakhoke Amakhosi ayekeni abekhona la kuxoxwa khona, yini lena enifuna ukuyixoxa engekho Amakhosi, nifuna ukuthini ngaMakhosi engekho.  Ayekeni Amakhosi abekhona.
[ ikhasi 99 umugqai 25 - ikhasi 101 umugqai 14]

lunga elihloniphekileyo u-NKOSIKAZI Mchunu ngicabanga ukuthi ngiyavumelana naye kakhulu uma ethi kuke kudabukise uma ubona abantu bakithi -ngoba nalendaba yaMakhosi niyibona ingalungi nje abantu bakithi abalwa nobuKhosi.

Angazi kukuhlakanipha okungakanani kwezinye izizwe nalezi ezila  ePhalamende  uma zibona abantu bakithi belwa kanje nobuKhosi bakubo.  Bayabona ukuthi eyi impela kusekude lana kuyiwa khona indlela isende esazohanjwa.

Uyazi yonke  le-argument  ukuba iqhamuka kulaba abaMhlophe, noma iqhamuka kulaba  baseNdiya  ngabengiyezwa,  how much more  abantu bakithi balwe  ne-structure  sakubo engabe nithi nina ayibo besingeke yini  le-structure  kwenziwe lokhu nalokhu nalokhu ukuze kubekhona  i-improvement , nilwa naso nithi Amakhosi awaphele, nithi asihambe siyohlala  ekhishini .***********************88888

Eyi wemadoda.  Angazi ukuthi ngempela sibona ukuthi kobanjani - ngiyavumelana nelunga uma lithi kungangcono ukuthi kukhona inkece enkulu esiyitholile ukuze sikwazi ukuthuthikisa ezindaweni zokuthuthukisa emakhaya.

Kodwa lokhu kokuthi emthethweni  woHulumeni  basekhaya, uNgqongqoshe  at national level  okunguyena  o-recognised  umuntu oyiNkosi ukuthi ubani anginifihleli lokho kuzochitha eliningi igazi ezindaweni zaMakhosi.

UNgqogqoshe okokuqala akazi luthi ngobuKhosi  at national level , ngakhoke akakwazi ukuthi  a-recognised  umuntu noma abantu athi uyiNkosi engazange ahlale phansi nathi, engazange ahlale phansi nemindeni yaMakhosi, engazange ahlale phansi  ne-structure  esikhona esibhekene nobuKhosi.

Uma kuyokwenzeka lokho kulungile uma nikwenza kodwa kuhle ngoba siyanitshela kuzwa wonke umhlaba ukuthi nidala inkinga yokuthi lelizwe lifike la ngempela engekho oyolibusa.  Ngoba kuzovela udlame olukhulu lingabuseki izwe.

Siyanincengake sithi thina cha uNgqongqoshe kuyofuneka ukuthi alandele imigudu ekhona atshelwe ukuthi nayi Inkosi ekhona la.  Njengoba ngasho ukuthi uma ikhona Inkosi eyabekwa ngephutha umthetho ukhona itsheleni ngoba  ninezimali  eziningi ihambe iyofaka icala liqulwe, uma  iliwina  icala  siyosishintsha  isinqumo sibeke leyoNkosi eshiwo  ijaji . 

Kodwa zingenziwa izinto ngenkani ngoba inkani ngeke isisize ngalutho ngaphandle kokuthi izokwenza silahlekelwe imiphefumulo kubekhona izintandane, ayizukusisiza inkani.

 And  okubuhlungu kakhulu  kulo-13%  abakhuluma ngawo  kungakavotwa   i-campaign  kwakuthiwa ayi abantu abaMpisholo  bano-13% , abaMhlophe  bano 87% .  Manje  after elections the very black people are demanding the very little 13%  esinawo bathi awuthathwe,  the very little 13%  bathi awuthathwe  lo-13% .  Kanti nanikhala ukuthini uma nithi abaMhlophe  bano-87% , nanikhala ukuthi?

Kodwa akushiwo abaMhlophe ke manje kushiwo abantu abakithi.  Ngilekelele Sihlalo kulelalungu elifake izibuko.  Sengiyesaba Sihlalo sengathi lizoze ligcina lingijubela lelalunga, sengiyesaba impela sekuthi angihambe impela manje.
[ ikhasi 101 umugqai 18- ikhasi 103  umugqai 14]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  UMnumzane  u-Nel  ubuze umbuzo la ukuthi yini thina  IFP   no-ANC  esiyibangayo ngezindaba zamasiko nobuKhosi.  Ngicabanga ukuthi umbuzo ophilile ngoba esikhundleni sokuba kukhona into okukhalwa ngayo sihlala phansi kuboniswane ngaleyonto

Ngoba ukujikijelana lokhu, nokushawodana lokhu akuzukusisiza sonke ekugcineni indawo esibusa kuyona noma esiphila kuyona akuzoba indawo emele ukuthi kubekhona impilo.  

 HON MEMBERS :  UKUPHAZAMISA

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Ngeke phela nikwenze lokho ngisho uMongameli wenu uma enqaba ukuxoxa naMakhosi.  Ngeke ke nina ningenzani nina uma ngabe kunqaba ubaba ekhaya ngeke nenze lutho.

Indaba yeNgonyama  Trust Act  ngiyezwa uma kuthiwa yini okwenza Amakhosi angabibikho kwiNgonyama  Trust Act , akhona Amakhosi akhona noma engamaningi kodwa akhona.  Kodwa okunye futhi amalunga okufuneka akwazi ilokhu kokuthi Ingonyama  Trust Act  phela njengoba ithinta umhlaba, umhlaba awuyona  i-Provincial . competence .   It is a national competence .

Ngoba umhlaba uphethwe uMnumzane uNgqongqoshe phezulu ohloniphekileyo uMnumzane  u-Hanekom  savumelana kwaba okokuqala into esahlala phansi  ne-Minister  savumelana ukuthi akuthi uma kukhethwa  ibhodi  nathi asikhethe abantu ababili naye akhethe ababili ngale.

Kwaba into yokuqala esayisebenza kahle kwavunyelwana sathokoza naye wathokoza.  Okunyeke njengalokhu  kwematayitela  ezabelweni akavumi okunalokho wangitshela ukuthi inina  ANC  eninqabayo.

Ngamtshela uMhlonishwa uZuma naye wamangala ngathi usho njalo uNgqongqoshe wenu lapha wathi inina  ANC  eninqabayo ukuthi izindawo zaMakhosi zithole  ama-licence .  Ngakhuluma kuZuma.  

 Minister were there in the Cabinet .  Wamangala uZuma wathi uZuma akaze ayikhulume leyonto.  Kodwa washo njalo kimina wathi  I must talk to the ANC in the Province of KwaZulu-Natal .

Ebeka  perception  ukuthi inina eninqabayo.  Angikaze ngikutshele Amakhosi lokho ngoba ngisafuna sikhulumeni ngizwe ukuthi niyanqaba yini bese ngiwabikela ukuthi  u-ANC  uyanqaba ukuthi nicoshe  amatayitela .

Ilesosimo esisishoyo ezindaweni zamakhosi.  Ngakhoke ukwakhiwa kwalezozinto  njengebhodi  kunjalo.  Uma ngiya elungeni elihloniphekileyo uMnumzane laphayana uKubheka.  Asimbongele njena ukuthi abonakale enomdlandla ilunga elihloniphekileyo kanjena siyalibongela ngalokho.

Kodwa uqinisile uma ethi lento eyenzekayo izodukisa laba abasha uma ngabe indaba yobuKhosi ingahlelwa ngokuyikho.  Kodwa ilunga elihloniphekile selisitshela ngomlandu weNkosi okwathi emhlanganweni abantu  bayi IFP  bayoba  i-IFP .  Angisho lokho ukuthi  ku-fair  angiliphikisi ilungu.

Kodwa  that is not fair to say that in the absence of  Inkosi ngoba ayikwazi  ukuzi-defender  leyoNkosi noma ngabe ayikushongo izithulele njena ilungu liyasho nje.  Leyonto ngeke siyikhulume lana ukuthi kwenzeka ukuthi kanjalo isimo sinjalo.  Akashongo ukuthi uGabhisa ukhulume  nge-Vryheid  wena ukhuluma indaba kaGabhisa.

Ngakhoke ilesosimo elungeni elihloniphekile ukuthi ngeke sikwazi ukuthi ngiphendule leyonto into engenabufakazi.  Kodwa uma kukhona izinkinga ezikhona mangithi anosithinta emnyangweni.

Zolo lokhu besiyobeka Amakhosi laphayana Empangeni.  Besiwatshela Amakhosi ezihlelweni sikhuluma ngayo lento nangezindaba ngisho zokhetho, nangezindaba zonke zokuziphatha kahle.  Besiwatshela lapha belikhona ilungu elihloniphekileyo uGwala.

Ayi ukuthi Amakhosi siyawavikela la engadingi ukuvikelwa khona Kodwa uma kudlalwa ngawo ehliswa isithunzi kufanele siwavikele.  Njengoba nikhuluma  ngo-Freedom   Charter , nje niyabona uma nifuna ukukhuluma  ngo-Freedom   Charter  ningabokhuluma  ngo-Freedom   Charter   kithina.  Asihlanganise lutho  no-Freedom   harter .  

Ngakhoke umuntu okhulumayo la  osi-quote  la  kwi-Freedom   Charter  angazi usuke ethi asithini thina ngoba ayikho into esiyihlanganisile  no-Freedom   Charter .  Ngaphandle uma uthi asixoxe  nge-document   yakwa-Freedom   Charter  singayibeka  etafuleni  kuxoxwe siyakuzwa lokho, singakuvuma futhi ukuthi kuxoxwe.  Kodwa ngeke uzositshela ngayo into esingayazi thina ukuthi ithini, ilaphi, ibekwephi.
[ ikhasi 103 umugqai 18- ikhasi 105 umugqai 33]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Ngicabanga ukuthi ilunga elihloniphekileyo uBaba uNtombela noma ehlangabezane nezimbila zithutha kodwa konke lokhu akade ekukhuluma okunye angavalwanga kukona izinto ezenzeka kodwa ngeke sithinike ngoba ehlangabezane nezimbila zithutha, kwakhona umsindo eNdlini.

Kodwa engingakusho kuyoyonke leyankulumo ebishiwo uBaba uNtombela ukuthi isimo esinjena  ePhalamende  kwesinye isikhathi siye senze ukuthi abantu ngaphandle babone ukuthi isekempini noma  i-IFP   isekempini   ne-ANC .

Kuye kufunakale noma ngabe siyahlabana ngendlela esiqhuba ngayo kodwa sikwenze lokho ngendlela evumelekile emthethweni ukuthi kwenziwe ngayo.  Kungenziwa ngendlela yokutshengisa kube sengathi kuyaxatshwana ngaphakathi.

Kodwa ilungu elihloniphekileyo sonke isimo saMakhosi akade isibeka besibeka iqiniso into eyenzekayo endaweni yaMakhosi.

UBaba uMkhwanazi usho kahle ukuthi uyabuhlonipha ubuKhosi and ngasosonke isikhathi isho ekhuluma uke umuzwe ukuthi noma ephikisana nezinye izinto ezenziwa Amakhosi kodwa uke aphikisane nazo ngendlela etshengisayo ukuthi uyabuhlonipha ubuKhosi.

Uke aphikisane ngayo ngenhlonipha kuyasho impela ukuthi uBaba mdala kwathina Makhosi ungomunye uBaba uMkhwanazi esimhlonipha kabi ngoba sike simazi ukuthi unobuchopho uma ngabe ebeka into ayibeke njengoBaba angiyibeki ngendlela edelela Amakhosi. 

Ngoba ileyonto into eyenza ukuba kungabikhona ukuthula, ileyonto yokutshengisa Amakhosi ukuwabukela phansi nanokuthi kukhona amalunga acabanga ukuthi ahlakaniphe kangcono kunathi thina Makhosi.

Noma ngabe ahlakaniphile amalunga kodwa bese nisitshela ukuthi nihlakaniphile kunathi nisale senisitshele ekhaleni, ningabe nisasihloniphake nisale senisitshele ekhaleni uma ngabe nibona ukuthi nihlakaniphile?  Ileyonto kuphela esiyishoyo.  Uma ngabe ubeka into oyisolayo ibeke kahle sizozwa ngoba siyakhana lana silana sizokwakhana kodwa ayi ngendlela yokusidelela.

Ngoba nathi sizoze siphendule ngokwedelela.  Bese izwe uthole ukuthi alisabuseki kahle akusekho ukuhloniphana.  Ileso simo esikhona.  Lento yokuthi Amakhosi awangangeni  kwipolitiki  angazi ukuthi ivelaphi ngoba ngishilo, Amakhosi azobakhona  kwipolitiki .

Niyazi njengoba  kuyovotwa  ngomhlaka 2  June  ngale  kwama-elections  Amakhosi azobe ekhona  kwipolitiki  lana kuzobe kukhona Amakhosi,  e-Cape Town  kuzobe kukhona Amakhosi.  Ngakhoke asingalokhu simemeza ngento engeke yenzeke ngoba leyonto ngeke yenzeke singakahlali phansi sixoxe noma ngabe ubani okhala ngaleyonto.

Kofuneka sihlale phansi sixoxe ngoba uma singaxoxile ayizukwenzeka leyonto.  Asingamemezi ngento sibanga umsindo ngento engezukwenzeka.  Ngomhlaka 3 kade  kuvotwa  ngayizolo uze la uyofica kuhlezi Amakhosi la.  UMlaba uyobe ehleli la ngomhlaka 3 kade  kuvotwa  mhlaka 2.  Ngisho lingakavulwa iPhalamende Amakhosi ayovele eze la azohlala enzele ukuthi nizowabone ukuthi akhona.  Ayobe ekhona ngalesosikhathi.  Ngakhoke  ilesosimoke .

Ngiye elungeni lokugcina elihloniphekile umfowethu laphana uMtetwa.  Sithokoze kakhulu elungeni elihloniphekile uMtetwa ngale sicabanga ukuthi izinto azishilo eziningi uqinisile kuzona siyabonga kakhulu.

Nalokhu  kwe-AIDS  uma ngingakukhumbuza lokhu  kwe-AIDS , nomangabe  imali  singayibekanga eceleni  ye-AIDS  ngoba ayenele  imali , kodwa sinawo umkhankaso  kwi-Department   of   Traditional   Affairs .  Saze  sa-eramarka ama-civil servant  athize  of higher rank  ukuthi abe  emakomidini   e-AIDS , abekuyoyonke into  kwi-Province .

Yonke into esebenza  nge-AIDS   i-Department  yami ibambe iqhaza elikhulu kabi.  Ngakhoke ilunga elihloniphekileyo lingaphatheki kabi kodwa ngokuthi angikubalanga laphaya  kwi-budget speech  sikhona.

Nanokuthi Amakhosi iwona ayevele egcizelela ukuthula ezindaweni zawo.  Ilesosimo nezintuthuko zazenziwa Amakhosi, konke lokhu okwenzekayo lana osekucatshangwa ukuthi izinto ezintsha izinto ezikade zenziwa Amakhosi lezo.

Yinye kuphela into okuthe uma kufika loluhlobo olusha lokubusa kwangahlalwa phansi ilungiswe, zonke lezinto zokuthuthukisa ezindaweni zasemakhaya bezenziwa aMakhosi nabantu baMakhosi.

Uma sekufika  Amakhansela  nabanye abantu kwangahlalwa phansi kucazwe umsebenzi,  Amakhansela  avele athatha umsebenzi waMakhosi.  Avele  akhansela  yonke into ebesiyenza thina ayithatha kwangeyayo.

Ilokoko okusiphatha kabi thina, ukuthi yini nisifice sivele sikhona, bese nithi nifika nje bese nisibeka eceleni nithathe konke nikuse lana enithanda khona.  Anithandi ngani ukuthi sihlale phansi sixoxe sibonisane ngalezozinto.

Maqondana nendaba yeLanga njengoba ilunga lisho angazi noma ilunga belizizwa ukuthi lithini.  Mina lana bengitusa Ilanga  noKhozi FM  ngokuthi izinhlelo lezi  zakwa-environment  siyakwazi ukuthi siyozikhipha eLangeni, siyakwazi ukuyozikhipha emsakazweni basisakazele ukuze bezwe abantu ukuthi kuthiwani. 

Mina bengingakhulumi lunga elihloniphekileyo ngalokhu okade ukukhuluma wena.  Nomangabe Ilanga libenephutha kuwena kulokhu okushoyo kodwa mina bengingangeni nokungena kuleyonto mina bengikhuluma ngomunye umkhakha owenziwa Ilanga.  Ngakhoke ilesosimo leso engibona ukuthi....

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Ilunga liphathe ukuthi amacala egazi ezindaweni zaMakhosi ngeke aqulwa amacala egazi, namacala emibango.  Yikho ngithi anobuza uma ningaya noma kuyiphi Inkosi uzovele uthole  i-guide .  

Amakhosi sinamandla okuqula amacala egazi, abekiwe amacala esingeke sawaqula, abekiwe lawomacala esingeke sawaqula njengamacala okubulala, amacala okudlwengula, amacala afana namanye, kodwa abekiwe lawo  there are so much few  lawa esingeke sawaqula.

Namacala futhi emibango abekiwe futhi kahle amacala ukuthi Inkosi iyohamba igcine la.  Ikhona  i-guide   lana KwaZulu-Natali .  Asihlupheki ngokuphathwa kwaMakhosi.  Inkosi umayenze iphutha isuke yenze iphutha ayingoba isuke ingazi, ikhona  i-guide .  

Nalawa akade ebekwa ngesonto eledlule bengiwanika  i-guide  ngithi Nkosi ngisho amahlawulo Nkosi ecaleni eliwukuthi ngeke  u-exceed   imali  engaka noma izilwane ezingaka konke kukhona. 

Ngakhoke asitheleli ndawo thina lapha, thina  sinesi-structure  esiphilayo esimile.  Woza Nyambose ufike lapha  ehhovisini  ngikusize mfethu uyisihlobo sami wena, owakithi wena, ngikusize ngikutshengise lezinto khona kuzothi uma  udibhetha  lana ungakhulumi ngezinto ngempela ezingekho.

Ngalawomagama Mphathisihlalo, neNdlu ehloniphekileyo ngithokoze kakhulu kumalunga ahloniphekile ukuthi sikwazi ukubonisana la kuze kufike lasiqeda khona umsebenzi wethu welanga.

Ngibonge kakhulu ngezeluleko zonke abeluleke ngazo umnyango wami.  Ngicela ukuthi  ivoti  amalunga ayidlulise  njengevoti  elungile.  Siyathokoza kakhulu.
[ ikhasi 105 umugqai 9- ikhasi 110   umugqai 17]

INKOSI K W MATHABA:  Baba Somlomo bengithi nje ngifisa ukuzwa ukuthi kuyilungelo yini lelungu elihloniphekile ukuthi lifake isigqoko la eNdlini.  Noma  sisejimini  la, noma sikephi la?  Noma  sisezinyunyaneni , noma sikephi la? Bengicela ukuzwa kuwe mhlonishwa ukuthi kuyilungelo laleNdlu yini ukuba kufakwe izigqoko.  Abantu engicabanga ukuthi kufanele bafake izigqoko ngabantu besifazane kuphela. 
[  ikhasi 116 umugqai  10-16]

ISIKHULUMI:  Ngicabanga ukuthi ilungu elihloniphekileyo... Nami ngiyaqala empilweni yami ukuba  kuleliPhalamende  kulokhu ngikhona, angizange ngibone umuntu oyindoda efake isigqoko. Ngakho-ke ngizocela ilungu elihloniphekileyo isigqoko lisikhumule bese siqhubeka nomsebenzi.   Thank you /ngiyabonga.
[ ikhasi 116 umugqai   18-22]
Mhlonishwa, Sihlalo, kunenkinga esinayo thina esihlala ezindaweni  eziwo-R293's  okwakuyizindawo  zikaHulumeni  waKwaZulu kuqala.

Kunalenkinga yokuthi uma umuntu eshonile obewumnikazimuzi sekufanele  itayitela  lishintshwe lishintshwelwe enganeni yakhe noma kuNkosikazi wakhe, uMhlonishwa  u-Minister   u-Hanekom  wenza  i-proclamation  embi ethi umuntu uma efelwe aye kuMmeli.  Kanti kuqala umuntu uma efelwe bekuba  i-administration  ethatha lolohlelo  imurejistele   ngo-R2.00  kuphela.

Uma useya kuMmeli...
[ ikhasi  143 umugqai 23-35]

MS M XULU: ( WHIP ):  Uma eseya kuMmeli kufuneka  R3000   to   R5000 .

MS M XULU: ( WHIP ):  Umuntu akanayo  imali  okokuqala isalukazi sifelwe indoda.  Okwesibili ingane encane ishonelwe ngabazali kufanele lendlu yayo ishintshwe ilethwe kuyona, inkinga esiyenzelwe uMhlonishwa  u-Hanekom  ngoba ezindaweni ezazivele ziphethwe  oMasipala  kusasebenza  u-R2.00 .

Siyabonake ukuthi uMhlonishwa akabacabangelanga abantu nezidingo zabo, wacabangela Inkatha ngoba  u-R293  wawuphethwe Inkatha.

Kwakufuneka ukuthi laba abangaphesheya abakhuluma kakhulu bahlale phansi noMhlonishwa uNgqongqoshe awubukeze umthetho wakhe ngoba kufanele kufunelwe abantu indlela ezobenza ukuthi bathole ukushintsha izindlu zabo kalula.  Sikhuluma ngabantu abangasebenzi, sikhuluma ngabantu abahleli emakhaya.

MS M XULU: ( WHIP ):  Ngesikhathi sami Sihlalo, abantu babengcwatshwa kahle ngoba sasingangcwabi  Amakhomu .  

MS M XULU: ( WHIP ):  Wawufuna wena ukuyobulalisa abantu.

Sihlalo, ukhuluma nje uMhlonishwa ongaphesheya kwafa abantu elokhu ekhala kuleNdlu nje, kwafa abantu kuliwa.  Usethi manje abathathwe lababantu bayongcwatshwa labethi babulewe khona kwakuzofa abantu abaningi.

Ngiyajabula ukutshela leNdlu ukuthi  inkantolo ,  ijaji  elifundile elikhulu lahambisana nami ukuthi abangangcwatshwa abantu e-17.  Ngiyabonga.
[ ikhasi  144 umugqai   7- ikhasi 145 umugqai  13]

Abantu bayahlupheka Mnumzane  Chairman, in Housing .  Bayahlupheka abantu Mnumzane  Chairman .   When I think of it , kufika izinyembezi.   All along no one was caring about them , akekho obenendaba nabo.   I happen to come from a house of poverty , endlini yokuhlupheka.  

 Where I started , ngiqala ukubona sasihlala eMkhumbane,  that was in Cato Manor and from Cato Manor we went to  Kwa-Mashu.   From  Kwa-Mashu  we were uprooted by force  saya Kwa-Mashu  eLokishini .   A lot of people there  Mnumzane  Chairman ,  were left .  Basala abanye bangazithola izinto.  

 Those that were left there  base befakwa  emaplangweni   Amaplangwe  ayenziwe ngoba umuntu wenzelwa noma yini, noma yisiphi isikhathi. 
 So  Mnumzane  Chairman ,  from there  abanye bafakwa  ko-two room .   U-four room   o-dividwe   in two sections for two families .   That was in L Section .   This is 10 years ago .   Even today nobody is caring for them.  L Section where you find that in one four room house there are 30 to 35 people, and when they go for a bath in the morning  bama emnyango, Mnumzane  Chairman , bageza bemile. 

Inkinga yokungabi nendlu, Mnumzane  Chairman , ngiyayazi.   No one can convince me , ukuthi wazi inkinga yezindlu,  more than me , Mnumzane  Chairman .

 I have stayed there up to today .  Ngisahlala khona nokuhlupheka nabantu.  Ngoba  my leader ,  DR  M G Buthelezi,  when he gave us this duty in this Parliament it was to go and work for the people , hambani niyosebenzela abantu.

 So , akazange asitshele thina ukuthi hambani niyofunda incwadi, niphenye  amabhuku .  Wathi  go and work for the people.  And we are doing just that .  Njengoba asitshela umholi wathi hambani niyosebenzela abantu. 

 So /ngakho-ke, Mnumzane  Chairman , labantu  bakwa-L Section ,  even today, they cut a lot in numbers, but  basishiya, Mnumzane  Chairman .  Ngani.  Ngoba Mnumzane  Chairman the brave people today  baze bakha imijondolo.  Bakha imijondolo kodwa ingafuneki.  

Mnumzane Shabalala waze wakha iLindelani, ezakhela yena ngezandla zakhe.   People wanted a shelter .  Abantu babefuna, imijondolo, indawo yokuhlala, Mnumzane  Chairman .

 Now , ngisho ukuthi  DR  Buthelezi,  the leader of the IFP  wasifundisa.  Konke asifundisa kona, wathi  serving the people is the answer .  Wathi fundani nizenzele.  So , ngiyathokoza nxa ngibona la  uMinister  ethi,  helping people to help themselves.  Help themselves to serve themselves .

 The problem /inkinga Mnumzane  Chairman  esingathi uma sikhuluma ngayo,  we can write books about this .  Sidumale, Mnumzane  Chairman , uma sikhuluma   such sensitive matters , ngendaba yezindlu zokuhlala Mnumzane  Chairman . 

Sithole abanye abafowethu lapha eNdlini behleka, bebhuqa bekhuluma yonke into abangahle bayikhulume,  when DR Mandela himself took the hard road to freedom .

Uthi iyasinda indlela eya enkululekweni.  Usho njalo.  Kodwa kukhona abangakuzwa lokho nanamhlanje, okusabangwa, kubangwa izikhundla. 

 U-Premier  wethu, Mnumzane  Chairman , uthi asihlanganeni senze  i-Province  kube yikhaya elihle Mnumzane  Chairman .

MNUMZANE G E BHENGU:  the Constitution of the State of  KwaZulu.  Lapho ethi asihlanganeni khona, sitshengise ukuthi sizokwakha, sibumbane sibe yinto eyodwa, okungakenzeki kuze kube yinamuhla, Mnumzane  Chairman . 

Siyahamba-ke, Mnumzane  Chairman , manje siyedlula ukuthi  for how long, for how long  labantu behlupheka.  Ngiyethemba nxa sibona uMnumzane  Singh  esukuma, siyambona uMnumzane Singh esukuma, enza okufanele ukuthi alwele abantu abampofu. 

 We now have an opposition , Mnumzane  Chairman ,  it is an organisation, the ANC, it is quite a big organisation  ngoba ithi ngeke sikumele ukuhlupheka,  for some reason , Mnumzane  Chairman , uma bekhuluma,  you do hear , bayakhuluma labantu,  something  ebancinzayo labantu.   I appeal to the ANC  ukuthi abangami phambi kwenkululeko.
MNUMZANE G E BHENGU:   Let us unite /masihlanganeni, Mnumzane  Chairman , senze into eyodwa. 
 The Premier has already said , noma kumnyama noma kunjani, ngiyayifuna inkululeko.   I want the Province of KwaZulu-Natal to be free  Mnumzane  Chairman .   I do not have to talk for a long time because I know what we want and what the people want.  I stay with them .  Ngilala nabo, ngivuke nabo ekuseni.   At 4 a.m ., Mnumzane  Chairman , basuke sebegcwele emnyango.   My wife can testify to that .

Bethi Bhengu, kanti nenzani  e-Phalamende .  Nenzani  e-Phalamende .   What are you doing in the Parliament ?   Where are the houses ?  Ziphi izindlu?   The houses that we were promised by the ANC  anisekho manje.   It is hard for the ANC to go to the people and say  siyaxolisa, siyaxolisa impela.  Iyahluleka.  Akwenzeki lokho.   We are here  ukuthi sihlangane nabafowethu nodadewethu senze into eyodwa. 

MNUMZANE G E BHENGU:  I know of a leader that I respect even  noma esahamba emhlabeni Inkosi A J Luthuli.  Owasilwelwa wathi asifune  upondo  ngelanga, sigqilazekile.  Wathi asithole  upondo  ngelanga.   Even today I take off my hat when we talk of them.  Who was a great friend and who was a great leader of our nation .
 
Owayekhona  ka-ANC .  Ukuze sisuke,  it was because  bathi akuliwe.

MNUMZANE G E BHENGU:  Wathi uMholi wethu ngeke.  Wathi ngeke ngose abantu, ngibanike  amabhunu  abaqobe ngezibhamu, ngoba  ba-powerful  kakhulu kunathi.   So all  Mnumzane  Chairman , engikushoyo namhlanje, ukuthi ngithi kinina, abantu abanazi izindlu, Mnumzane  Chairman  Abantu inkululeko yabo ayibhekelekile.  Ziningi izinto ezingalungile okufanele ukuba leNdlu ihlangane, Mnumzane  Chairman , yakhe into eyodwa ezothokozisa abantu abahluphekile,  poor people.  Thank you  Mnumzane  Chairman /mngcinisihlalo. 

UNdunankulu ubanjwe umsebenzi ophuthumayo  ehhovisi  lakhe.  Ubethemba ukuwuphetha abuye afinyelele lapha  ePhalamende . Uyaxolisa ngenxa yokuxineka akasakwazanga ukufisela Indlu ukuguqa okuhle, ukuphepha uma sekuyiwa emakhaya,  nePhasika  elihle.   Ngisehhovisi   lika-Premier  elidala  ePhalamende .
[ ikhasi 176 umugqai 2-6]


 Cov 699:

UMHLANGANO WOKUQALA KUYA KOWESITHATHU	OJWAYELEKILE  

									KUNHLOLANJA KUYA KUMBASA 1999
ISESHINI YESITHUPHA



UMQULU 6


 Vol 699:

 At last , uMhlonishwa akakakuboni yini uMhlonishwa ukuthi ngempela kufanele sihlanganyele njengoba ubugebengu bungaka, sihlanganyele ukuthi amandla  amaphoyisa  awabuyiswe esifundeni ukuze nomnotho usizakale  namaphoyisa  aphathe  kwi-Province .
[ ikhasi 2 umugqai 33- ikhasi 3 umugqai 1]

INKOSI K W MATHABA:  Bengiphakama, Baba Somlomo, ukuba ngenze umbuzo lapha  kuyi-Minister   yakwa-education  mayelana nalemibuzo.  Kubukeka sengathithi  kuyi-Department  yakhe umsebenzi uhlakazeke kakhulu.  Mhlampe uma  engashifta  umsebenzi  wase-Truro House  awubuyisele lapha oLundi, kungemsize yini?
[  ikhasi 36 umugqai 21-25]

ISIKHULUMI:  Besicabanga ukuthi mhlampe ilungu elihloniphekileyo, iNkosi uMathaba belibuza mayelana nalemibuzo ebhalwe lapha phansi.   Anyway , ngicabanga ukuthi asedlule Nkosi yami.  Umbuzo wokuqala ku-1999,  hon Minister of Social Welfare :
[  ikhasi 36 umugqai 29-33]

Cha nami ngiyabonga Baba ukuthi ubuze lokho ngoba phela ngiyajabula ukuthi ungasho ukuthi uzwile ungezwanga.

Ngisho khona lokhu ukuthi  imishini  lena okusetshenzwa ngayo  ama-computer   nama-programmes  lawa okusetshenzwa ngawo ayobe elokhu eqhubeka esebenza nangale emva kuka-1999 ngoba  imishini  njengamanje isiyenziwe yalungela khona lokho njengamanje.

Uma uya  esitolo  uyothenga  i-computer  kufanele ufike ubuze ukuthi ilungele yini  le-computer  ukuthi isebenze  ngo-year  2000.  Ungayithengi  i-computer  esagcina ku-1999 noma ithi 98 ngoba  ishibhile  kodwa uthenge esithi  Y2K complied .
[ikhasi 73 umugqai 21-34]

Angichaze lapha ngolimi lakithi. Bengizama lapha ilunga elihloniphekileyo ngithi lisukumela ukusebenzisa  u-rule  74(1) ukuchaza isimo, ukusichaza ayi ukubuza isimo esiqondene nawe.  Ngakho bengisebenzisa lelolungelo ngicabanga ukuthi uqonde lokho ngoba uthe ucela ukuchaza ngase ngikunikeza  in terms of Rule 74(1).  Thank you .
[ ikhasi 149 umugqai 36- ikhasi 150 umugqai 6]

MNUMZANE B H CELE:  Baba ngifuna ukusho ukuthi ngiyaphinda futhi ukuthi uMhlonishwa uNgqongqoshe uqambe amanga ukuthi umawami uqashwe lapha.  Ngithi anginaye uMa washona uMaMtshali uNokuwela ngesikhathi mina ngizelwe  ngino-nine months ,  I am told.  So I must explain  ukuthi ngimthathaphi uMa oqashwe lapha?
[ ikhasi 150 umugqai 26-30]

Ngicabanga ukuthi Somlomo Baba sikhuluma leligama lokuthi uNgqongqoshe uqamba amanga sithi akukho lokho emthethweni waleNdlu ngakhoke sicela ilunga elihloniphekile liwahoxise lawomagama.

Nayizolo abanye bahoxisiwe amagama afana nalawa.  Namuhla ilunga elihloniphekile uBheki Cele yena angeke awahoxise ngani?  Abakhuluma izinto ezifana nalezi.

UBaba uNtombela lapha uhoxisiwe amagama afana nalawa, akahoxisi ngani yena namuhla?
[ ikhasi 150 umugqai  32- ikhasi 151 umugqai 8]

ISIKHULUMI:  Ngakhoke ngiyacela ukuthi uma kukhona, ngiyacela kusetshenziswe ulimi oluhle kuleNdlu noluhloniphayo noluhloniphayo njengamalunga ahloniphekileyo.  Ngicela lokho ukuthi amalunga asebenzise ulimi oluhle, nolunikeza isithunzi kunoma umuphi umuntu.   Thank you .
[ ikhasi 151 umugqai  16-20]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):  Ngiyabonga kakhulu Mphathisihlalo.  UMama welunga elihloniphekileyo uMnumzane uCele washona uthe esuka wayekhuliswa uMama wakhe u-NKOSIKAZI Madlala lona engimshoyo.  EsiZulwini umuntu okukhulisile uMama wakhe lowo.  Namanje ngithi uMama wakhe uqashiwe angiqambi amanga uma ngisho njalo uqashiwe namanje uqashwe ngalendlela abakhuluma ngayo ngalentombazane yakithi.  UMama wakhe
[ ikhasi 152 umugqai 15-21]

INKOSI N J NGUBANE: ( Minister of Traditional and Environmental Affairs and Safety and Security ):   Before perhaps you continue  Mnumzane  Speaker .  Ngicabanga ukuthi kwenzeke  i-precedence  namhlanje ukuthi  seku-parliamentary  namhlanje ukuthi umuntu kuthiwe unamanga lana.  Nakusasa uma sisho njalo kungabi inkinga kuleNdlu uma ngabe ilunga uma likhuluma kuthiwe linamanga kungabi inkinga kusasa.  Ngiyathokoza kakhulu.
[ ikhasi 154 umugqai 115-20]

ISIKHULUMI:  Ngicabanga ukuthi lapho, ngoba inkinga enkulu lapha ekhona la uma ubuka lomthetho  u-rule  70 awuchazi ukuthi kugcina kuphi lokhu.  Ukuchaza  nge-unparliamentary language   ne unbecoming language .  Ngicabanga ukuthi kuzofanele umuntu ahlale phansi ayibukisise lento ngenhloso yokuthi ichaziseke lento.  Umuntu ohleli la  nje-Speaker  abe sesimeni esingcono sokuba akwazi ukuthatha isinqumo esiqondileyo.  Ngakho ngicabanga ukuthi loludaba umuntu uzoliphenyisisa.   Thank you .  Asedlule
[ ikhasi 154 umugqai  22-28]

INKOSI K W MATHABA: Cha bengithi lapha Somlomo Baba, uMhlonishwa ubengakucabangi yini ukuthi mhlawumbe  i-Portfolio  yakhe mhlawumbe  uku-intervener  odabeni olufana nalolu olubuzwe  imemba  kungasiza yini khathisimbe na?
[ ikhasi 159 umugqai 21- 24]

 Cov 799:

ISESHINI YOKUQALA


UMHLANGANO WOKUQALA  
WESIHLANU				OJWAYELEKILE	18 KANYE NO 30 KUNHLANGULANA 20, 23 KANYE NO 24 KUNCWABA 28 KUMANDULO KANYE NO 2 KULWEZI 1999



UMQULU 7

 Vol 799:

ISIKHULUMI: Nginenkolelo malungu ahloniphekileyo ukuthi ngemuva kwalomzabalazo omkhulu kangaka esibe nawo ngemuva kokhetho, amaphaphu ethu ephezulu.  Kodwa-ke kuyakhombisa manje ukuhlangana kwethu kunokubuyisana phakathi kwethu.

Nginethemba-ke lokuthi abasikhethileyo ukuba sibe la basinikeze umthwalo wokuba sibahole sibalungisele ingomuso nezimpilo zabo.  Engicabanga ukuthi lomthwalo wethu ungumthwalo okufanele ukuthi siwufeze ngobuqotho, nangokwethembeka, nangokuzimisela kwethu.

Ithemba lami elikhulu elokuthi lomthwalo ukuze siwufeze, kuyoba indlela esiziphatha ngayo njengamalungu ahloniphekileyo.  Siqhube umthwalo ngesithunzi esiyosinikeza abasikhethile ukuba babenethemba kithina.

Nginethembake lokuthi indlela esizoziphatha ngayo lapha izokhombisa wonke umuntu eNingizimu  neAfrika  ukuthi singabantu abaqonde ukuzosebenzela abantu, futhi sizinikele kulowomgomo.

Ukuhloniphana iwona  khiye  imvamise oke ukhombise ukuthi sizimisele ukwenza okufanele ukuthi siwenze.  Ngakhoke ngalawomazwi amafishane ngoba bengingakuhlelele lokhu, ngibonga kakhulu kulowo nalowo ongibeke kulomsebenzi.  Akube umsebenzi esiwuthwala sonke ngokubambisana.

Ukuthuthuka  kwalelihhovisi  kuyoba ngenxa yamalungu, kunokubambisana phakathi kwethu.  Ngiyabonga kakhulu.
[ ikhasi 6 umugqai 17- ikhasi 7 umugqai 16]

 THE SECRETARY /Mnginisihlalo:  Nazi izindawo okuzocoshwa khona ukudla amalungu aseNdlunkulu, Amakhosi, neZinduna bayacelwa uma siphuma lapha baye ezindlini lezi ezihlala amalungu omkhandlu oshaya umthetho.  Lezizindlu zingakwesokunxele uma uphuma wehla ngomgwaqo ubheke ezansi uyongena emgwaqeni omkhulu, kusho ukuthi lapho ngakwesokunxele ilapho amalungu aseNdlunkulu, naMakhosi, neZinduna bezoya kodla khona.

Bese kuthi  ama-drum majorettes ,  namaphoyisa  azoya ngemuva ngale ngaseNingizimu  e-basement  lapho bezothola khona okwabo ukudla.  Izingane  zesikole  nazo zizoshona ngaseNyakatho kukhona  amatende  akhiwe lapho ilapho bezothola khona ukudla kanye namabutho nawo azoshona lapho.  Ayobuye atshelwe okunye amaButho Izinduna ziyolalela.
[ikhasi 61 umugqai 10-21]

ISIKHULUMI:  Bahlonishwa, bozakwethu bengicabanga ukuthi kufanele ukuba sixolise ukuthi siqale ngalesikhathi ebekufanele siqale ngaso asiqalanga ngaso kungenxa yezinkinga esibhekene nazo.

Ngibone kufanelekile ukuba lezozinkinga sizixazulule ngaphandle kwaleNdlu, sizixoxe ngaphandle kwakeNdlu.  Kungalesosizathu esidale ukuba siqale ngalesisikhathi sibe nokubambezeleka.

Nakuba kunokuqonda ukuthi angicacelwe namanje isinqumo okufinyelelwe kusona kodwa ngenxa yesikhathi kuyasiphoqa ukuthi siqale umsebenzi walolusuku.  Ngaleyondlela ngiyaxolisa kuwowonke umuntu, kuwowownke amalungu ahloniphekileyo.  Ngiyethemba lesixoliso siyemukeleka.
[  ikhasi 63 umugqai 18-32]

MNUMZANE S N MTETWA:  Ndabezitha.  Iqhaza lokuvimba lokho noma lokuqhubeka lokho.  Namhlanje sibona emgwaqeni yangakithi into ebesingayiboni kwakhiwa izindawo ezintsha ngisho  emalokishini  zokugudlukela  amatekisi   namabhasi  izinto ebezingekho ngaphambili.

Sibona  o-pavement  izinto ebezingekho ebezilapha kuzindawo zabakhethiweyo.  Ngithi mina imiphumela yemizamo yalesisikhathi esikusona okufanele sisikhuthaze ukuba siqhubekele phambili.
Sengishilo Mphathisihlalo ngathi asikhohlwe...
[ ikhasi 147 umugqai 33- ikhasi 148 umugqai 14]

MNUMZANE S N MTETWA:  Nazoke.  [UHLEKO]  Ngiqeda ngelokuthi izingozi eziningi zidalwa ubuthongo yebo nokuphuza, engathi bekungenzeka umshayeli aphumule kathathu.
[ ikhasi 148 umugqai 18 -20]

MISS M XULU:  Ngiyabonga Mphathisihlalo, Mhlonishwa, Baba Mantshinga neNdlu yonke ehloniphekileyo.  Ngithi angithokoze ukuthola lelithuba.  

Okokuqala ngithi angikhalele imindeni yonke eyavelelwa umshophi wokufelwa izihlobo zawo ezingozini zomgwaqo.  Uma ubheka  izimoto  ezithwala imithwalo enzima  njengezimoto  ezithwala izingodo ziyasindwa emgwaqeni.  Ngibona ukuthi kungaba umsebenzi omuhle ukuba uMhlonishwa uNgqongqoshe abuke ngeso elibanzi.  Ukuba  izimoto  ezinkulu ziphelekezelwe  amaphoyisa  omgwaqo, kuvulwe izindawo futhi lapho  ziyopaka  khona uma zihamba ibanga elide bakwazi ukuthi baphumule lababantu abahamba ngelezimoto ezithwele imithwalo.

Ukuze  u-driver  nahamba naye noma nahamba nabo bakwazi ukubuyela eceleni bathole ukuphumula akathi ukuzizwa naye ukuthi useyongena emgwaqeni sekulungile.  Lokhu ngikusho ngenxa yezingozi esesizibonile ezinye zenziwa yikho ukuthi abantu bahamba amabanga amade imigwaqo yakithi siyayibona ukuthi injani ayinazo izindawo zokuphumula ukuthi abantu  bapake .

Ngibona ukuthi uMhlonishwa uNgqongqoshe angabambisana  nama-NGO's ,  nama CBO's ,  nosomabhizinisi  ukwakha lokuhlelo lokuthi imigwaqo yakithi nayo ikwazi ukuthi ibonelelwe ukuthi abantu bavikeleleke.

Akesithathe umgwaqo ozala uma udlula Eshowe uzalapha Ondini umgwaqo umigodigodi uyabona ukuthi noma ulungiswa kuchitshiyelwa lezozigodi, umgwaqo awulungiswa njengemigwaqo eya  emadolobheni  esiyibonayo ukuthi iyadilizwa impela lemigwaqo isuswe kuqalwe phansi.  La kuyapheshwa kupheshwa imigodi ziyafika  lezimoto  ezisindayo umgodi ushone phansi.

Bengicela uMhlonishwa, uNgqongqoshe ukuba loludaba impela libhekisiswe ikakhulukazi imigwaqo eyayivele yakhiwe ngesikhathi singacatshangelwanga thina bantu abansundu.  Uma uzala Ondini uyayibona imigwaqo yakhona ukuthi awekho ngisho  ama-sign  omgwaqo akhombisayo.  Kodwa uma uza  la e-Maritzburg  kumanje bayawuhlehlebula  Mhlonishwa, uyakhiwa umgwaqo nangesonto elizayo kuyobe kwakhiwa wona lomgwaqo, ngaleliyasonto kuyobe kwakhiwa wona lomgwaqo.

Manje sithi uma sifuna ukuthi sibheke ngoguquko bengicela mina ukuthi ukuze siphethe ngokwanele akesiphephise abantu bakithi abahlala la emakhaya ake kulungiswe imigwaqo.  Futhi ngizocela kuMhlonishwa wezemigwaqo akavule mhlawumbe  i-campaign  yokufundisa abantu bonke nabahamba ngezinyawo ukuthi izingozi  zezimoto  zingavikwa kanjani.  Bafundiswe ukunqamula imigwaqo mhlawumbe kuye phansi ezinganeni ezincane  ezikoleni  nakhona kufakwe lento yokuthi izingane azifundiswe ukweqa imigwaqo nokuwela.

Mhlonishwa, Mphathisihlalo, uma sifuna ukuphepha ngempela ngibona kuyinto ebalulekile ukuba kuthi nala emakhaya ethu akwenziwe imigwaqo  noma kuyizindlela ezizokwazi ukuthi zingenise  nezimoto .  Akethi umuntu uyagula la emakhaya sekuyothwalwa uhlaka .....
[  ikhasi 149 umugqai 27- ikhasi 151 umugqai  8]

Abanye abantwana bagcine bethathe  imijovo  bezitshutsha ngayo  now  awazi ukuthi hloboluni lokufa okuzogcina kutholakale lapho.  Koze kufinyelele lapho abantwana  bezijova  khona  ngemijovo  enengculazi.  Lokhu kubanga nezifo eziningi ezithelelanayo
[ ikhasi 160 umugqai 24-29]

MNUMZANE S MKHIZE:  Baba Somlomo, malungu ahloniphekileyo okuseqinisweni ngizobhekana nodaba lolu esiphezu kwalo ukuba lesifunda sibe ngesihlanzekileyo, nesibalulekileyo ukuthi sihlanzeke.

Kunezindawo eziningi empeleni lapha KwaZulu okuyisifunda esihle kodwa esesandelwe ilokhu kungcola okuningi okwenzeka mayelana  nalabo-plastic  esikhuluma ngabo la.  Ngizobalula nje ngendawo elapha ezansi nogu lapho okuthiwa khona  ise-South Coast .

Kunendawo laphana ebizwa ngokuthi  i-Kelso  uma ungake uye nje ngakuyona mayelana  no-plastic  nalapho okuchithwa khona  udoti  lokhu okubizwa  ngama-dump  kuyinto ehlasimulisa umzimba ngoba uye ubone kusuka  ama-plastic  agcwale umgwaqo nayoyonke into nezingane zigcwele khona zidlala ngawo  ama-plastic , kudliwa nakhona kuyizinto zonke, kuyindawo enyanyekayo nje empeleni, nesalihlazo.

Kangangoba nje uke ubone izilwane lezi izinkomo zidla  ama-plastic  lawo, ngibona ukuthi ezinye zezinto lezi okufanele sizibhekelele  njengoHulumeni  ukuthi kungamiswa kanjani, ukuze lesifunda sibe isifunda esihloniphekileyo.

Okunye sekuphawulwe abafowethu abangaphambili laba kade bekhuluma manje mayelana nezivakashi zethu ezivakasha kulesifunda.  Ngakho uma ngase kubekhona esingase sikwenze singabona kuyindawo enhle nehlanzekileyo.  Ngithi empeleni bekungakuhle  uHulumeni  mhlawumbe enze amasu okufundisa abantu mayelana nenhlanzeko.  Ukuthi singenzenjani ukuthi siqoqe  lama-plastic  agcwele wonke umhlaba.

Okunye ekade ngikubuka nakhona lapha  e-Maritzburg  kulezinsuku ezidlulileyo abafana laba abancane badla  kodoti , bedla  ko-plastic  baze bamboze nasebusweni okubonakalayo ukuthi kuyingozi uma ngase ungasuki  lo-plastic  ngeke isaphefumula lengane igcine isifile.

Ngakho ngisho ukuthi besingakuthokozela kakhulu kabi ukuthi sikusukumele lokho sikwenze.  Angiboni ukuthi empeleni uma ngabe sikhuluma ngenhlanzeko sikhuluma ngokuthi kungaba yinto yendawo eyodwa, kungaba yindawo yonke yalapha KwaZulu.  Ngoba cishe into ewuluvanzi into egcwele yonke indawo.

Kungaba indawo ikakhulu lezi .....

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekileyo lisele nomzuzu.  

MNUMZANE S MKHIZE:  Okuyizona zasemakhaya okuseqinisweni lokhu kudlange kakhulu.  Nalapha kulezindawo abazibiza ngokuthi imijondolo yabantu bakithi okuseqinisweni okuzindawo lapho abantu abahlala kuzona ezinye zezinto ezikhungethe izindawo zokuthi zilungiswe.

Ngakhoke ngithi mina bengingakuthokozela kakhulu kabi ukuthi  uHulumeni   kubekhona isinyathelo asithathayo ngalokhu sikusukumele masinyane ngoba kuyinto ebhebhethekayo mihla namalanga.  Kungaba isu elingcono ukuthi kubekhona ukufundiseka, nokuqoqeka nazozonke lezizinto ezikhona njengawo  ama-plastic  lawa ayingozi empeleni.

Ngithike malungu  ePhalamende  ngithokoze ukuthi ngithole lelithuba lokuthi ngiphakamise ilaka lami mayelana naloludaba.  Ngiyabonga.
[  ikhasi 161 umugqai 20- ikhasi 163 umugqai 9]

MNUMZANE M MTHIMKHULU:  Baba Somlomo.  Lomkhandlu ohloniphekileyo kufanele uqondisise ukuthi inkinga yengculazi kulelizwe iya ngokuzika usuku nosuku.  Kuhle impela ukuba kube nempikiswano ngalolubhubhane lalesifo.  Mhlasimbe emva kwalenkulumo mpikiswano baningi nabanye abazokhanyiseleka ukuthi sibhekene nengwadla engakanani ngalesifo sengculazi.  Ikakhulukazi lapha kulesifundazwe sakithi  KwaZulu-Natali .

Mhlonishwa, Somlomo, ngithanda ukuxwayisa ngokuthi sesifikile manje isikhathi sokuba sibhukule sonke sikhankasele ukuqwashisa umphakathi wakithi ngalesifo.  Akuzukusiza lutho ukuba sizobamandla ukukhuluma ngaso lapha  ePhalamende  nje kuphela sibe singazibandakanyi emikhankasweni yokuqwashisa ngalesifo, njengoba amanye amaqembu  njenge-DP  nje izinyeza.

Thina sithi njengoba kwazeka ukuthi kuze kube manje ochwepheshe, nabacwaningi abakalitholi ikhambi lengculazi ngakhoke sinye kuphela isikhali esinaso sokulwa nokubhebhetheka kwegciwane lengculazi ukuba sifunde ukuzivikela kulona.

Ucwaningo lukhona ukuthi  amaphesenti  angamashumi nesishiyagalolunye okungenwa igciwane lengculazi litholakala ngokulalana kwababili kumbe ocansini.  Kusifanele Baba Somlomo, ukuba manje sishintshe imikhuba yethu ebesiyikhonzile njenganodaba lobusoka.  Ukuba yisoka manje into okufanele sazi ukuthi into esidlulelwe isikhathi.

Ukuya nabantu abaningi ocansini kukhulisa kakhulu amathuba okusheshe uhaqwe ileligciwane.  Uma ke ungeke ube nomngani wocansi oyedwa ngiyathanda ukusho Baba Somlomo ukuthi kuhle lapho ogudla khona amawa ufinyelele khona ufake ijazi lomkhwenyana,  ikhondomu .

Kodwa sithi intsha kufuneka izibandakanye kakhulu ekuthenini ime iyizibe indaba yezocansi kuze kufike isikhathi lapho yakha khona imindeni nayo.   Uma ihluleka ukuzithiba mayisebenzise yona  ikhondomu .

Mazisiqinise kakhulu izinhlelo zokuqwashisa umphakathi wethu ngengculazi.  Thina njengamalungu  aleliPhalamende  make sikwenze umthwalo wethu ukuthi lapho sethula khona izinkulumo emphakathini singaziqedi izinkulumo zethu singashongo lutho ngodaba lenkinga yengculazi.

Izwe lase  Uganda  liphumelele ukwehlisa izinga labantu abahaqwa kabusha ileligciwane ngokuba abaholi bakhona bonke bekhuluma ngalesifo.  Ngiphonsa inselelo nakwamanye amaqembu ukuba asukume kunqandwe lolubhubhane.

Inkinga yengculazi akukhona nje kuphela Somlomo, ukuthi inkinga ukubhubha kwabantu bakithi kuphela, kodwa enye ingxaki enkulu udaba lezintandane ezisala dengwane oBaba noMama sebeshabalele.  Ziwumthwalo kabani lezintandane?  Akekho omunye ngaphandle kwethu  njengoHulumeni .

Nyakenye kwakulinganiswa ukuthi izintandane esezidaleke ngenxa yengculazi sezevile ezinkulungwaneni ezingamakhulu amabili.   (200 thousand)   Kodwa njengamanje kucatshangelwa ekuthini uzothi uphela lonyaka isibalo sezintandane sibe cishe sesifinyelele ezinkulungwaneni ezingamakhulu ayisithupha.

Siyazibonela sonke Somlomo, ukuthi sinomthwalo ongakanani ngenkinga yengculazi.
[ ikhasi 177 umugqai 18- ikhasi 179 umugqai 9]

MNUMZANE T MTHIMKHULU:  Baba Somlomo, sengiphetha ngithi sonke sinengcindezi yokuthi sikhanyisele ngalesifo ukuze sikwazi ukuqwashisa abantu bakithi.  Masikhulume ngengculazi emakhaya ethu, emaqenjini ethu ezombusazwe, emasontweni ethu, ezinkonzweni zemingcwabo, emadilini nakuyoyonke imibuthano.

Ukukhanyiseleka ngalesifo kuyonciphisa nalezinkoleloze ezifana nokuthi uma umuntu esenaleligciwane angalinqoba ngokuba abambe inganyana eneminyaka emithathu ubudala noma eyisithupha ayilale selizophela lelogciwane.  Lezimfundisoze zenzeka Mphathisihlalo ngesimanga sokuthi abaningi abazi ngaleligciwane.  Masiyiqinisekise imikhankaso yokuqwashisa, silungise nabaningi baqinise ukuthungatha ikhambi. 
[ ikhasi 179 umugqai 13-24]

uma kukhulunywa ngokusondelana nokusebenziselana eduze  kukaHulumeni  namasonto, nomphakathi nawo useduze.  Mhlawumbe kuyoba kuhle ukuba kufunwe unye inyathuko yokusondelana eduze nalaba bomabona kude  ama-TV  ukuze mhlawumbe kungaba usizo ukunciphisa lezozithombe ezibonakala njalo umzuzu nomzuzu, isikhathi nesikhathi eziveza isimo sokulalana ngokocansi, nokuqabulana okuningi, kube isikhathi esincane lapho kuvela izindaba ngokudlula lapho sekuyovela lezozithombe ezikhombisana ngokuqabulana ngokuthandana esikhathini esibucayi lapho sifundisa khona intsha yethu uma sishumayela ivangeli lokwehlisa ijubane eliphezulu lezocansi.

Noma kuqondakala mhlawumbe ngenye indlela ukuthi kuyodlulwa ezingqinambeni eziningi nezinzima phambi kokuba kufinyelelwe ngempela enyathukweni okuyiyo yokuba sikhulume sihlangane nabamasonto ngoba abamasonto bona bakhuluma noma bagqamisa kakhulu ukuthi ukuya ocansini ngaphandle komshado kuyisono, futhi akufanele uma kwenziwe.  Kusho ukuthi kukodwa nje ngokwamasonto sekuvese sekuyikhambi lokuyivimba ingculazi.

Nesiko lakudala, noma zonke izizwe zazikulandela kodwa kubonakala sengathi isizwe esimpisholo sasililandela kakhulu lona ukuthi kwakuthi uma kuhlangana owesilisa nowesifazane ngokocansi kungabi abantu abalala bengashadile babenendlela yokuzihlonipha, babenendlela yokuya ocansini ukusoma.  Ukuhlangana komuntu njengoba sazi kahle ukuthi umuntu wesilisa ....

 THE ACTING SPEAKER : Ilungu elihloniphekile linomzuzu owodwa wokuqoqa.

MFUNDISI N W NGCOBO:  Mphathisihlalo, sengigcina angisho ukuthi ngempela ngempela njengoba kungabesilisa abanelungelo lokucela ucansi, abanelungelo lokucela noma ingasiphi isikhathi abafisa ukulicela ngaso.  Kufuneka kube icala njengamanye amacala ukucela ucansi kowesifazane uvele wazi kahle ukuthi usunalesifo.  Futhi kufuneka waziwe njengombulali, njengabanye ababulali.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ ikhasi 180 umugqai 12-ikhasi 181 umugqai 7]

ngicela wonke amalungu akhona kuleNdlu ukuthi akwenze kube umkhuba wabo ukuthi uma ehamba eza kuleNdlu noma eyaphi emiphakathini yangakubo bawaphathe  lamakhondomu  ahlale ezikhwameni zawo ngoba ilowo nalowo laphakathi kwethu uyayidinga njengoba kuzokuhlwa nje.   Thank you .
[ ikhasi  189 umugqai 34- ikhasi 190 umugqai 2]

MNUMZANE S MKHIZE:  Baba Somlomo, ngiyathokoza ukuthola lelithuba.  Ngibonge uMama uNgcobo othe waphakamisa loludaba ukuthi sike silidingide lapha olungumbulalazwe oluchitheke ezweni.

Uma sibuka lelizwe, sibuka izibalo zalesisimo esenzakalayo sabadlwenguli, abadlwengula amakhosikazi ethu, nezingane zethu, okuchitheke ezweni.  Sibona kunezibalo eziphakeme kakhulu uma siqhathanisa umhlaba wonke jikelele.

Izibalo  zase-South Africa  izona ezikhuphuke kakhulu kuloluvuvatha oluchithekileyo lwabadlwenguli.  Ngakhoke sithi makube khona izinhlelo  kuloHulumeni  zokuthi kubhekwane nalesisimo, naloluvuvatha oluchithekile.  Okunye esikuphakamisayo lana ukuthi bekungakuhle ukuthi umthetho uqine ngoba isimo sidala ukuthi abantu bazenzele noma ikanjani ngoba umthetho awuqinile mayelana nalesisimo.

Umqondo ongenzi lutho, ohleli ongenzi nolunci iwona omunye odala lesisimo sibemuncu kanje.  Ngoba uma ubuka lokhu okwenzakalayo ubona oMama besizwe nezingane zethu zingaphephile, abantu besifazane befana nabantu abayizinto zokudlala kulesikhathi esiphila kusona.

Ngakhoke besithi kungakuhle ukuthi kube udaba olusukunyelwayo lukhulunywe, lukhulunywe ezindaweni abantu abahlala kuzona emphakathi ngoba lababantu abenza lezizinto akubona abantu abehla phezulu njengemvula kodwa babantu esiphila nabo emphakathini, bangamalungu emindeni yethu.  Ngakhoke loku luwudaba oluthanda ukuthi lube muncu.

Bekungakuhle ukuthi ezingeni  likaHulumeni  phezulu, nasezingeni leZifunda kube khona izigwebo eziqinileyo mayelana nalesisimo, ngoba sithanda ukudlondlobala, sithanda ukuba sibi kakhulu ezweni.

Siphakathi emindenini yethu, siphakathi komphakathi wonke abantu besifazane bahlukumezeka kakhulu nabantwana bethu.  Esinye sesikhulumi siphakamise ukuthi kungaba ihlazo kabi nje kufike nasengqondweni yaso ukuthi ngempela sizibone ngesinye isikhathi  sisendodakazini yaso okuyihlazo lokho.

Ngakhoke sithi thina njengeqembu  le-National Party  kungakuhle ukuthi izigwebo eziqinileyo njengesigwebo lesi sokuthi abantu bagwetshwe, bagwetshwe intambo, singaba isigwebo esihle sokubuyisela isimo kwesijwayelekileyo.

Ngakho izinto lezi esizibonayo ukuthi abantu bangesabi bazi ukuthi banamalungelo kukho konke abakwenzayo.  Sibona kuyisimo esibucayi leso ngoba bakuthatha njengelungelo labo ukuthi benze noma ikanjani emiphakathini abayakheleyo. 

Ngakhoke kuyihlazo ukubona isizwe esinjenga nalesi sibhuqabhuqeka esimeni esifana nalesi, kubi lokhu okwenzakalayo phakathi kwezwe.  Bekungakuhle ukuthi emiphakathini esinayo kungaba sezinkonzweni, kungaba ikuphi, kungaba imiphakathini yaMakhosi, kungaba imiphakathi  yasemadolobheni , lapho kuhlangene khona abantu kube udaba oluphakanyiswayo lukhulunywe luxoxwe nje ngokujwayelekile ngale kokubheka ubuqembu, ngale kokubheka ini.

Kodwa kube udaba ngoba into ekhungethe noma ubani le isimo esikhungethe isintu, ngale kwezombusazwe.

MNUMZANE S MKHIZE:  Ngakho sikubheka ngeso elibanzi lokhu ukuthi izigilamkhuba zisukunyelwe kakhulu.  Kube izinhlelo  uHulumeni  azenzayo mayelana nalokhu ukuthi kubekhona okwenzakalayo.  Ngoba imbangela yakho konke ukuthi akadalelwe ukuthi umqondo awugcine angawenzi lutho.  Yingakho kwenzeka izinto ezifana nalezi.

Nalokukuchitheka kwezidakamizwa ezingaka ezweni yikhona nakhona okudala lesisimo ukuthi sibe nje kube kubi ezweni.  Ngakhoke sikusukumela ngezinyawo zombili ukuthi makube khona okwenzakalayo emiphakathini. 
[ ikhasi 227 umugqai 32- ikhasi 229 umugqai 35]

Sengigcina Mnumzane  Speaker , ngifuna ukugcina ngokuba ngithi ngiyafisa ukuba sisho lokho ngempela okusemithanjeni yezinhliziyo zethu engicabanga ukuthi sonke sikukona kuleNdlu yakho ehloniphekile.  Ukuthi ngempela, ngempela sesifikile isikhathi sokusho kuphela, bese siyenza.  Nabantu abasikhethileyo ukuba sibe kuleNdlu kungathi sebekhathele ngempela ukulalela ukusho okungenakho ukwenza.  Njengoba sikhuluma ngezikhukhula lezi ezihambe nezimpilo zabantu, nophahla phezu kwamakhanda abo.  Ngempela, ngempela njengoba sikhuluma nje balindele ukuba kukhona okuzoqhamuka kubasize kusuke uphahla phezu kwamakhanda abo.  Ngiyabonga.
[ ikhasi  260 umugqai 3-11]

Kubuhlungu kabi Baba Somlomo ohloniphekileyo, ukuba kuthi uma  kunama-disasters  ufice abantu bakithi abazi lutho nolunci, bengakwazi nokubhukuda, abazi lutho  nange-scooper diving .  Ngike ngibone lapha sekukhishwa  ama-black boxes  olwandle zonke lezozinto kuyadingeka ukuthi abantu bakithi bazifundiswe.  
[ ikhasi 264 umugqai 37- ikhasi 265 umugqai 1]

 Cov 899:
ISESHINI YOKUQALA

UMHLANGANO WESIHLANU
NOWESITHUPHA			OJKWAYELEKILE	3, 23 NO 24 LWEZI 1999

UMQULU 8


 Vol 899:

Kuyiqiniso ukuthi ukubambisana phakathi  kwe-IFP   ne-ANC  kuyinto enhle nethakaselwayo izindimbane zabantu bayoyonke iNingizimu  Afrika  ikakhulukazi  KwaZulu-Natali .  Kuyathokozisa ukubona izinga lokusondelana kwalamaqembu womabili ikakhulukazi ezingeni likaZwelonke kuya ngokuya kucaca ukuzinikela kukaMongameli  we-ANC  uMnumzane Thabo Mbeki, noMongameli  we-IFP  Inkosi yaKwaButhelezi,  uDokotela  Mangosuthu Buthelezi.
	
	Ngisacela ukwehla ngize esifundazweni saKwaZulu-Natali esiholwa uBaba uMantshinga, uMnumzane Lionel Mtshali onguNdunankulu kubanjiswene.  Kuyiqiniso ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye lapha nalapha.  Okuncomekayo ukuthi benza konke okusemandleni ukusinesa isimo abaholi besifundazwe balamaqembu uBaba uMantshinga, noMnumzane Ndebele, uManzankosi umholi  we-ANC   KwaZulu-Natali .  Kuhle lokhu ngoba neSizulu siyasho sithi "Nenja yawaqeda amanzi ngolimi".

	Siyabacela ukuba bazame ngempela ukusebenzisana ukuze singaphindi sibuyele emuva odlameni lobuqembu nanxa lungakapheli kodwa akusefani.  Uma sehlela siza  kuHulumeni  wasekhaya akukho ukubambisana kubaholi balezinhlangano kanti okungihluphayo ukuthi ilapho kukhona khona abantu okuyibona abavama ukulwa.

[ ikhasi 44 umugqai 1-27]

Asikho nesincane isizathu sokuba ngingabekeka esimeni sokuba "uNdlovu kayiphendulwa".  Ngoba ngenzeni?  Ngangikuphi emlandweni walelilizwe?  La abamzalayo nina enikhuluma kanje ngami babesibambe ngobhongwane.  [UHLEKO]

Ngiyoqhubeka nomsebenzi wesizwe engiwuthwesiwe phezu kokuba amazwi azinsunsu eqhamuka ngapha nangapha.  Kade ngafika emhlabeni angiyona imvukana kwezombusazwe.  Ngiyingqwathule kwezombusazwe.  [UHLEKO]

Umsebenzi wesizwe uyangithuma kulesisikhathi, umyango uyangithuma kulesisikhathi, ukuba ngiqhube umsebenzi sibambisene nozakwethu  bakaKhongolose .  Emva kokuchitheka kwegazi elingaka labantu bakithi.

Emva kokuchitheka kwegazi elingaka labantu bakithi.  Ukuba sihlale phansi sakhe, sakhe inqanawe eyokwazi ekugcineni kwazo zonke izidingo zabantu abampofu, izidingo zabantu ababashiywe ngaphandle, imithetho yabamhlophe kulelizwe, zikwazi ukuba zihlangabezeke.

Kuzokwenzeka ukuba izinjongo nezifiso zabantu abahluphekayo okuyibona abasilethe layiNdlini ngobuningi babo, abasoyophinda futhi basilethe layiNdlini ngobuningi babo.  Siphoqelekile ukuba senze lokho esikuthunywa umlando, sizokwenza phezu kokuba zibakhona izinkinga ekusebenzeni kwethu, "Awukho umendo ongenazo izingqinamba zawo".  Izifiso ezimbi, ukungabaza ukuthi lomsebenzi eniwuthweswe isizwe uzokwenzeka yini, sizoyifukula lenqola sizinikele sizokwenza lokho.  Sizonidumaza.
[ ikhasi 48 umugqai 5- ikhasi 49 umugqai 1]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyabonga Mhlonishwa.  Somlomo, okokuqala ngikhuluma kabi ngoba ngikhuluma ngesikhathi izinsizwa nezintombi kade zinyakazisana la zingahloniphi nokuthi kuzokhuluma Induna namhlanje.  [UHLEKO]

Sihlalo, engikubonile izolo, nengikubonile namhlanje, kungishayisa uvalo, kuze kuvule amasango okuthi ngokuthi abangafuni ukubona  u-IFP   no-ANC  besebenza ngokubambisana bathole elikhulu ithuba lokungena.

Mhlonishwa, ohloniphekile kulomyango wezokuthutha  eze-transport  ngithanda ukusho ukuthi lomyango ungumyango obaluleke kakhulu.  Engiqonde ukuthi lapho okuhanjwa khona kuhanjwa ngezinqola.  Ngithanda ukusho ukuthi Mhlonishwa, Manzankosi lomnyango usuke ube nenkinga kuphela nxashana kukhulunywa ngezimoto ezahlukahlukene.

Kukhona izinqola ezithwala impahla, kukhona izinqola ezithwala abantu, lezozinqola ezithwala abantu eseziveze ukuthi zinengozi ezinkulu ngokuthi ayi benza ubugebengu bebanga  imali , befuna inkece.  Iloyo ongalayishanga ufisa ukuthi athululise omunye kulayishe yena, inkinga leyo Manzankosi engibona ukuthi lomnyango ubhekene nayo.

Kunezinqola ezithutha impahla.

 AN HON MEMBER :  UKUPHAZAMISEKA

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyazibona lezo. [UHLEKO]  Kunezinqola ezimbili Mhlonishwa, Somlomo Baba, kukhona indaba enkulu la kunezinqola ezimbili, kukhona inqola enkulu eshayelwa  u-President  weZwe uMnumzane uThabo Mbeki kugibele bonke  abakaKhongolose   kuleyomoto .

Kunenqola enkulu eshayelwa uMntwana waKwaphindangene onguMongameli weqembu  le-IFP  kugibela amalungu  e-IFP  lapho.  Ngihlushwa ukuthi Mhlonishwa - Bheki ngicela ningangiphazamisi.  Thula wena.  [UHLEKO]

Ngizama ukuthi Mhlonishwa, khona izozwakala lento yami kulezinqola kugibele iqembu ngapha, kugibele iqembu ngapha, ziyohlangana phambili laziyohlangana khona.  Kodwa okungihluphayo kulaba abagibele lezinqola kukhona abangafuni ukugibela lezinqola abathi begibele lezinqola umcabango wabo bebe befuna ukuhamba phansi bemba amagonsi, bedla  ama-orintshi , angekho emthethweni bakhona khona layiNdlini.

Ngithi kuwena Baba Somlomo, kudinga ukuthi labobantu abenza leyonto bayawulimaza umnyango wakho, ngoba  lezimoto  engikhuluma ngazo ezishayelwa [UKUPHAZAMISEKA]  lezimoto  zihamba emgwaqeni wakho Baba.  Zigcwele abantu abaya enkululekweni kodwa kukhona abangafuni ukuba zigitshelwe lezinqola omunye wabo uvele ngokusobala - ngizomusho futhi ukuthi ubani?

Uyabona uMhlonishwa  u-Burrows  bengimhlonipha, bengimhlonipha iminyaka eminingi kakhulu, bengimbiza ngokuthi uMfundisi, intshebe.  [UHLEKO] 
[ ikhasi 56 umugqai 23- ikhasi 58 umugqai 15]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyaqhubeka Baba, bengimhlonipha  u-Burrows  bengimbiza ngokuthi uMfundisi, intshebe kodwa indlela angahloniphi ngayo [UKUPHAZAMISEKA]  Premier  ikhanda lalomuzi abuze ukuthi uyakhuluma yini  no-Minister  uNdebele uyahlangani yini, bayashayelana yini izingcingo akulona iqiniso lelo okufanele ukuba lenzeke.  Yizindaba zabantu abadala lezo.  Ngithi mina akakuyeke lokhu umfowethu  u-Burrows   [UHLEKO]
[ ikhasi 58 umugqai 19-25]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngowuthatha uma sengiqedile.  Mhlonishwa ophathiswe lomnyango wezokuthutha ngithanda wazi ukuthi kungakuhle ukuthi ubonisane namadoda njengoba wakha  i-Transport   Forum .  Ngoba kukhona izinto ekugcineni eziyohamba zihambe kube khona ukuthi umnyango wakho ubukeka phansi  ngale-Transport   Forum .

Ngoba kukhona abenza into engekho emthethweni bahambe baye emhlanganweni  wama-Transport   Forum  babuye bangabe besadlula eMakhosini, nasemkhandlwini waMakhosi.
[ ikhasi 58 umugqai 31- ikhasi 59 umugqai 5]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Esisele, ngiyathokoza.  Ngiyazi ukuthi Manzankosi ukuthi njengoba uphethe lomnyango uwuphathele abantu abaningi kukhona Amazulu, kukhona Abelungu, kukhona  Amandiya , kukhona  Amakhaladi .  Ayabona uma sekukhulunywa indaba yokuthi bafa bayakhulunjulwa emgwaqeni - angikuhlaseli - uma kuthiwa bayakhunjulwa emgwaqeni kufanele uthole amadoda amadala anjengathi kuhlalwe phansi ukuthi uma kukhulunywa ngabantu asebafa kwenziwa luphi usiko singaxovi Mhlonishwa sithathe olamthuthu sithi sikhuluma nabantu siyababuyisa .... kuqale ngokuthi siyabakhumbula, bafa kakhulu abantu.

Ngithi mina Manzankosi ukubonisana sihlale phansi nabantu abadala kuyosiza lokhoi.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 59 umugqai 25- ikhasi 60 umugqai 10]

MISS M XULU:   Ngiyabonga Mhlonishwa, Macingwane.  Mhlonishwa Somlomo, neNdlu yakho, okokuqala ngithi angibonge udadewethu lona okade ekhuluma manje, ngiyinanele inkulumo yakhe kodwa besengicela ukuthi engathi  kulama-forums  okukhulunywa ngawo angasabalala ngendlela eyanele emphakathi wonke lokho ngikusho ngoba ngikhona nami eMlazi angawazi  ama-transport   forum  ukuthi akhiwa kanjani, asebenza kanjani.

Bengithi nami angikwethule lokho ukuthi yinhle lento engiyizwayo kodwa futhi ngeke ngiye emhlanganweni engingawuzwanga nengingawazi ngicela ukukuphendula. 

Mhlonishwa, angingene enkulumeni kaMhlonishwa yayizolo asethulele wona umbiko omnandi ebika ngobugebengu obenziwe isikhathi eside ezindaweni  zikaHulumeni  eziqondene  namagaraji ,  nezimoto ,  nophethiloli . 

Sizwile izolo ukuthi kwaphela izigidi ngezigidi  zezimali  kwaze kwafakwana  ezinkantolo  uMhlonishwa waze wagcina  inkantolo  imcomile ukuthi cha ubebona bona ubugebengu obukhona.  Nokhoke kunjalo umuntu ulinde okuningi Mhlonishwa kukhona incazelo engithi la uMhlonishwa uzosiphathela yona  ngenkampani  lena  yamabhasi  entsha lena okuthiwa uThokomala.

Ngoba umuntu uyezwa kodwa akayazi ikakhulukazi ngoba nami sengingene  kulelikomiti   le-transport  kuba kuhle ukuthi umuntu ahambe ngesikhathi ahambe nabantu bonke.  Kumbi ukuzwa  emaphepheni  into ikhulunywa omunye ekhuluma okunye noMhlonishwa umuzwe ekhuluma okunye ungabi usazi ukuthi ngempela okuyikhona khona ikuphi.  Bekungakuhle ukuba uMhlonishwa asichazele ngoThokomala ukuthi uhamba kanjani wona. 

MISS M XULU:  Nokuthi sizwe ukuthi lomsindo ongaka  walamabhasi  ngempela wona akabani umnikazi wawo.

Mhlonishwa Somlomo, sisekhona lapho uMhlonishwa abesibikela khona ngezindaba  zamagaraji  mhlawumbe umuntu ubengathokoza futhi ezwe ukuthi  lamagaraji  ayephethwe ngabantu  abanezimali  ezinkulu ngesikhathi sekuhlelwa ngabe bathola nalaba ababekade bengatholi lutho ukuthi banikezwe ilungelo  lamagaraji  lawo.

Uma kunjalo ngoba phela  kunemali , kunenzuzo evela  kuHulumeni  ngabe nalaba abazimpofana ababengenawo amandla bakwazile yini ukuthi bathole leyomsebenzi ukuze nabo bakwazi ukuthola inzuzo ephuma ezandleni  zikaHulumeni .  Bakwazile yini mhlawumbe ukuthi baziphuphe benze umsebenzi ndawonye bakhe  ama-co-operatives  ukuze bakwazi ukuthi umnotho walelizwe nabo bakwazi ukusiza lelilizwe esikulona.

Okunye umuntu angacela incazelo ngakho Mhlonishwa wezokuthutha ngane yoMfundisi wami ukuba umuntu ezwe futhi ngalomsebenzi owavulwa lapha eMgungundlovu engibona ukuthi muhle ngamuzwa ememeza ngemoto enombhobho ukuthi azothenga  ama-parts  basizakale abantu  bamatekisi  ngabona ukuthi kuyinto enhle kodwa inhliziyo yami iyabuza ukuthi ngabe lomsebenzi uzokwenaba ufike kuphi, uyofika yini eMahlabathini, uyofika yini eNgoje, uyofika yini nakwezinye izindawo ezilapha  KwaZulu-Natal  ukuze bonke bakwazi ukusizakala.  

Sengiqoqa Mhlonishwa kukhona udaba olushisayo lamabhasi lawa  akwa-DTMB  sizwa sengathi kuthiwa nawo futhi azohlelelwa  izinkampani , anikezwe  izinkampani  zangasese.  Umphakathi uyakhala ikakhulukazi lana engihlala khona Mhlonishwa.  Ngicela ukuthi uMhlonishwa akubeke impela lokhu okuthi eMlazi abantu bayakhala kunezalukazi ezihola impesheni ezithola  amathikithi   kulamabhasi , kunezingane ezincane ezithola isephulelo  kulamabhasi , abantu bayasizakala ngokufaka imithwalo yabo  kulamabhasi   kunamatekisi .  Kususe umsindo omkhulu kakhulu ukuze kufike kulelizinga lokuthi atholakala  amabhasi .  Bengicela ukuthi uMhlonishwa akubhekisise umangabe kufika kuleyonto yokunikeza izinkampani zangasese amabhasi ikakhulukazi ngikhuluma ngalawa  aka-DTMB , engazi udaba lawo kusuka phansi kuze kube imanje, kumanje abantu bayakhala babuza ukuthi sithini thina umangabe  inkampani  izonikezwa  i-private sector .

Ngiyacela uMhlonishwa wami uma eqhuba nanoludaba olunje nabantu abahlezi endaweni baboniswe, kukhulunywe ukuze kubonakala ukuthi ababethola lokhu njengezalukazi lona ozongena uzokwazi ukungena kulezozicathulo.  Izingane zesikole ezisizakalayo zizosizakala yini ukuma sekungena  leyonkampani  entsha.  Ngiyabonga Mhlonishwa Somlomo.
[ ikhasi 62 umugqai 30- ikhasi 65 umugqai 10]

ngisho njalo nami ngithi Sihlalo Somlomo bekungcono ukuthi uSihlalo ukhona  wale-Portfolio   committee  ngoba bekufanele sitshelane obala la ukuthi ukuba wuSihlalo  wekomiti  akusho ukuthi ukuthatha amandla onke noma mhlawumbe ukuba umlingane  ka-Minister  noma  we-department  kodwa umsebenzi osuke unikiwe ukuthi uwenze njengabanye abasuke benikwe umsebenzi okungasho ukuthi kufanele uphume iqhude nje.

Ngebhadi uyophuma iqhude uze uphumele  ne-department  efana nale bakubuke abantu bakulalele bathi awu besithi siyamethemba nje.  Sengigcina angithathe lelithuba Somlomo lokuhalalisela uNgqongqoshe kanye  ne-department  yonke abafundi abakuyona.

Angingabazi ukuthi iningi leNdlu liyakuxhasa emizameni yonke yakho, ngakho uma kukhona abakuzamayo Ngqongqoshe ungadikibali kuyakhanya, ukukhanya kwakho phambi kwabantu bayibona imisebenzi yakho emihle uzokudumisa okukhethileyo ola ngenxa yakhe, ngiyabonga.
[ ikhasi 71 umugqai 20- ikhasi 72 umugqai 3]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyabonga Somlomo.  Ngokulandelaisiphakamiso seNduna simi kanje;  

	1.	Ukuze zonke izinto zihambe kahle nangenhlonipho kuyo yonke iminyango yesifunda  saKwaZulu-Natali , nanokuhlonipha imigomo  yoHulumeni  wobambiswano bonke oNgqongqoshe beminyango eyehlukene mabahloniphe iminyango yoNgqongqoshe ngamunye ngamunye.

	2.	Kungabibikho uNgqongqoshe ongena emidiyweni yomunye uNgqongqoshe ngaphandle kokuxhumana nokugunyazwa yilowo uNgqongqoshe.

	3.	UNgqongqoshe ngamunye akugweme ukuthi ayokhuluma izindaba zomunye umnyango  kuHulumeni  omkhulu noma ngaluphi uhlobo oluthinta amalungu noma imisebenzi yomunye umnyango ngaphandle kokudlula ku-Ndunankulu wesifunda, noma nokuxhumana noNgqongqoshe ophethe lowomnyango.

[ ikhasi  83 umugqai 10-30]

NKOSIKAZI H BLOSE:  Ngiyabonga Baba Somlomo.  Ngisukuma ngokuhlonipha Indlu yakho eneqhaza elikhulu elibambile.  Ngibonga kakhulu umfowethu ngale ngaphesheya lapho ekhuluma ikakhulukazi ngale  ye-rape  yabantu besifazane la sinenkinga khona, ukuthi  sesiraiphiweke  kulezindawo  esiraiphwa  kuzona esihlala kuzona.

Bese uya  e-Police Station .  Akengibale ngithi  i-police station  engihlala kuyona ilapha  e-Plessislaer   e-Edendale  uyafika lapha  amaphoyisa  akakunaki nokuthi  uraiphiwe  yini wenziweni.  Ngangokuba  usuraiphiwe  uwumuntu wesifazane  amaphoyisa  akho Sihlalo awanaqhaza alibambayo uma  sesiraiphiwe  ngoba bekufanele ukuthi siwavakashele Sihlalo  lama-police station  njengale okuthiwa  i-Plessislaer , kuzelena okuthiwa  i-Loop Street , kuzelena okuthiwa  i-Mountain Rise  kubolile lapho Sihlalo.  Ayikho into ongayibika khona bakubuza  ipasi   nesipesheli  ukuthi belinjani  i-bloomers  bakubuze yonke into uwumuntu wesifazane abangafanele ukuthi bakubuze yona.

Thina kuleNdlu sithatha ziphi izinyathelo uma sizokhuluma ngalendlela sithi  siyaraiphwa  kodwa singavikeleki.  Ngikhuluma ngento engake ngabhekana nayo ngayibona yenzeka babuya bazobuza kimina ukuthi umbala ubunjani.

Baba Somlomo, ngibonga kakhulu ukuthi sithole lelithuba lokuthi sikhulume ikakhulukazi eduze kwalomnyango wezokuvikeleka.  SinoSihlalo wethu ohloniphekile esimthandayo owakhethwa ngo elethu kuleNdlu, kodwa umakufika la okudingeka khona senze umsebenzi sigcina singaboni kahle uSihlalo alahleke ngezinye izikhathi.  USihlalo akasithande sonke. 

USihlalo  wekomiti  leli lapha eMgungundlovu Sihlalo akukaze kubaleke iziboshwa ezingaka selokhu ngazalwa ziyaqala ngqa.  Sikhuluma  ngalelikomiti  kodwa siyaqala ukubalekelwa iziboshwa eziningi kangaka eziwu-22.  Asazi ke noma kwenza ukuthi kade kulungiswa ijele, uma lilungiswa ijele azisuswanga ngani iziboshwa ziye kwenye indawo.

Uma ngabe Sihlalo wami unazozonke izinkinga ezingaka saya yini thina  kulelikomiti  ukuyobhekana nesimo lapha phezulu.  Kwaze kwafika uzwelonke sezwa  kwi-radio , thina  kulelikomiti  lala Esifundazweni iziphi izinyathelo esizithathile.
[ ikhasi 97 umugqai 17- ikhasi 98 umugqai 24]

NKOSIKAZI H BLOSE:  Mhlawumbe Baba Somlomo, lana loku akuve kusiphethe kabi  kulelikomiti  ukuthi kubeneziboshwa ezibalekayo kuze kusuke uZwelonke ahambe ayobheka lokhu singayibonanga inhlekelele nomonakalo ukuthi bekwenze njani.

Baba Somlomo, ngelinye ilanga siyacela ukuthi njengala kuleNdlu.  Bekunelungu elihloniphekile ebelikade lihlala kulesitulo esingemuva okunguBheki Mthembu, loBheki Mthembu wabulawa nje kwangaba zindaba zalutho.  Ngokutshengisa ukuthi izigebengu noma zingenzani azihloniphi muntu, kufuneka ukuthi abenzi bobubi mababoshwe Baba Somlomo.  Bangadedelwa bagcagcaze ngoba ngelinye ilanga kuza kuwena.

Manje kunenkinga ngoba ngisho  Amakhansela  ayabulwa ngathi kubulawa izinkukhu noma kubulawa izimbuzi kodwa indaba enkulu akuboshwa muntu kuzozonke lezinto.  Kodwa inhloso enkulu kuleNdlu ukuthi uma uke wathinta umuntu ngoba umthethosisekelo wethu kazwelonke uthi uma uke wathinta umuntu noma inini ombulele noma omshayile kufanele uboshwe kanti kuleSifunda asikuboni ukuboshwa kwalabantu ababulala bonke labantu, sekunezinkumbi zabantu ezifayo kungaboshwa muntu mhlawumbe kuboshwe umuntu oyedwa.  Konke lokho kufanele ukuthi umnyango wezokuvikela ukubhekisise ikakhulukazi Baba Somlomo.

Ngiye emaphethelweni Baba Somlomo, bengicela ukuthi leNdlu izibheke izinto ezifana nalezi ingasukumi ngoba sekukhona mhlawumbe la kuthinteka khona.  Ngoba ikakhulukazi kufanele ukuthi nsukuzonke uma kunento eyenzekayo leNdlu isukume iyelapho  iyobheka kungathi umangabe sekwenzeke ezinye izinto ezithinta abanye abantu abathile kusukunywe kuywe lapho, uma zithinta abanye abantu kungashiwo lutho.  Ngikhulumela ikakhulukazi kungashiwo ukuthi iliphi iqembu elithintekile, iliphi iqembu elingathintekile amaqembu ayafana, nomphefumulo womuntu uyafana uyalingana.  Ngiyabonga Baba Somlomo. 

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Baba Somlomo neNdlu yakho ehloniphekile sikhuluma ngodaba olubucayi kakhulu lokweqa kweziboshwa  emajele .

Kuzokhumbuleka Baba Somlomo ukuthi umuntu osuke elaphaya  ejele  ungumuntu othathwe wanikezwa isinqumo  iJaji  noma  iMantshi  ukuthi ungumuntu owuhlupho emphakathini.

Kunabantu abeqa emajele ababulele abantu, abanye babadlwengulile, abanye abagile yonke imikhuba ongadingeki ukuthi ibe khona kulelizwe kodwa labobantu uthole ukuthi beqile  emajele .  Angisho Somlomo, ukuthi mina njengomuntu omdala angizukuyibeka ingcabha yokuthi kukhona ukwehluleka noma ukungabheki kweso  lika-Minister  ophethe  ezamajele .  Ubuqotho bubhekiwe indaba ngizoyibheka ukuthi yonakelephi.

Sihlalo ngicabanga ukuthi akesihlehle ngomqondo wethu sibuyele emuva sibuke ukuthi ngesikhathi kusaphethe  uHulumeni  wobandlululo zazeqa kangaka yini iziboshwa.  Impendulo ikhona kuwowonke umuntu olalele la ukuthi kwakungenjalo, zazingengaka.

Omunye uzothi cha kwakungcono ukweqa kweziboshwa kuqala kunamanje.  Somlomo, baningi abathi uyekelelo olungaka lwenziwa ngabomi, yibo ababephethe kudala ngoba basekhona  emajele  benza ukuthi kugxekwe  uHulumeni  oholwa ompisholo bese behleka bathi nakhoke ukuphatha kwabantu abampisholo.

Ngoba basekhona namanje basahlezi  emajele  basaziphethe izikhundla namanje  emajele .  Baba Somlomo, lendaba ibucayi ngoba ngakolunye uhlangothi  amajele  - dadewethu ungaphatheki kabi umangikhuluma.   Amajele  awasaphethwe  uHulumeni  noma  u-Minister ,  amajele  ngizovumelana nalokhu okushiwo uzakwethu  u-Wessel Nel  asephethwe  zinyunyana   amajele .

 u-Minister  akasaphethe lutho,  uHulumeni  akasaphethe lutho  amajele  aphethwe  zinyunyana . 

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Somlomo neNdlu yakho ehloniphekile akekho ....

ISIKHULUMI:   Order  Nduna, ngicela ukuthi amalungu  to remind them of Rule 53 , qhubeka Nduna.  

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Amalungu akhona la emphakathini awasesabi Baba Somlomo ukwenza inkohlakalo ngoba bayazi ukuthi uma beboshwa beyogcinwa  emajele  baya emakhaya onina bazofika bahlale kahle ngoba kukhona izithandwa zabo eziphethe  emajele .

Uma kukhona indlela yokuthi  lelifasitela  alingangeni muntu, lensimbi ayibuye kulula ngoba phela kukhona abantu bakubo ababasizayo lapha  emajele . 

Omunye angabuza ukuthi akukona yini abavula indlela yokweqa, ukweqa kweziboshwa laba abaphethe  izinyunyane .  Ngiyahlupheka kakhulu ngoba kukhona umntanami la uzakwethu uNgcobo  wenyunyana .  
Ngiyazi ukuthi lento engiyikhulumayo njengomuntu omdala kufuneka siyikopolote, sizikhulume ngoba amaqiniso abambekayo.  Uma umboshwa uNtombela ephethe la  kowe-IFP  oboshwa la angadla isho ikhekhe impela elinomkhuba phakathi owesiboshwa  sika-IFP .  Ngingasho umuntu onjengoNtombela ngempela ngisho izikhohlakali eziphethe  izinyunyana  abakwenza lokho  emajele  ngenhloso yokusiza lezozigilamkhuba ezigile imikhuba lana ngaphandle.

Ngiyazi Baba Somlomo, ukuthi namhlanje ingcindezelo engaka nje  abanye bathatha ngokuthi bayakhokhisa uma iziboshwa ezimpisholo ziboshwa lapha bese bethi azikhokhise ngoba kudala kwakukhona ingcindezelo yenziwa abanye abakhona langaphakathi kwethu  o-National Party ,  o-DP , ababekwenza kusaphethe bona.  Babenemithetho ecindezela umuntu namhla kubuhlungu, kuyaluma kodwa bese bethi siyakucindezela ngoba ngeke wenze lutho.

Namhlanje seliphendukile e isondo mina ngithi kubafowethu laba abangaphesheye abasingethe  izinyunyana  abayibheke kahle lento ukuthi siyikhahlele ngonyawo uma sifuna  i-South Africa  ibe nobulungiswa.  Ngiyathokoza Baba Somlomo.
[ ikhasi 101 umugqai 18- ikhasi 103 umugqai 34]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyathokoza, Baba Somlomo.  Ngingene kahle ngoba ngingene kukhulume lomfana uBheki Cele.  [UHLEKO]

Okokuqala nje ngizoqala laphaya la ekhuluma khona ethinta ukubhubha  kuka-Cyril  Zulu, la ethinta khona ukuboshwa koSkhonde la ethi abathintekayo ekubulaweni  kuka-Cyril .  Kuyangimangaza ukuthi ilungu elihloniphekile uBheki angakhuluma kanjani ngecala eliphethwe  amaphoyisa  yena ebesezolikhuluma la  ePhalamende .

Usefakazisile ukuthi  amaphoyisa   azi kahle ukuthi abambhe right person  uma eboshiwe.  Mina  David  Ntombela engingakwazi ukuthi uSkhonde uwutshelekile umcako angikwazi lokho.  Okwesibili uMnumzane uCele ukhuluma ngendaba yase  S J Smith Hostel  ngiyakuvumela mina  David  Ntombela namanje ngisasho nganqaba ukuba ngaphansi  kwe-flag   le-ANC , uma kukhulunywa izindaba  zePhalamende .

La wena ngayizolo ohambe wayofaka  amaphosta   e-ANC  besinxenxa ukuthi thina sibe ngaphansi  kwa-ANC  asisoze savuma mina uma ngisekhona, ngeke ngivume ngibambe umhlangano  wePhalamende  ngiwubambele ngaphansi kweqembu  le-ANC  angeke ngikuvume lokho.    
Baba Somlomo, sikhuluma ngodaba la lokufa komuntu ofile  u-Cyril  Zulu.  Angiqale ngokuthi mina neqembu lami, thina sonke esila  kule-Province , kulengabadi siyakugxeka ukubulawa komuntu nanoma ngubani obulewe siyakugxeka.

Mina David Ntombela ngiyakugxeka ukubulawa kwananoma umuphi umuntu kodwa ngicabanga ukuthi kufanele imiphefumulo yabantu nokubulawa kwabantu kulingane njengoba uNkulunkulu eyiphethe.  Kungathiwa ngoba kufe usibani bani lowomuntu kufanele AKUZWAKALI ngoba osibani bani befa mihla namalanga kungenziwa lokhu okwenziwayo.

Ukufa kwabantu kuyefana ebusweni bukaNkulunkulu.  Ungaba  iMeya , ungaba  uDokptela , ungaba uMongameli, ungaba unoma ubani ukufa kuyafana.  Ungaba into engelutho engenasikhundla uma usumbulele umuntu ukufa kuyefana.  Ungathathi ukuthi umuntu uyinto ethile bese umthatha ngokuthi ubalulekile.

Kepha kuyinselelo enkulu Baba Somlomo, kubantu abafa ngokubulawa mihla namalanga.  Kodwa labobantu kungakhulunywa ngabo isho imingcwabo yabo inganakwa ingalandelwa ngisho nayizikhulu zaleloqembu.  Abanye kuze kuphume ngisho nophethe leloqembu athi uyongcwaba lowomuntu kodwa kade befa abantu mihla namalanga bengahanjelwa muntu.

Asikubhekeke lokho ukuthi kuyinhlamba engakanani leyo.  Asikhumbule umuntu kufe umuntu akuyekwe ukuthi kuthiwe lowomuntu ubulewe iqembu elithize ngoba lokhu kukodwa kutshela umndeni, kutshela abalandeli, ukuthi lowomuntu ubulawe abalandeli baleloqembu.

Njengoba nizokhumbula ukuthi ukufa kwalo esikhuluma ngaye u-Cyril Zulu.  Umanginagwegwe kufanele nikhumbule ukuthi ngeke uwabaze, uma nginamagwegwe nginamagwegwe.  [UHLEKO]

Akukhumbuleke ukuthi uma kufe umuntu weqembu elithize bese besuka abanye njengabanye abakhulumayo bese bethi lowomuntu njengo-Cyril ubulawe iqembu  le-IFP .

 AN HON MEMBER :  Kusho bani?

 AN HON MEMBER :  UMthimkhulu.

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Nabo bemusho uthule uNtombela.  Ngithi mina akuyekwe ukuthi uma umuntu ebulewe kuthiwe ubulewe iqembu elithile ngoba ....

[ ikhasi 127 umugqai 8- ikhasi 129 umugqai 8]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Bese kuthiwa lowomuntu ubulewe usibani bani kuze kwashiwo Baba Somlomo kwathiwa ababulali baka-Cyril baqhamuke kwaNongoma, into engafihlwa leyo, laba okuthiwa baboshiwe.

Bafundiswe ileyomfundisoze yokuthi ababulali baqhamuke kwaNongoma kudinga bakulungise ukukhuluma ikakhulukazi lana ngaphesheya laba  bakaKhongolose .

Kungakuhle Baba Somlomo, uma sithi sizibophezelela ekuthuleni sikwenze lokho ngeqiniso, kungathi uma kufe usibani bani bese kuyobhalwa  emaphepheni , kuyiwe emsakazweni, kufakwe  amaphosta  ahamba entanta yonke indawo kuthiwe ufe nje usibani bani ubulewe osibani bani.  Kudinga lokho kuphele kuthi nya.

Ngiyazi ukuthi ukuba khona kwaSomlomo kukhona abafuna kuthiwe iNdlu ayisebenzi ngokuyikho ngoba ngesikhathi uma sekukhuluma wena Mthimkhulu....

ISIKHULUMI:  Ilungu lisalelwe iminithi elilodwa.  

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Uma sekufanele kukhuluma wena uma sekwenzeka lomsindo onjengalo ngeke ungezwa.  Ngifuna ukukhumbule lokho.

Ebusweni bukaNkulunkulu ....

[ ikhasi 129 umugqai 14- ikhasi 130 umugqai 5]

MNUMZANE M MTHIMKHULU:  Uthi Baba Somlomo, uma sekukhuluma wena Mnumzane uMthimkhulu ngeke uthande kubangwe umsindo kanje.  Ingakhoke ngithi lokho kuyangihlukumeza emoyeni ngoba angikwazi ukuthi ilungu elihloniphekile likusho ngani bese lidumba mina, ngingakaze ngisho lutho, ingakho ngithi Baba Somlomo ilungu maliwahoxise lamagama ngoba nasekuqaleni ngithulile lithi kwathiwa uMntwana wabulawa  i-IFP  wathi kuyaziwa ukuthi ubani kwakhona abamemeza igama yase ithi uyena lowo ngase ngiyathula ngoba akuphuma kuyena  technically  bengingeke ngithi uyena othi uMthimkhulu ngoba kusho amanye   ama-members  .  Ingakhoke ngithi Baba Somlomo,  ngi-feeler   aggrieved so hence I am requesting the hon member to withdraw these utterances against me .
[ ikhasi 130 umugqai 21-34]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Baba Somlomo ngicabanga ukuthi nomshini lapha uzosho angamazi umuntu okuthiwa uMthimkhulu layiNdlini ozothi ngiqondise kuyena igama lakhe uMthimkhulu?  [UHLEKO]
[ ikhasi 131 umugqai 4-8]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyathokoza Baba. Ngiqonde la ukuthi amaqembu  ale-Province  awalandele uholo lokuthula angasebenzi anhlanhlathe, nalokho ngiyazi kuyohamba kuhambe kuthiwe obani abanhlanhlathayo, ngithi amaqembu anganhlanhlathi akhuluma izinto eziyokususa ubhedu la  kwi-Province .  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 131 umugqai 20- 25]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Baba Somlomo, ngaphambi kokuba ngikhulume okuthile ngicabanga ukuthi uMhlonishwa ilungu elihloniphekile uBheki Cele akakuhoxise ukuthi nginamanga.  Ngiqhubeke engakahoxisi, indaba  yamaphostas  angiyizwanga ngomunye umuntu ngiyizwe ngaye uBheki engitshela emlonyeni ukuthi bengithi ngiyakuhlakaniphisa, ngitshelwa uye etshela mina, angixolisike.   Thank you .
[ ikhasi 132 umugqai 32- ikhasi 133 umugqai 2]

MFUNDISI N W NGCOBO:  Ngiyabonga Mhlonishwa Somlomo, Ndabezitha Sindazwe.  Ngiyafisa futhi nanamhlanje Ndabezitha ngemvume yakho kengiphinde ukusho lokho engihlale ngikusho ngiphindelele ngesikhathi esedlule kuleNdlu yakho.

Ukuthi ukusho akukona ukwenza, ukusho ukusho nje kwaphela nokwenza ukwenza, nezinye izinto ezimbili ezahlukene nezenza izinto noma imisebenzi eyahlukene.  Mina bengicabanga ukuthi Somlomo Baba uma besiyoshumayela impela ivangeli lokuthula mhlawumbe lelovangeli ebesiyolishumayela sekuyofanele labo esilishumayela kubona nathi uqobo kubonakale siphila.  Singashumayeli ukuthula sifike ebantwini esibashumayeza ukuthula sifike singenakho ukuthula.

Mhlawumbe ngempela lokhu kungasisiza uma sihambela ezindaweni ezithize siyokhuza imihlola yokunqanyulezwa kwemiphefumulo yabantu engenacala.  Njengoba sike sahambela e-S J Smith ezinsukwini ezedlule siyobhodla ndawonye ngasemuva ngokugcwelezwa koMntwana u-Cyril Zulu.

Siphinde futhi senze njalo nangosuku lokufihlwa kwakhe endaweni yakwaNongoma emavikini ambalwa adlule.  Ngakhoke izimo ezinjengalezo Mhlonishwa Somlomo, kuyofanele zibhekwe nazo ngeziqu zamehlo, sibhekane nazo mhlawumbe sikhumbula kahle ukuthi ukubuyisana kweqiniso okuyobakhona kulelizwe.  Akubhekiwe nje kuphela emaqenjini ezombusazwe noma phakathi kwezinhlangano ezithize  e-South Africa  noma kwezinhlanga ezithize.

Kodwa ukubuyisana nokuthula kwempela kuyodingeka sizikhathaze ngakho sikwenza phakathi kwezinhlanga zonke eziphilayo ezweni  lase-South Africa .

Kungakhulunywa ngoxolo nokuthula kepha ngakolunye uhlangothi uma kusaqhutshekwa kuleNdlu yakho Baba ukudicilelwa phansi izithunzi zabaholi namalungu alendlu njengoba kwenzekile esikhathini esedlule kwakhonjwa ngenjumbana amanye amalungu angozakwethu la. Akhonjwa njebanye  ababephusha  udlambedli lobandlululo ngiyakhumbula kahle abanye babo ngalezozikhathi Mhlonishwa Somlomo ozakwethu babengaphakathi eNdlini  yePhalamende  ngesikhathi kushawa umthetho owawushawa  uHulumeni  wangalesosikhathi owezindlu ezintathu  zePhalamendi .

Abanye babo noma bonke laba enginabo la bakhetha ukuphuma bengahambisana nalowomthetho.  Nginovaloke la eNdlini yakho Mhlonishwa Somlomo, uma sizokhuluma amaqiniso uma kukhona lawo  ma-politicians  ayithanda into izolo kuyasa namhlanje uma esezwa abanye sebengasayithandi nawo awasayithandi.

Baba Somlomo, kunabantu asebezibiza  ngama-blacks  namhlanje kuleNdlu yakho kodwa abangena  kuloHulumeni  owunxantathu owawakhiwe  uHulumeni  wangalesosikhathi bangabuza ukuthi aphi amanye  ama-blacks  ahlukaniswa phakathi  ama-blacks  bangena  kuloyoHulumeni  owawunxantathu owawakhiwe  uHulumeni  wangalesosikhathi.

Kodwa namhlanje sikhathazwa ilabobantu banyathela ozakwethu la iwona  mata  wokusulela izinyawo ukuthi babengabantu bobandlululo.  Labobantu abangena  kulowoHulumeni  wobandlululo baya  kuloHulumeni  wezindlu ezintathu bangabuza ukuthi amaphi amanye  ama-blacks .

Lokoke kwaba into enhle abayenza ekuthe ekugcineni masebethola noma iqembu  le-Democratic Party  selithola ilungelo lokuthi izwi lalo liyofinyelela ebantwini. 

MFUNDISI N W NGCOBO:  Umphakathi noma izakhamuzi  zase-South Africa  zalibonga iqembu  le-Democratic Party  ngokuthi  ngo-June  2 walonyaka  zilivotele  kakhulu, zilikhethe njeqembu elidlula wonke amaqembu laphe  e-South Africa  ngaphadle  kwe-ANC  noma yaphuma isibili  ngokwamavoti .  Ngithi angikusho lokhu ngoba mhlawumbe  namaphepha  awazange akunake ukukuveza mhlawumbe kuqondakale kahle.

ISIKHULUMI:  Usalelwe umzuzu owodwa.

MFUNDISI N W NGCOBO:  Angigcineke Baba Somlomo, ngokuthi abantu Abamnyama bakulelizwe bayalazi ubandlululo abadlule kulona abadingi ukufundiswa ngalo, futhi abadingi ukutshelwa ngalo, futhi abadingi nokuphoqwa ukuthi izilonda nemihuzuko abazithole izolo ngenxa yobandlululo bazozipholisa kanjani.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ ikhasi 134 umugqai 11- ikhasi 136 umugqai 25]

MNUMZANE S MKHIZE:  Baba Somlomo, neNdlu yonke ngithokoza ukuthola lelithuba ukuthi ngizwakalise imizwa yami, ngizwakalise imizwa yeqembu lethu lama-National mayelana nesifo lesi esisanda kuvela sivelela uMntwana walapha kwaMandlakazi.

Okusemqoka kuyena uMntwana wakwaMandlakazi nabanye abathole ukuchaphazeleka ngokuthi babulawe.  Sizwakalisa okukhulu ukudabuka kwethu ngemizwa yethu mayelana nalesisifo esingenile.

Engithanda ukukuphawula lana ngaphambi kokhetho lolu lomhla zimbili  ku-June  kwabakhona ukuzibophezela kwamaqembu onke esayina umqulu owawukhuluma ngakho ukuthula kuleSisifunda.  Kodwa uma sibuka ukwenzeka kwezinto, nangendlela okwenzeka ngakho ukubulawa kwabantu sibona sengathi wawungasho lutho nje.

Okunye okubalulekileyo esingakuphawula la esikubukayo yebo amehlo ethu onke abheke ekutheni  amaphoyisa  awenzi lutho, umsebenzi wawo abawenzi kahle, yebo kuyiqiniso lokho, awawenzi kahle umsebenzi wabo.

Kodwa kukhona okunye okusemqoka la okubalulekileyo amalungu ezinhlangano, amalungu  ePhalamende , amalungu ezombusazwe amanye anegalelo lokufa kwabantu ngendlela okwenzeka ngayo.  Ngoba ezikhulumini ezingaphambili ezikhulume ngaphambi kwami la zibeka isithombe okuyisona sona ukuthi asuka la amalungu eyokhuza isimo esisuka senzekile kuleyondawo afike angabuzi lapho afike axabane wona wodwa.  Uyabona isimo esifana nalesi nabantu okuse kuyiwe kubona basuke benethemba lokuthi sizalapha kubona nje banelikhulu ithemba lokuthi kukhona okuzokwenzeka okuzoba nomehluko.  Kodwa amaqembu [AKUZWAKALI] wena owabona izinja zibanga ithambo.

Ngakhoke kuyadabukisa kakhulu kulesisikhathi samanje kudlalwe ngemiphufumulo yabantu, kugangwe ngemizwa yabantu.  Lana bakwethu ngale kokuthi uqembu lini, ngale ukuthi uyini ngathi okubaluleke  kakhulu ukuthi kufanele kubhekelwe imiphefumulo yabantu echithekele ize.

Kuyadabukisa futhi ukuthi kugcinwe ezindaweni ezizodwa lapha KwaZulu kunezindawo kunesimo esimuncu kabi okuqhubekayo ukufa kwabantu, abasazofa futhi abantu uma ngabe kungakhuzwa njengamanje.

Lapha phansi kwaMadlala kunesimo esicishe sifane nalesi esisibone  EWema .  Lapha kwaNongoma kusimo esimuncu esifana nalesi esisibonile lapha  EWema .  Ngakhoke uma lezinto zingakhuzwa bakithi siya  emaholidini   kaKhisimusi  njengoba siya  kumaholidi   kaKhisimusi  abantu bazohlala benamaqhushumbana okuthi bayalwa kuchitheke igazi eliningi elingaphezu kwaleli esinalo.

Uma siqhuba ubuqembu phambili singanakekeli imiphefumulo yabantu ngibona sengathi asenzi lutho, ngibona sengathi sizofaba nabantu abazoganga ngabantu abazozwisa abantu ubuhlungu.  Angifuni ukugxila kakhulu  ebhayisikobheni  esiyibone  EWema , ababekhona bangangifakazela  ibhayisikobho  lena esasiyibona  EWema  esenzeka nalayiNdlini namanje kungakapheli imizuzu eyishumi abantu belwa.

Ngakhoke kuyadabukisa bakwethu futhi kuyisicefe, kuyisidina kubantu abasikhethile senze into efana nalena.  Inhlonipho abantu bazoyithola kanjani uma singahloniphani thina ngokwethu.  Sithi lapha uma sihamba lapha sidinge ukuthi abantu basihloniphe njengabantu abasebenzela  uHulumeni  kodwa asitshengisi ngendlela esenza ngayo ukuthi sihloniphekile kufuneka nomphakathi usihloniphe.

Ngakhoke ngithi mina yebo ngiyavuma ukuthi  amaphoyisa  akawenzi umsebenzi wawo.  Kodwa nathi sinegalelo thina bamaqembu.  Sinomthelela omubi, asikhulile ngengqondo ngoba kuyihlazo lokhu okwenzakalayo.  Ngakho ngizwa ngidabuka kakhulu kabi ukuthi namanje kusekhona umzukuliswano kwathiwa zonke lezinto ezazenzeka ngesikhathi  saBelungu  kwakuthiwa  uHulumeni  wobandlululo,  uHulumeni   wamaBhunu  kushiwo yonke into, nanamhlanje kusenzeka into efanayo engathi manje sekudlulele kakhulu kunakuqala.

Ngoba sekulwa manje oMnyama noMnyama akukho Mlungu ohlala  EWema  njengoba abantu beginqana ngezinhlamvu mihla namalanga.  Akukho muntu lapha oqhathe udlame lwaseWema kodwa yizo izinhlangano kanye eziqhatha udlame lapha ezindaweni ezifana njengakoWema nje. Ngakhoke ngithi mina eqenjini lethu sizibophezelela kakhulu thina ekuthuleni esalusayini ngaphambi kokuthi kube ukhetho lomhla zimbili  ku-June .  Ngakho kusho ukuthi kukhona abangasakulandeli lokho esakusayina kulowamqulu owawusayinwa ngalelanga omayelana nokuthula.

Ngakhoke igama lokuthula namhlanje selifana nefeshini nokuzenzisa ukuthi kukhona into ewukuthula.  Ngeke uthi unokuthula lapha phambi kwethu bese uthi ngemuva ungakwenzi ukuthula.

ISIKHULUMI:  Sekusele iminithi elilodwa lungu elihloniphekileyo.

MNUMZANE S MKHIZE:  Ngakhoke kuyihlazo Somlomo, kuyinto okufanele isukunyelwe impela le ikhulunywe ngqi amadoda namakhosikazi alelilizwe, isizwe lesi esibhuqabhuqekayo, esifayo bese sifa njengezimpukane, kuyihlazo bakwethu kuyalumela kumuntu okubukayo eceleni nje.

Ngakhoke ngithi mina eqenjini lethu sizibophezelele kakhulu ekuthuleni ngasosonke isikhathi, siyohlala njalo ngasosonke isikhathi sihambisana nokuthi kubekhona ukuthula ezweni ngale kokuchitheka kwegazi.  Ngiyathokoza.

[ ikhasi 136 umugqai 31- ikhasi 139 umugqai 31]

MNUMZANE T M SHABALALA:  Somlomo Baba Nendlu ehloniphekile lokhu okade kwenzeka khona layiNdlini siyakuhlaba siyakuchitha.  Kwenziwa ozakwethu esisuka kude nabo.  Uma sizwa ukuthi kwenzeka  EWema  lapha sisakuhlaba futhi nalokho.

Ngikholwa ukuthi babengabonisana bahlale phansi babone indlela ayi phambi kwabantu banephuzane.  Akufanele futhi uma senza umsebenzi waleNdlu sithi uma sihamba sibe nezimfihlo nezinto esicabanga ukuthi phambili sofika siwine ngazo abantu.  Ikakhulu ezindaweni lezo lapha abantu abafa khona, kuliwa khona.

Ngingomunye engiyohosha izinyawo Baba Somlomo, uma kuthi kuyiwa endaweni ngoba ngike ngibone ukuthi siyofika senze lento bese sibukeka njengesekisi phambi kwabantu.  Kanti uma siyolamula abantu nomangabe asizwani siye simoya munye, sikuzame lokho noma kungazwanwa singabeki  ipolitiki  phambili ikakhulu lapho kufa khona abantu.
[ ikhasi 139 umugqai 35- ikhasi 140 umugqai 19]

Baba Somlomo, awu! ngiyashumayela lapha uNdosi nomfowethu uNtombela sengiyazi nithukuthela ngisebenza nani ngiyanithanda nobabili, siyaxabana futhi asiphumeni layiNdlini nginifake kwelinye  ihotela  siyodla sobabili kuphele lengxabano esisukile.  Ngiyabonga Somlomo.
[ ikhasi 141 umugqai 10-15]

 DR  B M RADEBE: ( WHIP ):  Angibonge Somlomo.  Mhlawumbe angiqale ngokusho la ukuthi minake engilayindlini ngenxa yokusebenzela uxolo laze langibeka layindlini.  Kuyadabukisa Somlomo ukubona izinto ngendlela ezenzeka ngayo layindlini.

 Kwi-meeting   ye-Portfolio Committee   yakwa-Safety   and   Security  uma kungashekwa ngayiphakamisa lento ephakamiswa namhlanje ukuthi sisuka la sihambe siyakubantu abashawa udlame, siyafika lapha asisewona amalungu  ePhalamende   sesingama-political parties .
[ ikhasi 142 umugqai 18-228]

Mphathisihlalo, khona abantu la mhlawumbe uzwe kukhulunywa ngokuthi umuntu uma ebulewe uzwe kukhulunywa engathi kubulewe inja, lokhu kushiwo nje la kuthiwa ufile ufile  why  sisho kanjalo.   It is because it does not belong to my political party, so to me it is not worth anything .

Mnumzane  Speaker , uthe uBaba uNtombela ngelinye ilanga sizoma phambi kukaNkulunkulu, sizoma phambi kwaNkulunkulu.  To account  ngokuthi ngesikhathi sikhethiwe sihole abantu,  siba-saver  abantu.  Khona abantu la Somlomo, abafayo khona okungashiwo lutho ngabo, lapha Empumalanga bayaphela abantu, bayaphela abantu  not  namhlanje.

 Kune-section  lapha Empumalanga abantu baseMpumalanga ngomhlaka 28  November  this coming Sunday  sizobe siqeda 10  years  kunoxolo lana Empumalanga.  But  kukhona abantu abasangcwaba njengezikhathi zo'88, '90, '91, Empumalanga kusanodlame.

 Two weeks ago  kushawe ingane  ena-five years  inhlamvu yesibhamu yangena ngapha yaphuma ngapha.  Mphathisihlalo ngifuna singayi  politicize  lento esizoyikhuluma layindlini  because once they politicise the issue they will be missing the point .

 I am appealing once more , Mnumzane  Speaker, in this House, to the leadership of the IFP, to intervene very, very serious and to solve this mess, the killings, the slaughtering which is taking place in  Mpumalanga  Unit 4.  People are dying on a daily basis . Ngo-1991 saba  ne-meeting  noMhlonishwa uBaba uMdlalose  e-Albany House  noBaba uZungu sicela sesinoxolo ukuthi  aba-intervener  lapha baphela abantu laphaya.  Sahlala  e-Albany House  yaxoxwa lento baqhubeka abantu bafa, kwaphela isonto kwaqhubeka.

Kuthe emva kwalokho sibe  ne-meeting  mina ngathatha  i-initiative   ngiyi-member  ngikhuluma noBaba uNsele  we-IFP   e-office  eThekwini, ukuthi Inkatha  must do something  abantu  are dying  Empumalanga  on daily basis .  Wayi-convener   i-meeting  uMhlonishwa oyilungu  lePhalamende   e-National  uMnumzane V.V. Ndlovu.  UBaba Dingila,  uBaba uMzobe bafika, ilungu  lePhalamende  elikhona layindlini uBaba uXaba sahlala phansi sazibeka izinto ukuthi yini lena edala abantu bafe lapha  e-four .

Bahamba lapha bethi bazobubuya bahamba unomphela namanje basazobuya  May last year .  Emva kwalokho Mphathisihlalo ngaphinda ngathatha  i-initiative  ngazokhuluma noBaba uNtombela Induna yangaphezulu angisazi ukuthi ubani lapha  e-ofisini  lakhe ukuthi  masi-intervener  abantu bayafa Empumalanga.  Wasuka uBaba uNtombela wanginikeza  iriphothi  yokuthi bakhulumile - ngempela ngambona ngelinye ilanga ngidlula lapha kuyisonto Empumalanga bemi eholo, bathi abantu bayafa namanje.

Ngaphinda Mphathisihlalo  for information   iKhansela   le-IFP  lapha u-Mnumzane Ntshangase  ukwi-exile  ubalekele enye  i-leadership  yeNkatha lapha  elokishini .  Kade  ngiyi-member  bengasakwazi ukubiza  i-meeting  sithathe  ama-decission   kwiKhansela  ngihambe ngiyobiza abantu sichazele abantu beNkatha  because he cannot call a meeting  ngoba lapha kuyabulawana.

Okwenzakalayo Somlomo, njengamanje isimo lapha Empumalanga ngizocela la ukuthi uma silungisa lento Indlu namhlanje ake ikhethe  ithimu  engaphumi  ngokwepolitiki  kube  ithimu  ezobuya  izoriphotha  la ukuthi  i-problem  yalapha  e-four   isotheka  kanjani, ngoba abantu bayafa  on daily basis .

 Bu t  i-problem  esikhona lapha Somlomo  sekunama-gang stars .  Enye  i-leader   ine-gangster  yayo ishaya ngapha, enye  i-leader   ine-gangster  yayo eshaya ngapha.   I-crime   rate  lapha  e-four  - uma udayisa indlu  i-bank  alisakwazi  uku-finaliser  ngaphandle  kuka-R3000  udayisa  u-four room elokishini ,  because /ngoba akekho umuntu ofuna ukuthenga laphaya.

 So I am saying , Mnumzane  Speaker ,  I am appealing today, and I will quote again , Mnumzane  Speaker  uma kuqhubeka kufa abantu  ngayi-raiser  lento ngomhlaka 23 layindlini.   I was very pleased on Saterday  abantu baseLindelani besho kuMntwana waKwaMinya ...

ISIKHULUMI:  Ilungu lisalelwe umzuzu owodwa.

 DR  B M RADEBE: ( WHIP ):   Okay .  uMntwana waKwaMinya, neNkosi uNgubane ukuthi kunje nje nje eLindelani ngoba bangena bayixazulula inkinga.   I am appealing  namanje Mphathisihlalo akekusukunywe kwakhiwe  ithimu   ezosotha  leyanto yaseMpumalanga ngoba abantu bayafa and abantu bafa  ama-cases  angavulwa.   And   amaphoyisa   abhukha  izibhamu anike abantu badubulane ngazo bazithathe ekuseni baziphindisele  e-police   station .

Uma ungahlala phansi noMgazu ubuze kubona ukuthi obani abashaya abantu izibhamu bazithathaphi bazokutshela  iKhansela  leNkatha, uye ngapha ubuze  i-police   station is divided into two  kubhukhwa izibhamu kubulawe abantu ebusuku, ekuseni zibuyiselwe  e-police   station   ama-allegations  akhona lawo.  

 I am saying  Mnumzane Speaker I am appealing and  ngicela lento uma  siyi-debate  layindlini  singayi-politisize   because  ayizukuxazululeka inkinga bazofa abantu, bazoyiphendula ibe  ipolitiki   but people are dying  Empumalanga like '87, '88, '89, kusanodlame leNkatha  ne-ANC , kunjalo lapho Empumalanga.  Ngiyabonga Mphathisihlalo.
[ ikhasi 142 umugqai 35- ikhasi 145 umugqai 32]

MNUMZANE S N NXUMALO:  Baba Somlomo, ntambama nje asibonge umfoka Ndosi ukuphakamisa lesisihloko esisihlupha imiphefumulo. Sizokhumbula ukuthi ngaphambi kuka-1994 laphalala, lagobhoza igazi kulezizifunda zethu okwathi siya okhethweni abantu beyoshaya isiphambano kwayilowo nalowo wathi ngihlukene nalento sesingena esikhathi esisha  sengivotile .

Abantu babethenjiswe izethembiso eziningi ezibhaliwe kuyoyonke imiqulu  yokukhankasela  ukhetho lamaqembu ehlukeneyo, kwayilowo nalowo muntu wathemba ukuthi emva kwa-1994 sizophila ngaphandle kokuphalala kwegazi.

Nizokhumbula ukuthi emva kwalokho ukukhombisa ukuthi izikhali zase zilahlwe kude kwase kuhlanganiswa imibutho okwathiwa ayihambe iyoseva Emasosheni.  Sathemba sonke ukuthi sekuzophela ukubhubha kwabantu, sekuzophela ukubulawa kwabantu.  Kodwa namanje sisakubona lokho.

Ngizobuye ngiphinde ngibhekise kumalungu aleNdlu ukuthi akesisebenzeni siyiyeke  ipolitiki  njengoba kuke kwasho ilungu elihloniphekile uRadebe.  Ukuthi uma sisebenzela uxolo ake sikuyeke ukwehlukana kwamaqembu siphume siyindlu eyodwa siyoshumayela ukuthula okukodwa.  Ngoba lokukwehlukahlukana kwethu kwenza ukuthi izigebengu lena ngaphandle zinamathele ebuqembini bethu.  Nakuba selingasekho udlame besekusa abantu befile, belokhu befa abantu ngakusasa lekuthiwa izigebengu lezi.  Kodwa zona uma uzizwa ziyenza lento yazo zisayenza ngaphansi kwamaqembu akhona kuleNdlu.

Asisukumeni sonke ngazwi linye sithi; "Phansi ngodlame", sisho okwangampela.  Kuke kwathike Somlomo,  ngo-June  lo  kwasayinwa  isivumelwano esasiphakathi kwamaqembu amakhulu kuleNdlu sonke sabanethemba lokuthi kuzohamba kahle kulesisigaba kusukela ngo-1999 kuya ku-2004 wonke umuntu uzobe ebheke ukuthi bonke abamkhetha bambeka  kuloHulumeni  bafezeka izidingo zabo ngoba bonke abantu bahlezi banezidingo zabo abafuna zifezeke.

Kodwa uthola ukuthi namanje lento iyayikhubaza intuthuko eyokuthi kulokhu kuklwebhwana kanje.  Njalo  i-Portfolio Committee  lena  ye-peace  ilokhu ivakashela izindawo sekufe abantu.

ISIKHULUMI: Ilungu selisele nomzuzu.

MNUMZANE S N NXUMALO:  Siyazi ukuthi kusaqhubeka ukufa kwabantu mhlawumbe kuqhutshwa izimpi zombango, nalezimpi eziphathelene nodlame  lamatekisi , bese kuba ilobo bugebengu.  Asikhuzeni yonke inhlobo yobugebengu obukhona la.  Nathi njengaleNdlu siphume sihlangene siyokhuza lobugebengu sithi phansi ngobugebengu.  Ngiyabonga Somlomo.

[ ikhasi 146 umugqai 28- ikhasi 148 umugqai 10]


 cov 999:
ISESHINI YOKUQALA

UMHLANGANO WESITHUPHA
NOWESIKHOMBISA		OJWAYELEKILE	25 LWEZI, 8 NO
								9 KAZIBANDLELA 1999


UMQULU 9

 Vol 999:

MNUMZANE M B GWALA: ( Leader of the House ):  Mhlonishwa, Somlomo Baba ngizophakamisa ngosuku olulandelayo:

	Sinakisisa ngokukhulu ukukhathazeka okwashiwo yilungu uMhlonishwa  uDokptela  Radebe mayelana ngokungaziphathi ngendlela esemthethweni kanye nenkohlakalo  yamaphoyisa  eMpumalanga.

	Futhi sinakisisa ngokukhathazeka ngokuthi  lamaphoyisa  anikeza izigebengu izibhamu ukuze abangenacala babulawe.

	Ngakho-ke, sikholewa ekutheni kungumsebenzi walesi Sishayamthetho ukuba sibe yisibani/uphawu lokuthula kanye nomvikeli wabantu baso.

	NGAKHOKE SINQUMA UKUTHI:

	(a)	Sicela ukuba uNdunankulu aqoke  iKhomishani  yophenyo, ukuphenya lokhu okushiwoyo.

	(b)	 Ikhomishani  yoPhenyo kodingeka yenze umbiko ogcwele, oyokwethulwa kuleNdlu ehloniphekile.

	(c)	Ukuqinisekisa ukuthi loluphenyo lwenziwe ngendlela eyiyo, ukwenza isiqiniseko sokubanjwa kanye nokuboshwa  kwamaphoyisa  anjalo (akhohlakele).
[ ikhasi  3 umugqai 17- ikhasi 4 umugqai 14]

MNUMZANE S MKHIZE:  Ngiyabonga Baba Somlomo neNdlu yakho.  Ngithanda ukuthi ngibonge mayelana nalombiko okuthe uMntwana wasithulela wona, siyathokoza.

Okukhulu engithanda ukuthi ngikubeke nje mayelana nalombiko othe wavela nokunye esingase sikucwaninge kulokhu.  Kusanezikhalazo ezikhona ezisasele ezisafanele ukuthi zilungiswe.  Njengokuthi njena uma umuntu omdala lona eyohola  impesheni  kwenze kwesinye isikhathi ivaleke kuye kumthathe umzukuzuku, kube nesikhathi  eside ukuthi ibuye ivuleke abuye agqigqe laphana kube isikhathi eside egqigqa ingavuleki.  Kusezinye zezikhalazo ezisekhona phakathi kwemiphakathi.

Kwesinye isikhathi badlale bona labantu abasebenza  ezimpeshenini  babagqigqise laphana kuphele isikhathi eside bengayitholi  imali .

Kokunye okubalulekileyo ikakhulu ezindaweni zethu kusekhona lokhu Ngqongqoshe ukuthi abantu abahola  imali  babe nenkinga lena yokuvuka ebusuku eyoma  ulayini  umuntu omdala nokuthi noma ngabe izulu liyana noma liyashisa noma kunjani bama lapha kuze kube sebusuku.  Kusezinye zezinto bekungakuhle ukuthi umnyango lona kaNgqongqoshe uMntwana akubheke lokho.  Ngoba kusezinye zezinto ezisawukhathaza umphakathi.

Okunye okuvukayo la sengazukuthi nabasebenzi laba abasebenza ekutholeni yona  imali  lena abawenzi kahle umsebenzi ngendlela egculisayo.  Ezinye zezinto ezikhathazayo lezo.

Eminye yemindeni yokuthi umuntu omdala ngesinye isikhathi uyena ofaka isaka ekhaya uthole ukuthi ngokuvaleka kwayo  imali  uthole ukuthi akusayi lutho eziko.

Mayelana nezingane lezi okuthiwa kufanele zithole  imali  zigcine eminyakeni eyisikhombisa kuye kubekhona imindeni lapho okungekho noyedwa osebenzayo besekusweleka ukuthi lezozingane zizophiwani, zizodlani, kuzokwenzeka kanjani kulowomuzi.  Lowomuzi ufana nocishiwe, nomuzu ovalekileyo, ngoba akukho okungase kubasize.

Ngapha ezansi lapho esiqhamuka ngakhona kunezindawo abantu sebegqigqe isikhathi eside bethenjiswe ukuthi bazothola  imali   yempesheni .  Abanye baze badlale wona amaqola lawa ababhalise abakhokhise  izimali  athi azobatholela  izimpesheni .  Ngakhoke esinye sesikhalo lesi esisibhekise emnyangweni ukuthi bekungekhona yini ukuthi kubekhona iso.

Ngiyazi ukuthi konke lokhu Ungqongqoshe ngeke akwazi ukukuthola konke lokhu engikhuluma ngakho kodwa kuyinto ekhona emphakathini esenzeka.

Mayelana nabantwana laba abangasitholi kahle isondlo ngibona sengathi ezinye zezinto ezenza ukuthi batholakale sebehlala emgwaqeni sebengabantwana abangekho emakhaya. ngoba isondlo sabo sisuke singekho kahle-hle.

Okunye abazali kunemizi lapha eyondliwa ogogo nomkhulu abazali abangazithinti, abangekho ngisho nokubabikho eduzane, ize ingane igcine seyize yangena ezintweni lezi esizibonayo njengezidakamizwa nazozonke izinto ezifana nalezo kube kuyingane encane.  Ngoba isimo esikhulu kakhulu indlala.

Besikubhekisa kuMntwana ukuthi mayelana nalokhu ukuthi bengeke akubhekele yini kanye  ne-Department  yakhe lokhu akubhekele ngeso elibanzi.

Ngakhoke siyakucela ukuthi siyazi ukuthi amehlo  kaHulumeni  nomphakathi angaba usizo kulokhu.  Ngakho siyacela ukuthi kube into leyo okubhekisiswana nayo.  Uma ubona ngesinye isikhathi ukuthi ngakini kwenzeka into efana nalena ngoba ayizwakali kahle, izwakala iyinto elulazayo, ephoxa  uHulumeni  wethu.

Ngakhoke siyacela mayelana nombiko lona siwubonga kakhulu ukuthi kulungiswa lapha nalapha mayelana nezinto ezenzakalayo.  Siyacela ukuthi kube into lena engathi ukufakelwa kancane izibuko.  Sibone ukuthi ikhambi lini esingahlangabezana nalo mayelana nalokhu okwenzakalayo, sikucwaninge kahlehle.

ISIKHULUMI:  Ilunga selisalelwe umzuzu owodwa.  

MNUMZANE S MKHIZE:  Okunye okubalulekileyo okungeze kwasala kulokhu engizokubeka ukuthi okunye ebesingakucela  kuHulumeni   nakwikomiti  eliphathelene nalokhu ukuthi likubukisise kahle-hle isimo sona lesi sokuthi abantu badlala amaqola yonke indawo - ezikhungweni lapho kuholwa khona  izimpesheni  kusenakho ukuqola nokukhwabanisa okuningi okwenzakalayo.

Basekhona labobantu abarobha abanye abantu mayelana nendaba  yempesheni , basebaningi kakhulu abantu abayifa kwabanye abantu mayelana nesimo  sempesheni  sisonke.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 32 umugqai 30- ikhasi 35 umugqai 31]

Ekugcineni Mnumzane  Speaker , angibonge  ikomiti  lethu esisebenza nalo ngokuthula nokubambisana nangokuthi sihambela izindawo eziningi ikakhulukazi njengoba kade kunetha izimvula.  

Sihambile saya kobona abantu abakhukhulwe izikhukhula zamanzi, lokhu sikwenza ngokubambisana singafakanga  ipolitiki  phakathi.  Bengicela sengathi kungaqhubeka sisebenze njengoba sibambisene.  Ngiyathokoza.
[ ikhasi 38 umugqai 7-15]

NKOSIKAZI N IKHASI MOLEFE:  Mhlonishwa Baba Somlomo neNdlu yakho yabaHlonishwa futhi ehloniphekileyo.

Uzwakele umbiko kaBaba uNgqongqoshe.  UMhlonishwa ukhulume ngeNanda  Service Centre  mina njengomhlali waseNanda futhi njengolusha lakhona lokho sasikubiza  nge-IMC  ngalesosikhathi okwakusebenza ngaso.  Uxhaso olwalukhona  kwakuyizimali  ezazivela  kuHulumeni  omkhulu.  Inhloso yakho kwakungukusiza abantwana abavela  emajele  nalabo asebehambe isikhathi eside emakhaya besizwa ukuba basimamise izimilo zabo.

ENanda  kunehovisi  elilodwa eliseNanda  Newtown A  elibhekene nomphakathi waseNanda  owu 1,13m  okungumphakathi waseNanda  Mission , uMzinyathi, Osindisweni,  Etafuleni , naseNanda  eMaoti  iyonke.

Izolo kufike umyalezo othi kunabantu abawu-15 abaxoshiwe  kulelihovisi  ngenxa yokushoda kwabasebenzi bakhona.  Abasebenzi abakhona bane kuphela.   izimoto  zokuhamba abanazo,  i-computer  yokusebenza abanayo.  Baxoshelwe ukuthi abasebenzi abane baye  kwi-study leave , umsebenzi obekhona ubeyedwa kuphela uthe kulabobantu abobuya  ngo-March  ngonyaka ka-2000.

 Kunelokishi  labomdabu waseNdiya elakhelene neNanda osoNhlalakahle bakhona lapho  e-Phoenix  bayishumi nambili,  izimoto  zimbili, kunomabhalane abahlale bekhona kusona sonke isikhathi  samahora  okusebenza.  Baphekene nomphakathi omcane kakhulu kunowaseNanda.

KwaDukuza nakwaMaphumulo osoNhlalakahle bakulendawo bane kuphela  izimoto  zimbili abazisebenzisayo,  ama-computer  abanawo. Umphakathi walendawo wakhishwa kuloluhlelo okuthiwa uXoshindlala kwathiwa awubafanele isimo sakhona sihle impela.

Eminyakeni emibili kwabakhona into eyayibizwa ngokuthi  i-Social   Relief for Indian only  eyayibhekene nabaseNdiya kuphela.  Kunamanje leyonto isaqhubeka kodwa abaMnyama bakithi abasizwa ngalutho.

Izolo bekungcwatshwa ingane eneminyaka  ewu-eight  ishayiswe  imoto  echitha udoti phakathi kwemizi.  Osonhlalakahle abakaze bayoyivakashela lendawo.

Kunobufakazi  obusemaphoyiseni  akhona kwaDukuza ukuthi sekunezidumbu ezine zezingane ezitholakala emgqonyeni kadoti lapho abantu abacosha khona badle umphakathi wakwaDukuza.  Konke ukudla abakudlayo bakucosha lapho.

Nginxusa lezizinto ezilandelayo kuNgqongqoshe  nekomiti  ukuthi bazibheke.

*	Ukuthunyelwa kabusha koSonhlalakahle ezindaweni zonke  i-redeployment .
*	Kubhekisiswe izindawo ngezidingo zazo nalezo ezidinga ukuba zifakwe kuloluhlelo lukaXoshindlala ikakhulu kelendawo okuthi wa  ise-Port Shepstone .

ISIKHULUMI:  Ilungu lisalelwe umzuzu owodwa.  

NKOSIKAZI M IKHASI MOLEFE:  
*	Kuvalwe izikhala zalabo basebenzi uma bengekho ngokushesha.
*	Kufakwe uhlelo  lwe-IMC  kuzona zonke izindawo, lufakwe futhi nasohlelweni  lwezimali .
*	 Ama-Regional Offices  nabasebenzi bakhona bavakashele  ama-District .
*	Kube impoqo kubobonke oSonhlalakahle ukuba bafunde ukhuluma zonke izilimi ikakhulu lolu engilikhulumayo.
*	Umnyango ulungise futhi uvule ithuba lokubhalisa kabusha kwabantu abadala laba abahola  impesheni  nabakhubazekile.
*	Kuthunyelwe  oDokotela   bakaHulumeni   ama-District Surgeons  kuwowonke  ama-district  khathi abantu abafuna ukuthola  izimpesheni  basheshe bahlolelwe ukuthi kubalungele yini.  Ngiyabonga Baba Somlomo.
[ ikhasi 38 umugqai 21- ikhasi 40 umugqai 31]

MNUMZANE S N NXUMALO:  Baba Somlomo, ngithi angibonge lelithuba ngibonge lomnyango weZenhlalakahle, ngibonge uMhlonishwa uNgqongqoshe ngomsebenzi wakhe asewenzile kuze kube imanje ikakhulukazi ekulwisaneni nokukhwabanisa okukhona kulomyngo.

Sike sizwe njalo ekuseni uma sivula imisakazo yethu bekhuluma ngokuboshwa kukakotshi.  Nebala kusomqulu lona ophumile siyazibona izinombolo ezifakazela lokho.  Okunye futhi obekuvamise ukuthi sizwe njalo ukuthi  imoto  lena ethwala  imali  ibanjiwe inkunzi yathathwa  imali  yabantu abadala, kodwa manje sekuya ngokuncipha nakuba kusekhona lapha nalaphaya. 

Sengikushilo lokho kodwa ngithi ake ngisike elijikayo nje kengibeke amabala lapha nalaphaya ezintweni okufanele ukuthi lomnyango uzibhekele.  Okokuqala kukhona loluhlelo lokungcwaba abantu abasuke beshone bengenabani kuqala bekucacile bekwenza kahle kodwa manje ngathi sekunenkingana.  Sesike sathola ukuthi abantu ayisekho  imali  yokwenza lowomsebenzi lezinhlangano ebezikwenza abangcwabi sebevele bathi akusewona umsebenzi wabo  uHulumeni  akasenayo  imali .

Kwesinye isikhathi sike sabona isibonakaliso esibi kwenye indawo lapho sibone  amaphoyisa  ehamba nesidumbu ngeveni nje eyisikhevezi neziboshwa ngemuva kukhona isidumbu bafike bamba bamba basigqiba babuyela emuva umuntu engaziwa ukuthi owakabini lowo, kwenzenjani.

Mhlawumbe okunye sithi umnyango awukubheke ilama  queue  amade okuvukwa kuwona izintatha noma kuyolalelwa khona.  Kulezindawo uthola ukuthi izindlu zangasese zokuzikhulula azikho namanzi awekho kulezindawo, uma ekhona awanele ukumumutha umthamo wabantu abasuke bekhona.  Besithi umnyango awuyibhekisise lendaba.

Mhlawumbe lelisu alivumi yini ukusebenza kuleli  kule-Province  yethu  lezimali  uma zifakwa  emabhange  na.  Ngoba asikaze sibone abamhlophe bebamba  lama-queue  anjengawethu.  Nathi asiphucuzeke  savotela  impilo engcono.

MNUMZANE S N NXUMALO:  Okunye esithi akubhekisiswe uhlelo loku  aplaya  kwabantu abasuke bekhubazekile mhlawumbe abakhubazeke ukugula engathi loluhlelo luthatha isikhathi eside, luthi luqamba luphumelela abanye babo basuke bengasekho emhlabeni.  Okunye engingathi okokugcina ngci Mhlonishwa ukubandakanyeka  kwalamakomiti  akhona la  kwezezimpeshini  ukuthi yini umsebenzi wawo kahle kahle ngoba sesike sithole sesizwa kwezinye izindawo sekuthathwa  o-R2  kuzona izalukazi lezi, kwesinye isikhathi azithole sekuqoqwa  o-R10  kuthiwe kuzofika oNgqongqoshe abathile kuzona izalukazi lezi.  Umnyango akuke ukubhekisise lokhu ukuthi kuyenzeka yini nokuthi kunqandeke uma kwenzeka.

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekileyo seliphelelwe isikhathi.

MNUMZANE S N NXUMALO:  Bese kungokugcina Somlomo.  Ngiyabonga.
[ ikhasi 43 umugqai 8- ikhasi 44 umugqai 33]

Kodwa ngifisa ukusho ukuthi ubugebengu budlangile lapha ngaphandle, futhi abusozwe baqedwa umnyango wezenhlalakahle kuphela, kuyoqedwa ukuba sonke sihlanganise izindla.  Buyoqedwa ukuba sonke umthetho wezwe lakithi uqine uzwakale entanyeni yezigebengu.  Singasho ukuthi izigangi azinandawo emnyangweni wami.
[ ikhasi 49 umugqai 14- 19]

MNUMZANE W U NEL: ( WHIP ):  Ngiyabonga Baba Somlomo.  Baba kuyabonakala manje ukuthi  i-IFP  ayisabusi kulesifundazwe sakithi awubheke akasekho namhlanje.  Ngizwe omunye ethi mhlawumbe bajoyine  inyunyane  amalungu ahloniphekile ngoba ngalokho bayasiphatha namhlanje abekho.

Baba bengifuna ukubeka ukuthi nami senginovalo uma ngifika ekhaya sengifika ebusuku ngoba siyahlala lana kuze kuhwalale.  Kodwa izolo uma ngifika ekhaya ngifike sekumnyama.
[ ikhasi 55 umugqai 10-19]

MNUMZANE W U NEL: ( WHIP ):  Baba ngeke simthathe loyo.  [UHLEKO]  Izolo ntambama uma sengifika ekhaya sekumnyama kodwa ngifika sengibona ukuthi seliyaduma izulu.  Ngithi ngiyangena manje uMapholoba uthi awu kodwa namhlanje ngenzeni kanti.  Nikhulume nakhuluma kanti ngenzeni, uthi niyakhuluma kodwa asiboni lutho.

Uthi kimi kufuneka ngithathe umsebenzi wangempela ngizojwayela ukuthi kunjani lapha ngaphandle la kuhlala khona abantu esibamele khona la.

Uthi kukhona umthetho othize nothize  nama-policies ,  nama-enviroment   regulations , kodwa uma ubheka lapha  Municipality  awanamali futhi awanamandla okuzenza zonke lezizinto esishaya umthetho ngazo.  Uthi cha, uthi kimi  get real .
[ ikhasi 55 umugqai 25- ikhasi 56 umugqai 1]

MNUMZANE M M MACKENZIE: Baba Somlomo neNdlu ehlonishwayo.  Ngiyalibonga lelithuba ukuba ngethule okwami izinto engizozethula zithintana nohlelo olwalungiswa ngendlela esiyijwayele enhle kabi uNgqongqoshe u-Singh mhla uthula la izolo imininingwane ethintana nezindaba zokulima.
[ ikhasi 73 umugqai 31-35]

umphakathi uyakudinga.  Uma ngikhuluma lapha Mhlonishwa Somlomo ngabalimi, ngikhuluma ngabalimi abamhlophe kuphela engicabanga ukuthi  u-Minister  ohloniphekile mhlawumbe enomnyango wakhe angawenza amasu okuthi basizakale nalababalimi abamnyama abancanyana abazamayo nabo ukukhula.

Kulukhuni ukuthi bakhule ngoba bakhelene  namaplazi  lawa amakhulu abamhlophe, noma bethi bafuna ukuthenga bavele bathi laba amamhlophe  R1m .  Mhlawumbe uma kungenziwa  amaplani  okuthi bathenge ngengxenye...

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekile lisele nomzuzu.

MFUNDISI N W NGCOBO:  Babe benethuba lokuthi ngesikhathi esilandelayo baphinde bathenge.  Ukhulumile uMhlonishwa nangoXoshindlala kuyithuba elihle leli likaXoshindlala singejabula uma ngabe uzohamba yonke indawo afike naseMzumbe nakhona ikati lilele eziko.
[ ikhasi 75 umugqai 9-29]

Somlomo njengoba sike sabona lapha ngasendaweni yeNkosi uMlaba kwaXimba la kunefemu khona okuthiwa  i-Thor  sizwile futhi sisezwa namanje nangasendaweni yaseThekwini eyakhele  i-Wentworth  lapho umphakathi wakhona uhlushwa yizona lezinkinga.

[ ikhasi 80 umugqai 22-26]

 Lastly /okokugcina, kukhona  amahovisi  lawa abekhona ezolimo athe chithi sakalala ebesazi ukuthi ezikhathini zakudala ebesebenza kahle.  Okumanje lama  ofisi  asenenkinga sekukhona ukudideka emiphakathini ngoba imisebenzi ebiyenziwa ilama  ofisi  ayisakwazi ukuyenza njalo imiphakathi uma ifika izocela usizo batshelwa ngokuthi  izimali  azikho zokwenza lomsebenzi soze sibonelwe  ihovisi  laseShowe.

Belikwazi ukusiza abantu abafuna amanzi, abafuna ukubiyelwa kwezingadi zabo...

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekileyo lisalelwe umzuzu.

MNUMZANE S N NXUMALO:  Okumanjenje lababantu abasakwazi ukuthola usizo.  Abanye abantu abebethola usizo ilaba abalima izimoba abebekwazi ukuthi imigwaqo lena ephakathi komoba igugulwe bakwazi ukudonsa umoba iphumele ngaphandle, bakwazi ukuyoyidayisa baphile.

Okokugcina sengivala Mnumzane  Speaker  ilena yokuthi socela ukuthi uNgqongqoshe agqugquzele lolobumbano ekufuyeni, ukulima senza ukuthi izindawo lezi esihlala kuzona abantu bakwazi ukuthi bafuye izinto zokuziphilisa ezindaweni abahlala kuzona kunokuthi bathenge  amaplazi  lawa abizayo amakhulu.  

[ ikhasi 83 umugqai 30- ikhasi 84 umugqai 20]

ngifisa ukubonga kuwowonke amalungu abambe iqhaza  kwimashi  esibe nayo namhlanje, kusithokozisile ukubona amalungu enza lokhu nokuba abe ingxenye yomphakathi kuyinto enhle lokho.  Ngiyafisa ukubonga emalungeni ngalokho.

[ ikhasi 89 umugqai 16-20]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngiyabonga Baba Somlomo, neNdlu yakho ehloniphekile.   Kule-motion  ebekwe phambi kwaleNdlu ehloniphekile idinga  ukuthi amalungu ahloniphekile aleNdlu acabange kakhulu uma ekhuluma  ngale-motion .

Okokuqala mina David Ntombela ngiyavuma ukuthi akubekhona izithombe zababusi beLanga banamhlanje  njengo-State President , noMhlonishwa uNdunankulu wesifundazwe uMantshinga.  Kodwa ngicabanga ukuthi asiqaphele ukuthi uma kungakhona noma ubani ongaba nesiphakamiso othi akususwe izithombe ezikhona njengamanje zamaqhawe.  Amaqhawe lawa engikhuluma ngawo uma ubheka leNdlu yala Ondini amaqhawe enza ukuba thina sibekhona kulomhlabathi kulelizwe esalinikwa uNkulunkulu.

Asikho isithombe esithathwa kumuntu odoba izinhlanzi laphaya sizobhadekwa la, kodwa kuthathwa amaqhawe enza ukuba isizwe lesi esikhona esinamalungu  ePhalamende  namhlanje yizo lezizinto ezenza ukuba kufakwe lezithombe enizibonayo.

Ngiyazi ukuthi umfaki  wale-motion  kungenzeka ukuba akakuqondile lokho kodwa uma ekuqondile lokho ngithi akabheke ukuthi umlando wona akufakwa noma ubani ngaphandle kokuba umlando waleyondoda noma leyontombi eyawenza kulengabadi uyafakwake lapho.

ISIKHULUMI:  Ilungu elihloniphekile selisele nomzuzu nje.

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Ngifisa ukukubeka kucace ukuthi Baba Somlomo siyakuvuma ukuthi kubekhona izithombe zabanye abaholi bezwe ezingekho njengamanje.  Ngakho Baba Somlomo ngithi siyakweseka lokho kodwa asikho isithombe okufanele sisuswe lapha, kodwa lokho asingeze sakuvuma njengamanje.

 UJesu Kristu  washo ebhayibhelini elingcwele wathi; "Angizile ukuzochitha kodwa ngizogcwalisa".  Uma kukhona izithombe zabaholi okufanele ukuthi zizofakwa eNdlini  zePhalamende   e-Maritzburg  nala akufakwe lezozithombe phezu kwezithombe ezikhona ngoba zikhona, ngoba silandela umbalo kaJesu othi; "Angizile ukuzochitha kodwa ngizogcwalisa". 

LeNdlu umangase ingiseke kulokho kufanele sikhulume ngezwi elilodwa.  Ngiyathokoza Baba.
[ ikhasi 130 umugqai 16- ikhasi 131 umugqai 13]

asisebenzise amagama alungile kuwona wonke amalungu ahloniphekileyo kuzosisiza lokho lungu elihloniphekileyo, ngoba uma sizobizana ngezicalo ezithile kuyasilimaza lokho ngoba kudala leNdlu igcine ingahloniphani.  Ngakho ngizocela sisebenzise amagama ahloniphayo ngoba singamalungu ahloniphayo.   Thank you .

Ngakho-ke kubalulekile ukuthi abaholi uma besayina izivumelwano zokubambisana basibize nathi thina esiphansi bazokhipha lomoya esafakwa wona wokucoboshisa ukuze sikwazi ukubambisana nabo  kwi-peace   and   stability . 

[ ikhasi 151 umugqai 36- ikhasi 152 umugqai 8]

MFUNDISI N W NGCOBO:  Somlomo, kuyangithokozisa ukusho ukuthi lenkulumo mpikiswane yenziwe futhi yenzeka ngesikhathi ngempela, ngempela edingeka ngaso.  Lapho ngicabanga ukuthi wonke umuntu oyilungu laleNdlu nomake omunye umuntu osemgwaqeni uyakudinga ukubambisana, lokho kuyophumelelisa izimfuno nezinswelo zethu, nezabantu abasilandelayo kulesifundazwe  saKwaZulu-Natali .

Nomake ngempela, ngempela lokho kubiza intengo enkudlwana mhlawumbe kunalokho ebesingakufisa noma ebesingacabanga ngakho, ngoba ukubambisana kwempela nalokho okuyoba ilokho esikudingayo kuyobiza kuqala ukuzwana, nokubambisana, nokuhloniphana kungaze kwashiwa ngaphandle.

Ngikusho lokhu ngiqonda kahle ukuthi ngaphambi kokuthi umuntu akhone  noma akwazi ukuhlonipha omunye umuntu kufanele aqale afunde noma akwazi ukuzihlonipha yena uqobo lwakhe.  Ngempela, ngempela Somlomo uma ngikhuluma ngokubambisana kuyihlaya futhi kungibanga amahloni uma ucabanga ngalezozinto ezenzakalayo nezibukwayo uma kuhanjelwe khona ezindaweni ezisuke zikhungethwe udlame lwezombusazwe nomake nje imibango yasemakhaya.

Mhlawumbe lapho kubonakala sekuyithuba lokukhankasa kanye mhlawumbe nokuveza ngendlela thize ukuthi nginabalandeli abaningi kuleyondawo, kuphume ukuthi aphume amalungu ehamba eyisigungu ekanye-kanye  njengoHulumeni  kuyovela ubuqembu phambi kwabantu.

Sengigcina ngifisa ukuba ngisho ukuthi, sicabange ukuthi lapha sonke kulenkundla noma kuleNdlu yakho ehloniphekile sisebenzela ukumelana nobuphofu, izifo nokungazi nokunye nokunye okufana nalokho.  Kodwa mhlawumbe singahamba ngemigomo efanayo kodwa singahambi ngezindlela ezifanayo ngokwemigomo esiyimele emaqenjini esivela kuwona.

MFUNDISI N W NGCOBO:  Ngiyabonga dadewethu.  Mhlawumbe indlela esiziphatha ngayo singathi uma sihamba lendlela yokusiza abantu kodwa sehluleke noma sihluleke ukuhamba ngemiqondo efanayo ngenxa yokuthi izakhiwo zamaqembu ethu zingafani.  Ngiyabonga kakhulu.
[ ikhasi 152 umugqai 14- ikhasi 153 umugqai 14]

Kwaba isicelo  s ama-members   ukuthi kubekhona lelidili likaMkhipheni.  Ngakho ngicabanga ukuthi wonke  ama-members  azoba khona lapha ngizokwenza  irejista   ama-members  angekho ngizobona ukuthi kusho ukuthi ayengikhohlisa uma ethi afuna ukuba khona, ngibone ukuthi wonke aphelele lapha ngakhoke ngiyajabula.
[ ikhasi 167 umugqai 34- ikhasi 168 umugqai 1]

MNUMZANE T M SHABALALA:  Ndabezitha ngithokoza kakhulu onyakeni nabaHlonishwa bonke abakhulumile sesifika ekuphethweni kwalonyaka.  Ebunzimeni bonke esibe nabo okuhle nokubi, sifunda siyaphambili ngane zakwethu.  Ngithi uNkulunkulu abe nathi size siphinde sibonane onyakeni ozayo.

Siyalazi usizi olubhekene nabaholi bebulawa ngapha nangapha, nabantu bebulawa ngapha nangapha sithi engathi singaphuma la siyoshumayela ukuthula, sibhekane nokudala ukuthula ezindaweni zethu.  UNkulunkulu asibusise sonke,  Amen .
[ ikhasi 202 umugqai 22-32]

MNUMZANE S N NXUMALO:  Baba Somlomo, ngithi angisukume nokubonga ngibongele uMhlonishwa uNgqongqoshe womnyango ngombiko wakhe omuhle obekwe ngobunyonicwa nangesisoka.

Nakuba umbiko umuhle ngithi akengiphawule lapha nalaphaya nami ngizoke ngithande ukusika elijikayo lapha  e-Colenso .  Angibonge umsebenzi osuwenziwe lapha  e-Colenso .  Yaxoxwa kakhulu lendaba  kwi-sitting  edlule kwathunyelwa uMsekeli,  iriphothi  yinhle ukuthi uMsekeli yini aseyenzile lapha.

Kodwa umbuzo enginawo ukuthi uMsekeli lo uzohlala isikhathi esingakanani laphaya  e-Colenso .  Nanokuthi kuyoba nini la lapho  iKhansela  noma  i-TLC   yase-Colenso  iyokwazi khona ukuzimela izenzele umsebenzi wayo ngaphandle koMsekeli.

Okunye ebengithi angikuthi qaba qaba ilokhu  kwe-transfer   of staff , lapho kudluliselwa khona  i-staff .  Kuyangimangaza kanti futhi kuyangidumaza ukuthi kanti nangalesikhathi ayikakaqedwa  le-process  yokudluliswa  kwe-staff , ngoba sekunezinkingake manje.  Ngike ngathi ukuthi hulukuqu kwelaseShowe ngake ngaba  iKhansela   kuleladolobha  ngathola ukuthi namanje  i-staff  asikakadluliswa sidluliswa kulomkhandlu.  Lokho sekwenza ukuthi kube lukhuni ukusebenza.

Uma uxoxa  ne-staff  salapha sithi  ngokwezinombolo  ezibhalwe phansi baningi abantu abaqashiwe, bayahola futhi, kodwa uma sekuyosetshenzwa uthi ubala amakhanda awaveli wonke lamakhanda.  Kanti  le-TLC  ayikwazi ukuthi iyilandele kahle lento ngoba labantu baqashwe  i-Province .  Ebesithi-ke namhlanje umnyango awuke uyibhekisise lendaba yokudluliselwa  kwe-staff .

Mhlawumbe okunye okungikhathazayo ilento  ye-Y2K ,  le-Y2K  kukhona abantu asebechithe  izimali  zabo ngokungenasidingo.  Ngike ngathola ukuthi kwezinye izindawo sekuthengwe  ama-generator  amakhulu  namathangi  abantu bazitshela ukuthi la emkhandlwini uma kushaya u-31  December  kuyovele kunqamuke yonke into.

Mhlawumbe akesithi umnyango akuwenze umkhankaso ke kumenyezelwe ukuthi cha ayikho lento abantu abazonge  lezimali  zabo ziyadingeka abazisebenzise kokunye.  Ngoba uthola ukuthi abanye abenza lokhu iwo  ama-department   kaHulumeni  kuphela.

ISIKHULUMI:  Ilungu selisalelwe umzuzu

MNUMZANE S N NXUMALO:  Mhlawumbe kulomzuzu owodwa osusele ngithi angiwubonge umbiko wonke ngiwuncome ngithi qhubeka nokwenza umsebenzi wakho ngokuzimisela Ngqongqoshe.  Bese sithi ungene  ngestebhu  kulonyaka ozayo,  kule-millennium  ukuthi ushayine isisoka.
[ ikhasi 205 umugqai 7- ikhasi 206 umugqai 19]

MNUMZANE T D NTOMBELA:  Somlomo, ngicabanga ukuthi uma silana ilungu uma likhuluma  li-debater  kuloludaba esikhuluma ngalo, ngicabanga ukuthi kuhle sizwe sonke.  Manje asizwa ngendlela asheshisa ngayo uthi  pa pa pa pa  manje asizwa sonke akakhulume kuzwakale. [UHLEKO]  
[ ikhasi 211 umugqai 7-10]

ISIKHULUMI:   Order !   Order ,  hon member !   Order !   Order, please !   Order !  Ngifisa ukukhumbuza ilungu elihloniphekileyo uMnumzane uMchunu ukuthi imina ophethe la, okufanele ahlale phansi nongahlali phansi imina engishoyo.  Ngicela ukusizwa kulokho ngicela singawubangi lomsebenzi.  Imina engizosukumisa abantu imina engiyothi abahlale phansi abantu, asingawubangi lomsebenzi, asingaqali umbango.
[ ikhasi 213 umugqai 3-8]

ISIKHULUMI:   Thank you .  Ngizicela ukukhumbuza amalungu ukuthi ngenxa yesikhathi ngibe sengikhuleka ukuthi ukudla banilungisele kuhlale kushisa nje, ngase ngihlela nanokuthi ngenxa yokuthi amanzi awamahle ngase nginitholela amanzi amahle.  Awu bakithi kumnandi ukuba nomusa.  
[ ikhasi 225 umugqai 29-33]

 cov 1099:

ISESHINI YOKUQALA

UKUHLALA KOKUQALA KUYA		OJWAYELLKILE	NHLANGULELA 1999
KOKWESIKHOMBISA						KUYA ZIBANDLELA
									1999

UMQULU 10








